Skip to Content

2 uSamuweli Chapter 14

1 UJowabe indo dana kaSeruya wayeseqonda ukuthi inhliziyo yenkosi iku - Abisalomu. 2 UJowabe wayesethumela eThekhowa , walanda khona owesifazane ohlakaniphileyo, wathi kuye: Ake uzishaye olilayo, ugqoke izingubo zokulila, ungazigcobi ngamafutha, kepha ube njengowesifazane os elilele ofileyo izinsuku eziningi, 3 ungene enkosini , ukhulume kuyo ngalendlela . UJowabe wayesemfunza amazwi emlonyeni wakhe. 4 Lapho owesifazane waseThekhowa ekhuluma enkosini , wawa ngobuso emhlabathini, wakhuleka, wathi: Siza, nkosi. 5 Inkosi yathi kuye : Unani na ? Wathi: Maye, ngingumfelokazi! Indoda yami seyafa. 6 Incekukazi yakho yayinamadodana amabili ; alwa odwa endle , akwabakho muntu wokulamula, kepha enye yashaya enye, yayibulala. 7 Bheka, umndeni wonke usuvukele incekukazi yakho ; bathi: S inike yena owashaya umfowabo ukuba simbulale ngenxa yomphefumulo womfowabo , sichithe indlalifa . Bayakucima kanjalo ilahle lami eliseleyo , bangabe besashiyela indoda yami igama nensali ebusweni bomhlaba. 8 Inkosi yayisithi kowesifazane : Yiya endlini yakho ; mina ngiyakuyale za ngawe. 9 Owesifazane waseThekhowa wathi enkosini: Nkosi yami, nkosi, icala malibe phezu kwami naphezu kwendlu kababa, inkosi nesihlalo sayo sobukhosi kube msulwa. 10 Yathi inkosi: Oshoyo utho kuwe, mlethe kimi; akayikuphinda akuthinte. 11 Wayesethi yena: Inkosi ake ikhumbule uJehova uNkulunkulu wayo ukuba umphindiseli wegazi angaqhubeki ukuchitha nokuba bangayibulali indodana yami. Yathi: Kuphila kukaJehova , akuyikuwela phansi nolulodwa unwele lwendodana yakho. 12 Wayesethi owesifazane: Incekukazi yakho mayikhulume izwi enkosini yami, inkosi. Yathi: Khuluma. 13 Wathi-ke owesifazane: Uqambeleni okunjalo ngabantu bakaNkulunkulu na? Ngokukhuluma leli zwi inkosi injengonecala, lokhu inkosi ingabuyisi oxoshiweyo wayo. 14 Ngokuba simelwe ukufa , sinjengamanzi achith wa emhlabathini , angenakuqoqwa futhi; uNkulunkulu akasusi ukuphila , kepha uqamba amasu ukuba oxoshiweyo angabi ngumxoshwa kuye. 15 Ngalokho-ke lokhu ngize ukukhuluma leli zwi enkosini yami , inkosi, kungokuba abantu bengesabisile ; incekukazi yakho yayisithi: Mangikhulume enkosini; mhlawumbe inkosi iyakwenza izwi lencekukazi yayo. 16 Ngokuba inkosi iyakuzwa , yophule incekukazi yayo esandleni somuntu oyakungichitha mina nendodana yami efeni likaNkulunkulu. 17 Yayisithi incekukazi yakho: Izwi lenkosi yami, inkosi, malibe ngelokuthula, ngokuba inkosi yami , inkosi, injengengelosi kaNkulunkulu ekuzweni okuhle nokubi; uJehova uNkulunkulu wakho makabe nawe. 18 Yayisiphendula inkosi , yathi kowesifazane : Ake ungafihli lutho kimi engiyakulubuza mina kuwe . Wathi owesifazane: Mayikhulume inkosi yami , inkosi. 19 Yathi-ke inkosi : Isandla sikaJowabe sinawe yini kukho konke lokhu na ? Owesifazane waphendula wathi: Kuphila kwakho, nkosi yami, nkosi, akukho muntu ongaphendukela ngakwesokunene nangakwesokhohlo kukho konke okukhulunywe yinkosi yami , inkosi, ngokuba inceku yakho uJowabe yangiyaleza, yafunza onke lawo mazwi emlonyeni wencekukazi yakho; 20 uJowabe inceku yakho wenzile lokho ukuba aphendukezele ubuso bendaba; inkosi yami ihlakaniphile njengokuhlakanipha kwengelosi kaNkulun kulu ukwazi konke okusemhlabeni. Ukubuya kuka-Abisalomu nokuthethelelwa kwakhe 21 Inkosi yayisithi kuJowabe: Bheka-ke, yenza lokhu: hamba ubuyise umfana u-Abisalomu. 22 UJowabe wawa phansi ngobuso , wakhuleka, wayibusisa inkosi ; uJowabe wathi: Namuhla inceku yakho iyazi ukuthi ngifumene umusa emehlweni akho, nkosi yami, nkosi, lokhu inkosi ilenzile izwi lenceku yayo. 23 Wayesesuka uJowabe wahamba , waya eGeshuri , wamletha u -Abisalomu eJerusalema. 24 Inkosi yathi: Makaye endlini yakhe, angaboni nokho ubuso bami. Wayeseya u-Abisalomu endlini yakhe, akabubona ubuso benkosi. 25 Kwa-Israyeli wonke kwakungekho muntu omuhle njengo -Abisalomu owababazeka kakhulu, kungekho sici kuye kusukela ematheni onyawo kuze kube sokhakhayini. 26 Nxa ephucula ikhanda lakhe ngokuba wayelo khu eliphucula njalo ngasekupheleni komnyaka , lokhu izinwele zakhe zamsinda ; ngalokho waziphucula wazilinganisa izinwele zekhanda lakhe , zalingana namashekeli angamakhulu amabili ngesisindo senkosi. 27 U-Abisalomu wazalelwa amadodana amathathu nendodakazi inye egama layo linguTamari; yayingowesifazane obukeka emuhle. 28 U-Abisalomu wahlala eJerusalema iminyaka emibili epheleleyo , engabuboni ubuso benkosi. 29 U-Abisalomu wayesethumela kuJowabe ukuba amthume enkosini , kepha akavumanga ukuza kuye ; waphinda wathu mela ngokwesibili , kepha akavumanga ukuza. 30 Wayesethi ezincekwini zakhe : Bhekani, insimu kaJowabe iseduze neyami , unebhali khona ; hambani niyithungele ngomlilo . Izinceku zika -Abisalomu zayithungela-ke insimu ngomlilo. 31 Wayesesuka uJowabe , waya ku -Abisalomu endlini yakhe , wathi kuye : Izinceku zakho ziyithungeleleni insimu yami ngomlilo na? 32 U-Abisalomu wathi kuJowabe: Bheka, ngithumele kuwe, ngithi: Woza lapha ukuba ngikuthume enkosini ukuyothi : Ngisukeleni eGeshuri na ? Ngabe kungcono kimi ukuba bengisekh ona lapho . Ngalokho mangibone ubuso benkosi; uma kukhona icala kimi, mayingibulale. 33 Wayeseya uJowabe enkosini , wayitshela; isimbizile u -Abisalomu, weza enkosini, wakhothamela kuyo , ubuso bakhe bubheke phansi , phambi kwenkosi; inkosi yamanga u-Abisalomu.