Skip to Content

2 AmaKhosi Chapter 20

1 Ngalezo zinsuku uHezekiya wagula, wayephansi kokufa . Kwafika kuye u - Isaya umprofethi, indodana ka-Amose, wathi kuye: Usho kanje uJehova, uthi: Yalela indlu yakho, ngokuba uyakufa, awuyikusinda. 2 Wayesephendulela ubuso bakhe odongeni, wakhuleka kuJehova, wathi: 3 Ngiyacela, Jehova: ake ukhumbule ukuthi ngihambile phambi kwakho ngeqiniso nangenhliziyo epheleleyo , ngenzile okuhle emehlweni akho . Wayesekhala uHezekiya ngokukhala okukhulu. 4 Kwathi u -Isaya engakaphumi emzini ongaphakathi , izwi likaJehova lafika kuye, lathi: 5 Buya, uthi kuHezekiya umholi wabantu bami : U sho kanje uJehova uNkulunkulu kaDavide uyihlo , uthi: Ngizwile umkhuleko wakho , ngibonile izinyembezi zakho ; bheka, ngiyakukuphilisa; ngosuku lwesithathu uyakwenyukela endlini kaJehova. 6 Ngiyakwenezela ezinsukwini za kho iminyaka eyishumi nanhlanu , ngikophule wena nalo muzi esandleni senkosi yase -Asiriya; ngiyakuwuvikela lo muzi ngenxa yami nangenxa yenceku yami uDavide. 7 Wathi u -Isaya: Landani isigaxa samakhiwane . Basilanda, basibeka ethumbeni, wasinda. 8 Wayesethi uHezekiya ku-Isaya: Siyakuba yini isibonakaliso sokuthi uJehova uyangiphilisa nokuthi ngiyakwenyukela endlini kaJehova ngosuku lwesithathu na? 9 Wathi u-Isaya: Lesi siyakuba yisibonakaliso kuwe esivela kuJehova sokuthi uJehova uyakukwenza lo kho akukhulumileyo : isithunzi siyakuya phambili izinyathelo eziyishumi, noma siyakubuya izinyathelo eziyishumi na? 10 UHezekiya wathi : Kulula kuso isithunzi ukuba selule izinyathelo eziyishumi; qha, isithunzi masibuye izinyathelo eziyishumi. 11 U-Isaya umpro fethi wakhala kuJehova , wasibuyisa isithunzi izinyathelo eziyishumi ebesizehlile ezinyathelweni zika-Ahazi. Izithunywa zaseBabele 12 Ngaleso sikhathi uMerodaki Baladani indodana kaBaladani , inkosi yaseBabele, wathuma abanezincwadi nesipho kuHezekiya , ngokuba wayezwile ukuthi uHezekiya kade egula. 13 UHezekiya wabalalela , wababonisa yonke indlu yengcebo yakhe , isiliva, negolide, namakha, namafutha amahle, nendlu yezikhali zakhe, nakho konke okwafunyanwa engcebeni yakhe ; akubangakho nto endlini yakhe nasembusweni wakhe wonke angababonisanga yona. 14 Wayesefika u -Isaya umprofethi enkosini uHezekiya , wathi kuye : Batheni labo bantu ; beze kuwe bevelaphi na ? Wathi uHezekiya: Bavela ezweni elikude eBabele. 15 Wayesethi: Baboneni endlini yakho na ? UHezekiya wathi : Babone konke okusendlini yami; akukho nto phakathi kwengcebo yami engingababonisanga yona. 16 U-Isaya wathi kuHezekiya: Yizwa izwi likaJehova: 17 Bheka, izinsuku ziyeza , lapho konke okusendlini yakho nalokho oyihlo abakubekelele khona kuze kube namuhla kuyakuyis wa eBabele; akuyikusala lutho, usho uJehova. 18 Nasemadodaneni akho ayakuphuma kuwe , oyakuwazala, bayakuwathatha abe yizinceku endlini yobukhosi yenkosi yaseBabele. 19 Wayesethi uHezekiya ku-Isaya: Lihle izwi likaJehova olikhulumileyo. Wathi futhi: Akunjalo, uma kuyakuba khona ukuthula nokulondeka emihleni yami , na? 20 Ezinye izindaba zikaHezekiya, nawo onke amandla akhe, nokwenza kwakhe ichibi nomsele , nokungenisa kwakhe amanzi emzini , angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na? 21 UHezekiya wayeselala koyise . UManase indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.