2 uSamuweli Chapter 13
1
Kwathi emva kwalokho u -Abisalomu indodana kaDavide wayenodadewabo obukekayo ogama lakhe linguTamari ; u-Amnoni indodana kaDavide wamthanda.
2
U-Amnoni wajilajileka waze wagula ngenxa kadadewabo uTamari , ngokuba wayeyintombi; kwakungenakwenzeka emehlweni ka -Amnoni ukwenza lutho kuye.
3
Kepha u -Amnoni wayenomngane ogama lakhe linguJonadaba indodana kaShimeya umfowabo kaDavide ; uJonadaba wayengumuntu onobuqili kakhulu.
4
Wathi kuye: Uzacelani kanjalo wena ndodana yenkosi imihla ngemi hla na? Ungengitshele na? Wathi u-Amnoni kuye: Ngithanda uTamari udadewabo ka- Abisalomu umfowethu.
5
Wayesethi uJonadaba kuye: Lala embhedeni wakho, uzishaye ogulayo; lapho eseza uyihlo ukukubona, uthi kuye: Ake kuze uTamari udadewethu , angiphe ukudla, akulungise ukudla emehlweni ami ukuba ngikubone , ngikudle esandleni sakhe.
6
Wayeselala phansi u-Amnoni, wazishaya ogulayo; isifikile inkosi ukumbona, u-Amnoni wathi enkosini : Ake kuze uTamari udadewethu , enze amaqebelengwane amabili phambi kwami ukuba ngidle esandleni sakhe.
7
UDavide wayesethumela endlini kaTamari ngokuthi : Hamba manje , uye endlini ka-Amnoni umnewenu, umlungisele ukudla.
8
Wayesehamba uTamari , waya endlini ka -Amnoni umnewabo ; wayelele phansi. Wathatha inhlama , wayixova, wenza amaqebelengwane ph ambi kwakhe, wapheka amaqebelengwane.
9
Wayesethatha ikhanzi, wawathulula phambi kwakhe; kepha wala ukudla. U- Amnoni wathi: Khipha bonke abantu kimi. Baphuma bonke kuye.
10
Wayesethi u -Amnoni kuTamari : Letha ukudla ekamelweni lami ukuba ngidle esandleni sakho. UTamari wawathatha amaqebelengwane awenzileyo, wawangenisa ekamelweni ku-Amnoni umnewabo.
11
Lapho ewasondeza kuye ukuba awadle , wambamba, wathi kuye : Woza ulale nami, dadewethu.
12
Yena wathi kuye : Qha, mnewethu, ungangiphoqi, ngokuba akufanele ukuba kwenziwe kanjalo kwa-Israyeli; ungenzi lobu buwula.
13
Mina-ke ngingayaphi nehlazo lami na ? Nawe uyakuba njengomunye weziwula zakwa -Israyeli. Ngalokho ake ukhulume nenkosi , ngokuba ayiyikunginqabela nawe.
14
Akavumanga nokho ukulalela izwi lakhe , kepha ngokuba wayenamandla kunaye, wamphoqa, walala naye.
15
U-Amnoni wayesemzonda ngenzondo enkulu kakhulu , ngokuba inzondo amzonda ngayo yaba nkulu kunothando akade emthanda ngalo . U-Amnoni wathi kuye: Vuka uhambe.
16
Yena wayesethi kuye: Lobu bubi bokungixosha bukhulu kunalokho okunye okwenze kimi. Kepha akavumanga ukumlalela.
17
Wayesebiza inceku yakhe eyayisebenza kuye, wathi: Khiphela phandle lo wesifazane, asuke kimi, uhluthulele emnyango emva kwakhe.
18
Wayenengubo enemibala , ngokuba amadodakazi enkosi ayeyizintombi ayegqoka izingubo ezinjalo . Leyo nceku yayisimkhiphela phandle , yahluthulela emnyango emva kwakhe.
19
UTamari wayesezithela ngomlotha ekhanda , wayiklebhula ingubo yakhe enemibala owayeyigqokile , wathwala izandla ekhanda , wamuka, ehamba ekliwula.
