AmaHubo Chapter 44
1
Nkulunkulu, sizwile ngezindlebe zethu , okhokho besilandisa ngesenz o owasenzayo emihleni yabo, emihleni yasendulo.
2
Nguwe owabaxosha abezizwe ngesandla sakho , kepha bona wabatshala ; wazichitha izizwe, kepha bona wabandisa.
3
Ngokuba abalidlanga izwe ngenkemba yabo, nengalo yabo ayibasindisanga; kepha kwaba yisandla sakho sokunene , nengalo yakho, nokukhanya kobuso bakho, ngokuba wawubathanda.
4
Wena Nkulunkulu uyinkosi yami; yaleza ukusindiswa kukaJakobe.
5
Ngawe sizakulahla phansi izitha zethu ; ngegama lakho sizakunyathela abasivukelayo.
6
Ngokuba angiwethembi umnsalo wami, nenkemba yami ayingisindisi;
7
kepha nguwe owasisindisa ezitheni zethu, wajabhisa abasizondayo.
8
Sizincoma ngoNkulunkulu usuku lonke; igama lakho siyalibonga kuze kube phakade. Sela
9
Nokho ususilahlile, wasijabhisa; awusaphumi nezimpi zethu.
10
Usihlehlisela emuva esitheni; abasizondayo bayaziphangela.
11
Usinikezele ukudliwa njengezimvu, wasihlakaza phakathi kwabezizwe.
12
Uthengisa ngesizwe sakho ngokuyize; awuzuzi lutho ngokubiza ngaso.
13
Usenza isihlamba kubakhelwane bethu , inhlekiso nendumazo kwabasiphahlileyo.
14
Usenza isaga kwabezizwe, banikine ikhanda phakathi kwabantu.
15
Usuku lonke u kudunyazwa kwami kuphambi kwami , namahloni amboza ubuso bami
16
ngenxa yoklolodayo nojivazayo, ngenxa yesitha nomphindiseli.
17
Konke lokho kusehlele, kodwa asikukhohlwanga wena ; asisaphulanga isivumelwano sakho.
18
Inhliziyo yethu ayibuyelanga emuva ; izinyathelo zethu aziphambukanga endleleni yakho,
19
uze usiphahlaze endaweni yezimpungushe, usimboze ngethunzi lokufa.
20
Uma ngabe sikhohliwe igama likaNkulunkulu wethu , sazelulela izandla zethu kunkulunkulu mumbe,
21
uNkulunkulu ubengayikukuhlola na ? Ngokuba yena uyazazi izimfihlakalo zenhliziyo.
22
Yebo, ngenxa yakho sibulawa usuku lonke , siphathiswa okwezimvu zokuhlatshwa.
23
Vuka, Nkosi! Ulaleleni na? Vuka, ungasilahli njalonjalo.
24
Ubufihlelani ubuso bakho , ukhohlwe ukuhlupheka nokucindezelwa kwethu, na?
25
Ngokuba umphefumulo wethu ukhothamele othulini ; umzimba wethu unamathele emhlabathini.
26
Sukuma, usisize, usihlenge ngenxa yomusa wakho.