UZakariya Chapter 5
1
Ngabuye ngaphakamisa amehlo a mi, ngabona; bheka, nanko umqulu wencwadi ondizayo.
2
Yathi kimi : Ubonani na ? Ngathi: Ngibona umqulu wencwadi ondizayo , ubude bawo buyizingalo ezingamashumi amabili , nobubanzi bawo buyizingalo eziyishumi.
3
Yayisithi kimi : Nasi isiqalekiso esiphumela ebuswe ni bomhlaba wonke , ngokuba ngokusho kwaso bonke abebayo bayakunqunywa lapha, nabo bonke abafungayo bayakunqunywa lapha ngokusho kwaso.
4
Ngiyakusiphumisa, usho uJehova Sebawoti , S ingene endlini yesela nasendlini yofunga amanga ngegama lami , sihlale phakathi kwendlu yakhe , siyiqede kanye nemithi yayo namatshe ayo. Owesifazane ose-efeni*
5
Yayisiphuma ingelosi eyayikhuluma nami , yathi kimi : Ake uphakamise amehlo akho, ubone ukuthi kuyini lokhu okuphumayo.
6
Ngathi: Kuyini? Yathi: Lokhu kuyi -efa eliphumayo . Yabuye yathi : Lokhu kungububi babo ezweni lonke.
7
Bheka, isisibekelo somthofu saziphakamisa, kwakungowesifazane owahlala phakathi kwe-efa.
8
Yathi: Lokhu kungububi. Wamphonsa phakathi kwe -efa, waphonsa isisindo somthofu emlonyeni walo.
9
Ngase ngiphakamisa ameh lo ami , ngabona; bheka, kwaphuma abesifazane ababili, umoya usemaphikweni abo ; babe namaphiko njengamaphiko kanogolantethe, baliphakamisa i-efa emkhathini wezulu nomhlaba.
10
Ngase ngithi kuyo ingelosi eyayikhuluma nami: Laba baliyisaphi i-efa na?
11
Yathi k imi: Ukulakhela indlu ezweni laseShineyari ; isilungisiwe liyakubekwa khona endaweni yalo.