Skip to Content

UJobe Chapter 2

1 Kwathi futhi ngelinye ilanga afika amadodana kaNkulunkulu , ema phambi kukaJehova; noSathane wafika phakathi kwawo ukuba eme phambi kukaJehova. 2 UJehova wathi kuSathane : Uvelaphi na? USathane wamphendula uJehova , wathi: Ekuzuleni emhlabeni nasekuhambahambeni kuwo. 3 Wayesethi uJehova kuSathane : Inhliziyo yakho iyiqaphele inceku yami uJobe na ? Ngokuba akakho onjengaye emhlabeni , umuntu ongenasici nolungileyo, omesaba uNkulunkulu , obalekela okubi ; usabambelela ekupheleleni kwakhe, noma ungivusele ukumchitha engenacala. 4 USathane wamphendula uJehova , wathi: Isikhumba ngesikhumba , yebo, konke umuntu anakho uyakunika ngokuphila kwakhe. 5 Kepha ake welule isandla sakho , uthinte amathambo ak he nenyama yakhe , impela uyakukuthuka ebusweni bakho. 6 UJehova wayesethi kuSathane : Bheka, usesandleni sakho ; gcina ukuphila kwakhe kodwa. 7 Wayesephuma uSathane ebusweni bukaJehova , wamshaya uJobe ngamathumba amabi, kusukela ematheni onyawo kuze kufike okhakhayini. 8 Wathatha udengezi ukuzozenwaya ngalo; wayehlezi phakathi komlotha. 9 Wayesethi umkakhe kuye : Usabambelela ekupheleleni kwakho na ? Thuka uNkulunkulu, ufe. 10 Kepha wathi kuye : Ukhuluma njengalokhu owesifazane oyisiwula ekhuluma. Siyakwamukela okuhl e kuphela kuNkulunkulu , singamukeli nokubi, na? Kukho konke lokho uJobe akonanga ngomlomo wakhe. 11 Lapho abangane abathathu bakaJobe sebezwe ngakho konke lokho okubi okumehleleyo, bafika kuye bevela , kwaba yilowo nalowo endaweni yakhe : ngu-Elifazi umThema ni, noBilidadi umShuhi , noSofari umNahama ; bavumelana ukuba baye bamkhalele, bamduduze. 12 Lapho bephakamisa amehlo abo besekude , abamazanga; badazuluka bakhala, baklebhula, kwaba yilowo nalowo ingubo yakhe , bafafaza amakhanda abo ngothuli beluphonsa phezulu. 13 Bahlala phansi naye emhlabathini izinsuku eziyisikhombisa nobusuku obuyisikhombisa, akukhulumanga muntu kuye, ngokuba babona ukuthi usizi lwakhe lwalulukhulu kakhulu.