Skip to Content

2 AmaKhosi Chapter 19

1 Kwathi inkosi uHezekiya ikuzwile lokho , yaklebhula izingubo zayo , yazembesa indwangu yamasaka, yangena endlini kaJehova. 2 Yathuma u-Eliyakimi owayephezu kwendlu, noShebina umbhali, namalunga abapristi, bembeswe izindwangu zamasaka , ku-Isaya u mprofethi, indodana ka-Amose. 3 Bathi kuye : Usho kanje uHezekiya , uthi: Lolo suku lungusuku losizi nolokusolwa nolokudelelwa , ngokuba abantwana sebefikile ekuzalweni , kepha amandla okubeletha awakho. 4 Mhlawumbe uJehova uNkulunkulu wakho uyakuzwa onke amazw i kaRabi Shake othunywe yinkosi yase-Asiriya, inkosi yakhe , ukweyisa uNkulunkulu ophilayo, asole amazwi uJehova uNkulunkulu wakho awezwileyo ; ngalokho phakamisela insali esafunyanwayo umkhuleko wakho. 5 Izinceku zenkosi uHezekiya sezifikile ku-Isaya, 6 u-Isaya wathi kuzo : Niyakusho kanje enkosini yenu , nithi: U sho kanje uJehova, uthi: Ungesabi lawo mazwi owezwileyo , izinceku zenkosi yase - Asiriya ezingithuke ngawo. 7 Bhekani, ngiyakubeka umoya kuyo , izwe amahemuhemu , ibuyele ezweni lakubo, ngiyiwise ngenkemba ezweni lakubo. 8 Wayesebuya uRabi Shake , wafumana inkosi yase -Asiriya ilwa neLibina , ngokuba wayezwile ukuthi isukile eLakishi. 9 Kepha isizwile ngoTirahaka inkosi yaseKushe ukuthi : Bheka, uphumile ukulwa nawe, yabuye yathuma izithunywa kuHezekiya, yathi: 10 Niyakukhuluma kanje kuHezekiya inkosi yakwaJuda , nithi: UNkulunkulu wakho omethembayo makangakukhohlisi ngokuthi iJerusalema aliyikunikelwa esandleni senkosi yase-Asiriya. 11 Bheka, wena uzwile okwenziwe ngamakhosi ase-Asiriya kuwo onke amazwe ngokuwachitha; pho, wena uyakophulwa na? 12 Onkulunkulu balezo zizwe ezachithwa ngobaba , iGozani, neHarana, neResefi, nabantwana base-Edene abaseThelasari, bazophula na? 13 Iphi inkosi yaseHamati , nenkosi yase -Aripadi, nenkosi yomuzi waseSefarivayimi, naseHena, nase-Iva, na? 14 UHezekiya wayamukela incwadi esandleni sezithunywa , wayifunda; uHezekiya wayesenyukela endlini kaJehova, wayeneka phambi kukaJehova. 15 UHezekiya wakhuleka phambi kukaJehova , wathi: Jehova Nkulunkulu ka- Israyeli ohlezi phezu kwamakherubi , wena un guNkulunkulu, wena wedwa , wemibuso yonke yomhlaba, wena wenzile izulu nomhlaba. 16 Beka, Jehova, indlebe yakho , uzwe; vula amehlo akho , Jehova, ubone, uzwe amazwi kaSaneheribi athume ukweyisa ngawo uNkulunkulu ophilayo. 17 Yiqiniso, Jehova; amakhosi ase-Asiriya achithile izizwe namazwe azo, 18 alahlile onkulunkulu bawo emlilweni , ngokuba babengesibo onkulunkulu , babe ngumsebenzi wezandla zomuntu kuphela , umuthi namatshe; ngalokho abachithile. 19 Manje, Jehova Nkulunkulu wethu , ake usisindise esandleni sakhe u kuba yonke imibuso yomhlaba yazi ukuthi wena Jehova unguNkulunkulu , yebo, wena wedwa. 20 U-Isaya indodana ka -Amose wathumela kuHezekiya , wathi: Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka -Israyeli, uthi: Lokho okukhuleke kimi ngoSaneheribi inkosi yase-Asiriya ngikuzwile. 21 Nanti izwi uJehova alikhulumile ngaye: Ikudelele yakuhleka usulu intombi, indodakazi yaseSiyoni; ikunikinele ikhanda indodakazi yaseJerusalema. 22 Weyise bani, wathuka bani, na? Uphakamisele bani izwi lakho , wabhekisa phezulu amehlo akho, na? NgoNgcwele ka-Israyeli! 23 Ngesandla sezithunywa zakho uyijivazile inkosi , wathi: Ngobuningi bezinqola zami ngenyuke mina phezulu ezintabeni ngaphakathi kweLebanoni; ngigawula imisedari yalo emide nemisayipuresi yalo ekhethekileyo ngangena endaweni yalo yokugcina nasehlathini lalo eliminyeneyo. 24 Ngemba, ngaphuza amanzi angaziwayo; ngomisa ngamathe onyawo lwami yonke imifula yaseGibithe. 25 Awuzwanga ukuthi kade ngakuhlela na? Emihleni yasendulo ngakunquma; manje sengikulethile ukuba uchithe imizi ebiyelweyo, ibe yizinqwaba. 26 Abakhe kuyo babe namandla amancane , besaba, bajabha; baba njengotshani basendle , nembali notshani obuluhlaza , nokuluhlaza ezimpahleni zezindlu, namabele ahamukile engakakhuli. 27 Kepha ukuhlala kwakho , nokuphuma kwakho , nokungena kwakho ngiyakwazi, nokubhovumula kwakho ngami. 28 Ngenxa yokubhovumula kwakho ngami , nangokuba ukuzidla kwakho kwenyukele ezindlebeni zami, ngiyakubeka ingwegwe yami emakhaleni akho netomu lami emlonyeni wakho, ngikubuyise ngendlela oweza ngayo. 29 Lokhu kuyakuba yi sibonakaliso kuwe : Niyakudla ngalo mnyaka okuzikhulelayo, nangomnyaka wesibili isihlabane, nangomnyaka wesithathu hlwanyelani, nivune, nitshale izivini, nidle izithelo zazo. 30 Abasindileyo bendlu yakwaJud a abaseleyo bayakubuye bagxile phansi , bathele izithelo phezulu. 31 Ngokuba kuyakuphuma eJerusalema insal i nasentabeni yaseSiyoni abayakusinda; ukushisekela kukaJehova kuyakufeza lokho. 32 Ngalokho usho kanje uJehova ngenkosi yase -Asiriya, uthi: Ayiyikungena kulo muzi , ayiyikucibishela mcibisholo khona ; ayiyikubhekisa kuwo isihlangu, ayiyikunqwabela iduli ngakuwo. 33 Indlela eyafika ngayo , iyakubuya ngayo ; ayiyikungena kulo muzi , usho uJehova. 34 Ngiyakuwuvikela lo muzi ukuba ngiwusindis e ngenxa yami nangenxa yenceku yami uDavide. 35 Kwathi ngalobo busuku kw aphuma ingelosi kaJehova , yabulala ekamu labase-Asiriya abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayishiyagalombili nanhlanu; sekuvukwa ngakusasa, bheka, kwakuyizidumbu zodwa ezifileyo. 36 Wayesesuka uSaneheribi inkosi yase -Asiriya, wahamba, wabuya, wahlala eNineve. 37 Kwathi ekhuleka endlini kaNisiroki unkulunkulu wakhe , o-Adirameleki noSareseri bambulala ngenkemba , babalekela ezweni lase -Ararati. U-Esari Hadoni indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.