Skip to Content

2 AmaKhosi Chapter 21

1 UManase wayeneminyaka eyishumi nambili ekuqaleni kwakhe ukubusa , wabusa iminyaka engamashumi ayisihlanu nanhlanu eJerusale ma; igama likanina lalinguHefisiba. 2 Wenza okubi emehlweni kaJehova njengezinengiso zabezizwe uJehova abaxosha phambi kwabantwana bakwa-Israyeli. 3 Wabuye wakha izindawo eziphakemeyo uHezekiya uyise azichithile ; wamisela uBali ama-altare, wenza u-Ashera njengokwenza kuka-Ahabi inkosi yakwa-Israyeli, wakhuleka kulo lonke ibandla lasezulwini, walikhonza. 4 Wakha ama -altare endlini kaJehova , uJehova asho ngayo ukuthi : Ngiyakubeka igama lami eJerusalema. 5 Wakhela nalo lonke ibandla lasezulwini ama -altare emagce keni omabili endlu kaJehova. 6 Wadabulisa indodana yakhe emlilweni , wahlola imihlola, wenza imilingo, wamisa abanamadlozi , nabathakathi, wenza okubi okuningi emehlweni kaJehova, waze wamcunula. 7 Wabeka isithombe esibaziweyo sika -Ashera asenzileyo endlini asho ngayo uJehova kuDavide nakuSolomoni indodana yakhe ukuthi : Kule ndlu naseJerusalema engilikhethile ezizweni zonke zakw a-Israyeli ngiyakubeka igama lami kuze kube phakade; 8 futhi angisayikuzulisa izinyawo zika-Israyeli, zisuke ezweni engalinika oyise, uma beyakugcina kuphela ukwenza njengakho konke engibayale ngakho nanjengawo wonke umthetho eyabayala ngawo inceku yami uMose. 9 Kepha abalalelanga ; uManase wabaphambukisa baze benza okubi kunabezizwe abachithayo uJehova phambi kwabantwana bakwa-Israyeli. 10 UJehova wayesekhuluma ngezinceku zakhe abaprofethi, wathi: 11 Ngokuba uManase inkosi yakwaJuda enzile lezi zinengiso, enze kabi kunakho konke ukwenza kwama -Amori ayephambi kwakhe , wonisa noJuda ngezithombe zakhe, 12 ngalokho usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Bheka, ngiletha okubi phezu kweJerusalema naphezu kukaJuda ngangokuthi bonke abakuzwayo, izindlebe zabo zombili ziyakunkeneza ngakho. 13 Ngiyakwelula phezu kweJerusalema umucu wokulinganisa waseSamariya , nomthofu wokumisa indlu ka -Ahabi; ngiyakwesula iJerusalema njengalokho umuntu esula isitsha, esesula asigumbuqele. 14 Ngiyakushiya insali yefa lami , ngiyinikele esandleni sezitha zayo , ibe yimpango nento ebanjiweyo yazo zonke izitha zayo; 15 ngokuba yenzile okubi emehlweni ami , ingicunulile kusukela osukwini oyise abaphuma ngalo eGibithe kuze kube namuhla. 16 Futhi uManase wachitha kakhulu igazi elingenacala , waze wagcwalisa iJerusalema kusukela ekuqaleni kuze kube sekugcineni , ngaphandle kwesono sakhe onisa ngaso uJuda ngokwenza okubi emehlweni kaJehova. 17 Ezinye izindaba zikaManase , nakho konke akwenzayo , nesono sakhe ona ngaso, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na? 18 UManase wayeselala koyise, wembelwa ensimini yendlu yakhe , insimu ka- Uza; u-Amoni indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe. 19 U-Amoni wayeneminyaka engamashumi amabili nambili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka emibili eJerusalema ; igama likanina lalinguMeshulemeti, indodakazi kaHarusi waseJothiba. 20 Wenza okubi emehlweni kaJehova njengalokho enzile uManase uyise. 21 Wahamba ngezindlela zonke uyise ahamba ngazo , wakhonza izithombe azikhonzayo uyise, wakhuleka kuzo; 22 washiya uJehova uNkulunkulu wawoyise , kahambanga ngendlela kaJehova. 23 Izinceku zika-Amoni zamenzela ugobe, zayibulala inkosi endlini yayo. 24 Kepha abantu bezwe bababulala bonke ababeyenzela inkosi u -Amoni ugobe; abantu bezwe bambeka uJosiya indodana yakhe inkosi esikhundleni sakhe. 25 Ezinye izindaba zika -Amoni azenzayo angithi zilotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na? 26 Wembelwa ethuneni lakhe ensimini ka -Uza; uJosiya indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.