Skip to Content

2 uSamuweli Chapter 15

1 Kwathi emva kwalokho u -Abisalomu wazilungiselela inqola , namahhashi, nabantu abangamashumi ayisihlanu ukuba bagijime phambi kwakhe. 2 U-Abisalomu wavuka ekuseni , wema ngaseceleni kwendlela yesango ; kwakuthi wonke um untu onecala eliya enkosini ukuba lithethwe , u- Abisalomu wambiza wathi : Ungowamuphi umuzi na ? athi: Inceku yakho ingowesinye sezizwe zakwa-Israyeli. 3 Wathi u -Abisalomu kuye : Bheka, izindaba zakho zinhle , zilungile, kepha akukho muntu obekwe yinkosi ukuba akuzwe. 4 U-Abisalomu wathi futhi : Sengathi ngingenziwa umahluleli ezweni , kuze kimi wonke umuntu onecala nendaba, ngimenzele ukulunga. 5 Kwathi lapho kusondela umuntu ukuba akhuleke kuye , waselula isandla sakhe, wambamba, wamanga. 6 Wenze njalo u-Abisalomu ku bo bonke abakwa -Israyeli abeza enkosini ngamacala; u-Abisalomu weba izinhliziyo zabantu bakwa-Israyeli. 7 Kwathi ngasekupheleni kweminyaka engamashumi amane u -Abisalomu wathi enkosini : Mangihambe ukugcwalisa isithembiso sami engasethembisa kuJehova eHebroni. 8 Ngokuba inceku yakho yenza isithembiso ngisahlezi eGeshuri lase -Aramu sokuthi: U ma uJehova engibuyisela impela eJerusalema , ngiyakumkhonza uJehova. 9 Inkosi yathi kuye: Hamba ngokuthula. Wayesesuka, waya eHebroni. 10 Kepha u -Abisalomu wathuma izinhloli ezizweni zonke zakwa -Israyeli ngokuthi: Lapho nizwa ukukhala kwecilongo , anothi: U-Abisalomu uyinkosi eHebroni. 11 Kwahamba no -Abisalomu abantu abangamakhulu amabili , bebiziwe bephuma eJerusalema; bahamba bemsulwa, bengazi lutho nakanci. 12 U-Abisalomu wathuma walanda u-Ahithofeli umGiloni, umluleki kaDavide, emzini wakubo waseGilo, esanikela ngemihlatshelo. Uzungu lwaqina, abantu banda njalo ku-Abisalomu. Ukubaleka kukaDavide 13 Kwafika umbiki kuDavide, wathi: Izinhliziyo zabantu bakwa -Israyeli zilandela u-Abisalomu. 14 UDavide wayesethi ezincekwini zakhe zonke ezazinaye eJerusalema : Sukani, sibaleke, ngokuba, uma singenzi njalo, akuyikuphunyuka muntu kithi phambi kuka-Abisalomu; sheshani, nimuke, funa asifice masinyane, asehlisele okubi, awuchithe umuzi ngosiko lwenkemba. 15 Izinceku zenkosi zathi enkosini : Noma yintoni engayikhetha inkosi yethu , inkosi bheka, nazi izinceku zakho. 16 Yayisiphuma inkosi , bonke abendlu bayo beyilandela. Inkosi yashiya abesifazane abayishumi abayizancinza ukuba balinde indlu. 17 Yaphuma-ke inkosi, bonke abantu beyilandela; bahlala eBeti Hamerhaki. 18 Zonke izinceku zadlula eceleni kwakhe kanye nawo onke amaKhereti nawo onke amaPheleti ; nawo onke amaGiti , abantu abangamakhulu ayisithupha , ayeyilandela esuka eGati, adlula phambi kwenkosi. 19 Inkosi yayisithi ku -Ithayi umGiti: Nawe uhambelani nathi na ? Buya uhlale nenkosi, ngokuba ungumfokazi nomxoshwa endaweni yakho. 20 Ufikile izolo nje ; ngikuzulazulise nathi yini namuhla , ngisahamba lapho ngiya khona, na? Buya wena, ubuyise nabafowenu; umusa neqiniso makube nawe. 21 U-Ithayi wayiphendula inkosi , wathi: Kuphila kukaJehova nokuphila kwenkosi yami , inkosi, impela kuleyo ndawo eyakuba kuyo inkosi yami , inkosi, noma kusekufeni noma kusekuphileni , lapho iyakuba khona nenceku yakho. 22 UDavide wathi ku -Ithayi: Hamba, uwele. U-Ithayi umGiti wawela kanye nabo bonke abantu bakhe nazo zonke izingane ezazinaye. 23 Izwe lonke lakhala ngezwi elikhulu, nabantu bonke bawela ; nenkosi futhi yawela umfudlana iKidroni, nabantu bonke bawela ngasendleleni yasehlane. 24 Bheka, kwafika noSadoki nawo onke amaLevi enaye , ethwele umphongolo wesivumelwano sikaNkulunkulu; abeka phansi umphongolo kaNkulunkulu, u- Abiyathara wenyuka, baze baphuma bonke abantu emzini. 25 Inkosi yathi kuSadoki : Buyisela emzini umphongolo k aNkulunkulu; uma ngiyakufumana umusa emehlweni kaJehova , uyakungibuyisa, angibonise wona nendlu yawo; 26 kepha uma esho kanje, ethi: Angithokozi ngawe, bheka, ngilapha, makenze kimi okuhle emehlweni akhe. 27 Yathi inkosi kuSadoki umpristi : Ungumboni; buyela emzini ngokuthula , namadodana enu amabili enani , o-Ahimahasi indodana yakho noJonathani indodana ka-Abiyathara. 28 Bheka, mina ngiyakulibala ngasemazibukweni asehlane , kuze kufike izwi elivela kini lokungibikela. 29 Ngalokho oSadoki no-Abiyathara bawubuyisela umphongolo kaNkulunkulu eJerusalema, bahlala khona. 30 UDavide wenyuka ngommango weNtaba Yeminqumo , enyuka ekhala , egubuzele ikhanda , engenazicathulo; bonke abantu ababenaye bagubuzela , kwabayilowo nalowo ikhanda lakhe, benyuka, benyuka bekhala. 31 Kwabikwa kuDavide ukuthi : U-Ahithofeli uphakathi kwabozungu luka - Abisalomu. Wayesethi uDavide : Jehova, mawuntumazelise amasu ka - Ahithofeli. 32 Kwathi ukuba uDavide adundubale esiqongweni , lapho kukhulekwa khona kuNkulunkulu, bheka, kwamhlangabeza uHushayi umAr ki, ibhantshi lakhe liklebhukile, enomhlabathi ekhanda lakhe. 33 UDavide wathi kuye: Uma uhamba nami, uyakuba ngumthwalo kimi; 34 kepha uma ubuyela emzini, uthi ku-Abisalomu: Ngiyakuba yinceku yakho, nkosi; kade ngiyinceku kayihlo , manje ngiyakuba yinceku y akho, khona uyakungishafisela amasu ka-Ahithofeli. 35 Abakho lapho nawe oSadoki no-Abiyathara abapristi na ? Kuyakuthi konke okuzwayo endlini yenkosi ukutshele oSadoki no-Abiyathara abapristi. 36 Bheka, kukhona lapho nabo amadodana abo amabili, o-Ahimahasi indodana kaSadoki noJonathani indodana ka -Abiyathara; niyakuthuma kimi ngesandla sabo konke eniyakukuzwa. 37 UHushayi, umngane kaDavide, wayesengena emzini; u-Abisalomu wangena eJerusalema.