UZakariya Chapter 3
1
Wayesengibonisa uJoshuwa umpristi omkhulu emi phambi kwengelosi kaJehova, noSathane emi ngakwesokunene sakhe ukumelana naye.
2
UJehova wathi kuSathane: UJehova uyakukukhuza, Sathane, yebo, uJehova olikhethile iJerusalema uyakukukhuza ; lo akasiso isikhuni esophulwe emlilweni na?
3
UJoshuwa wayembethe izingubo ezingcolileyo; wayemi phambi kwengelosi.
4
Yathatha yasho kwababemi phambi kwayo , yathi: Mkhumuleni izingubo ezingcolileyo. Kuyena yathi : Bheka, ngidedisile kuwe ububi bakho ; ngiyakukwembathisa ezobukhosi.
5
Ngase ngithi : Mababeke isigqoko esihlanzekileyo ekhanda lakhe . Base bebeka isigqoko esihlanzekileyo ekhanda lakhe , bamembathisa izingubo , ingelosi kaJehova isemi khona.
6
Ingelosi kaJehova yagomela kuJoshuwa, yathi:
7
Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: Uma uhamba ngezindlela zami, ugcine inkonzo yami , uyakwahlulela endlini yami , ugcine namagceke ami ; ngiyakukunika ukuba uhambe phakathi kwalaba abemi lapha.
8
Ake uzwe , Joshuwa, mpristi omkhulu , wena nabangane bakho abahlala phambi kwakho , ngokuba bangabantu abayisibonakaliso : bhekani, ngiyakuveza inceku yami, uHlumela.
9
Ngokuba bheka , itshe engilibeke phambi kukaJoshuwa kukhona amehlo ayisikhombisa etsheni lilodwa ngiyakuqopha ukuqoshwa kwalo , usho uJehova Sebawoti, ngidedisele kude ububi balelo zwe ngalusuku lunye.
10
Ngalolo suku, usho uJehova Sebawoti, niyakumema, kube yilowo nalowo umngane wakhe phansi komvini naphansi komkhiwane.