20
U-Abisalomu umnewabo wathi kuye: Umnewenu u-Amnoni kade enawe na? Thula, dadewethu; ungumnewenu, ungabeki inhliziyo yakho kule nto . UTamari wahlala eyisikhwebu nje endlini ka-Abisalomu umnewabo.
21
Isizwile inkosi uDavide zonke lezo zinto yathukuthela kakhulu.
22
U-Abisalomu akakhulumanga okuhle noma okubi , ngokuba u-Abisalomu wamzonda u-Amnoni, lokhu emphoqile udadewabo uTamari.
23
Kwathi emva kweminyaka emibili epheleleyo u -Abisalomu wayenabagundi bezimvu eBali Hasori eliseduze no -Efrayimi; u-Abisalomu wamema onke amadodana enkosi.
24
U-Abisalomu waya enkosini, wathi: Bheka, inceku yakho inabagundi ; mayihambe inkosi nezinceku zayo nenceku yakho.
25
Inkosi yathi ku-Abisalomu: Qha, ndodana yami, masingahambi sonke, funa sikusinde. Wayicindezela; nokho ayivumanga ukuhamba, kodwa yambusisa.
26
U-Abisalomu wayesethi : Uma kunjalo , makahambe nathi umfowethu u - Amnoni. Inkosi yathi: Uyakuhambelani nawe na?
27
U-Abisalomu wayicindezela , yaze yavuma ukuba u -Amnoni nawo onke amadodana ahambe naye.
28
U-Abisalomu wayala izinceku zak he ngokuthi: Bhekani, lapho inhliziyo ka- Amnoni ithokoza ngewayini nalapho ngithi kini : Bulalani u -Amnoni, nimbulale ningesabi ; angithi mina nginiyalile na ? Yimani isibindi , nibe ngamaqhawe.
29
Izinceku zika -Abisalomu zenza ku -Amnoni njengokuyala kuka -Abisalomu. Amadodana onke enkosi ayesesuka , yileyo naleyo yakhwela umnyuzi wayo , abaleka.
30
Kwathi besesendleleni, kwafika izwi kuDavide , lithi: U-Abisalomu ubulele onke amadodana enkosi, akusalanga neyodwa yawo.
31
Inkosi yayisisuka , yaklebhula izingubo zayo , yalala emhlabathini, nazo zonke izinceku zema lapho, izingubo zazo ziklebhukile.
32
UJonadaba indodana kaShimeya umfowabo kaDavide waphendula wathi : Inkosi yami mayingathi babulele izinsizwa zonke , amadodana enkosi, lokhu ngu-Amnoni yedwa ofileyo ; ngokuba lokho kwakunqunyiwe ngomlomo ka - Abisalomu kusukela kulolo suku aphoqa ngalo udadewabo uTamari.
33
Ngalokho inkosi yami , inkosi, mayingabeki le nto enhliziyweni yayo yokuthi onke amadodana enkosi afile, ngokuba ngu-Amnoni yedwa ofileyo. Ukubaleka kuka-Abisalomu
34
Kepha u-Abisalomu wabaleka. Insizwa elindayo yaphakamisa amehlo ayo , yabuka; bheka, kwaqhamuka abantu abaningi ngasendleleni yentaba emva kwayo.
35
UJonadaba wathi enkosini : Bheka, amadodana enkosi ayeza ; kunjalo njengokusho kwenceku yakho.
36
Kwathi eseqedile ukukhuluma, bheka, afika amadodana enkosi, adazuluka, akhala; nenkosi nazo zonke izinceku zayo zakhala ngokukhala okukhulu kakhulu.
37
Kepha u -Abisalomu wabaleka , waya kuTalimayi indodana ka -Amihudi, inkosi yaseGeshuri. UDavide walilela indodana yakhe zonke izinsuku.
38
Wabaleka-ke u -Abisalomu, waya eGeshuri , wahlala khona iminyaka emithathu.
39
Inkosi uDavide yalangazelela ukuya ku -Abisalomu, ngokuba yayisiduduzekile ngo-Amnoni ibona ukuthi sewafa.