Skip to Content

UZakariya Chapter 4

1 Ingelosi eyayikhuluma nami yabuya , yangivusa njengomuntu evuswa ebuthongweni bakhe. 2 Yathi kimi: Ubonani na? Ngathi: Ngibona, bheka, uthi lwezibani luyigolide lonke, lunembizana yalo phezu kwal o, nezibani zalo eziyisikhombisa zikulo ; kukhona imibhobho eyisikhombisa kuleso naleso sibani esiphezu kwalo, 3 neminqumo emibili eseceleni kwalo , omunye ungakwesokunene sembizana, nomunye ungakwesokhohlo sayo. 4 Ngathatha ngasho kuyo ingelosi eyayikhuluma n ami, ngathi: Ziyini lezi , nkosi? 5 Ingelosi eyayikhuluma nami yaphendula , yathi kimi : Awazi yini ukuthi ziyini lezi? Ngathi: Qha, nkosi. 6 Yayisithatha isho kimi , ithi: Lokhu kuyizwi likaJehova kaZerubabele lokuthi: Kungabi ngempi , kungabi ngamandla , kepha kube ngomoya wami kuphela, usho uJehova Sebawoti. 7 Ungubani wena ntaba enkulu ? Phambi kukaZerubabele uyakuba yithafa ; uyakukhipha itshe eliyinhloko ngokumemeza ukuthi: Umusa, mawube kulo! 8 Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: 9 Izandla zikaZerubabele zibe ke isisekelo sale ndlu , futhi izandla zakhe ziyakuyiqeda, wazi ukuthi nguJehova Sebawoti ongithumile kini. 10 Ngokuba ngubani oyakudelela usuku lwezinto ezincane , lapho ethokoza lawa mehlo ayisikhombisa kaJehova aqalaza emhlabeni wonke ukubona umthofu wokumisa esandleni sikaZerubabele, na? 11 Ngase ngithatha , ngithi kuyo : Iyini le minqumo emibili ngakwesokunene sothi lwezibani nangakwesokhohlo salo na? 12 Ngathatha ngokwesibili, ngathi kuyo : Ayini lawa magatsha amabili eminqumo aseceleni kwemibhobho emibili y egolide, athululwa ngayo amafutha egolide na? 13 Yangiphendula yathi: Awazi ukuthi ayini? Ngathi: Qha, nkosi. 14 Yayisithi: Lawa angabagcotshiweyo ababili abemi ngaseNkosini yomhlaba wonke.