UJobe Chapter 1
1
Kwakukhona umuntu ezweni lase -Uzi ogama lakhe lalinguJobe ; lowo muntu wayengenasici elungile, wayemesaba uNkulunkulu, wabalekela okubi.
2
Wazala amadodana ayisikhombisa namadodakazi amathathu.
3
Impahla yakhe yayiyizimvu eziyiz inkulungwane eziyisikhombisa , namakamela ayizinkulungwane ezintathu , namabhangqa angamakhulu ayisihlanu ezinkabi , nezimbongolo zezinsikazi ezingamakhulu ayisihlanu , nezinceku eziningi kakhulu; wayemkhulu lowo muntu kunabo bonke abantu basempumalanga.
4
Amadodana akhe ayehamba enza idili endlini yaleyo naleyo ngosuku lwayo ; ayesethuma ebiza odadewabo abathathu ukuba badle, baphuze nawo.
5
Kwathi lapho seziphelile izinsuku zedili lawo , uJobe wathuma wawangcwelisa, wavuka ekuseni , wanikela ngeminikelo yokushiswa njengomumo wawo onke ; ngokuba uJobe wathi : Mhlawumbe amadodana ami onile, amthukile uNkulunkulu ezinhliziyweni zawo . Wenze njalo uJobe imihla yonke.
6
Kwathi ngelinye ilanga kwafika amadodana kaNkulunkulu ema phambi kukaJehova, kwafika noSathane phakathi kwawo.
7
UJehova wayesethi kuSathane : Uvelaphi na ? USathane wamphendula uJehova, wathi: Ekuzuleni emhlabeni nasekuhambahambeni kuwo.
8
Wayesethi uJehova kuSathane : Inhliziyo yakho iyiqaphele inceku yami uJobe na ? Ngokuba akakho onjengaye emhlabeni , umuntu on genasici nolungileyo, omesaba uNkulunkulu, obalekela okubi.
9
USathane wamphendula uJehova , wathi: UJobe uyamesaba uNkulunkulu ngeze na?
10
Wena awumbiyelanga yini yena nendlu yakhe nakho konke okwakhe nxazonke, wabusisa umsebenzi wezandla zakhe na ? Impahla yakhe yandile emhlabeni.
11
Kepha ake welule isandla sakho , uthinte konke anakho , impela uyakukuthuka ebusweni bakho.
12
Wathi uJehova kuSathane : Bheka, konke anakho kusesandleni sakho ; kuphela kuyena uqobo ungabeki isandla sakho . Wayesephuma uSathane ebusweni bukaJehova.
13
Kwathi ngolunye usuku lapho amadodana akhe namadodakazi akhe edla , ephuza iwayini endlini yomfowabo oyizibulo,
14
kwafika isithunywa kuJobe , sathi: Izinkabi bezilima, izimbongolo ziklabile eceleni kwazo,
15
lapho amaSheba etheleka , azithatha; izinceku azibulele ngosiko lwenkemba; mina ngedwa kuphela ngisindile, ukuze ngikubikele.
16
Esakhuluma lowo , kwafika nomunye , wathi: Umlilo kaNkulunkulu uwile ezulwini, washisa izimvu nezinceku , waziqeda; mina ngedwa kuphela ngisindile, ukuze ngikubikele.
17
Esakhuluma lowo , kwafika nomunye , wathi: AmaKaledi enza amaviyo amathathu, ahlasela amakamela , awathatha, azibulala izinceku ngosiko lwenkemba; mina ngedwa kuphela ngisindile, ukuze ngikubikele.
18
Esakhuluma lowo , kwafika nomunye , wathi: Amadodana akho namadodakazi akho ayedla, ephuza iwayini endlini yomfowabo oyizibulo;
19
bheka, kwafika, kwadabula ihlane umoya omkhulu , washaya amagumbi omane endlu , yawa phezu kwezinsizwa , zafa; mina ngedwa kuphela ngisindile, ukuze ngikubikele.
20
Wayesesukuma uJobe , waklebhula ingubo yakhe , waphucula ikhanda lakhe, wawela emhlabathini, wakhuleka,
21
wathi: Ngaphuma ngize esizalweni sikamame; ngiyakubuyela khona ngize; uJehova wapha, uJehova uthathile; malibongwe igama likaJehova.
22
Kukho konke lokho uJobe akonanga, akamthelanga uNkulunkulu okubi.