UZakariya Chapter 2
1
Ngaphakamisa amehlo ami , ngabona; bheka, nango umuntu enentambo yokulinganisa esandleni sakhe.
2
Ngathi: Uya ngaphi? Wathi kimi: Ngiya ukulinganisa iJerusalema , ngibone ukuthi bungakanani ububanzi balo, bungakanani nobude balo.
3
Bheka, ingelosi eyayikhuluma nami yayisiphuma , nenye ingelosi yaphuma ukuyihlangabeza,
4
yathi kuyo: Gijima ukhulume kule nsizwa ukuthi iJerusalema liyakwakhiwa njengemizi engenanzingange ngenxa yobuningi babant u nezinkomo okuphakathi kwalo.
5
Kepha mina, usho uJehova, ngiyakuba lugange lomlilo kulo nxazonke, futhi ngibe yinkazimulo phakathi kwalo.
6
Hheyi, hheyi, balekelani izwe lasenyakatho ! usho uJehova , ngokuba nginihlakazile njengemimoya yomine yezulu, usho uJehova.
7
Hheyi, zikhulule, uye eSiyoni, wena ohlezi nendodakazi yaseBabele!
8
Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti ongithumile ukulanda inkazimulo yakhe ezizweni ezaziniphanga ngokuba othinta nina uthinta inhlamvu yeso lakhe uthi:
9
Bhekani, ngiyakuqhweba ngesandla phezu kwabo , babe yimpango yababebakhonza, nazi ukuthi nguJehova Sebawoti ongithumileyo.
10
Hlabelela ngokujabula, uthokoze, ndodakazi yaseSiyoni, ngokuba bhekani, ngiyeza, ngiyakuhlala phakathi kwakho, usho uJehova.
11
Izizwe eziningi ziyakuzi hlanganisa noJehova ngalolo suku , zibe ngabantu bami; ngiyakuhlala phakathi kwakho , wazi ukuthi nguJehova Sebawoti ongithumile kuwe.
12
UJehova uyakudla ifa lakwaJuda , libe yisabelo sakhe ezweni elingcwele , abuye akhethe iJerusalema.
13
Thula, nyama yonke , phambi kukaJehova , ngokuba uvukile, waphuma endaweni yakhe engcwele.