IzEnzo Chapter 21
1
Kwathi sesimukile kubo , sasuka ngomkhumbi, saqonda ngqo, safika eKhose nangangomuso eRodu; sasuka lapho, safika ePathara;
2
sesifumene umkhumbi owelela eFenike, sangena kuwo, samuka.
3
Kwathi sekuqhamuke iKhupro , sesilishiyile ngakwesokhohlo , saqonda eSiriya, sehlika eTire, ngokuba umkhumbi wawuzakwethula khona impahla.
4
Safumana abafundi , sahlala khona izinsuku eziyisikhombisa ; bona bathi ngoMoya kuPawulu, angalubeki unyawo eJerusalema.
5
Kwathi sesiqedile lezo zinsuku , saphuma sahamba; bonke basiphelekezela kanye nawomkabo nabantwana , kwaze kwaba ngaphandle komuzi ; saguqa ngamadolo ogwini, sakhuleka,
6
savalelisana, sangena emkhunjini, kepha bona babuyela emakhaya.
7
Thina sesiqedile ukuhamba ngomkhumbi sisuka eTire , safika ePetolemayi , sabingelela abazalwane, sahlala nabo usuku lwaba lunye.
8
Kepha ngangomuso samuka safika eKesariya , sangena en dlini kaFiliphu umvangeli, owayengomunye wabayisikhombisa, sahlala naye.
9
Yena-ke wayenamadodakazi amane, izintombi eziprofethayo.
10
Kwathi sisahlezi khona izinsuku eziningana , kwehla eJudiya umprofethi ogama lakhe lingu-Agabu;
11
yena wafika kithi , wathatha uqhotho lukaPawulu , wazibopha izinyawo nezandla, wathi: Usho njalo uMoya oNgcwele , uthi: U muntu olungolwakhe lolu qhotho abaJuda bazakumbopha kanje eJerusalema , bamkhaphele ezandleni zabezizwe.
12
Sesikuzwile lokho samncenga thina kanye nabakuleyo nd awo ukuba angakhuphukeli eJerusalema.
13
Khona uPawulu waphendula wathi : Nenzelani ukukhala nichoboza inhliziyo yami na ? Ngokuba sengilungele , kungesikho ukuboshwa kuphela kepha nokufa eJerusalema ngenxa yegama leNkosi uJesu.
14
Engenakuvunyiswa, sathula sathi: Mayenziwe intando yeNkosi. UPawulu eseJerusalema
15
Emva kwalezo zinsuku sabopha impahla, sakhuphukela eJerusalema;
16
kwahamba nathi abanye kubafundi baseKesariya, besiyisa kuMnasoni othile waseKhupro, umfundi omdala, ebesizakungenisa kwakhe.
17
Sesifinyelele eJerusalema, abazalwane basamukela ngokujabula.
18
Ngangomuso uPawulu wangena nathi kuJakobe ; namalunga onke ayekhona.
19
Wababingelela, wabalandisa ngakho konke ngakunye uNkulunkulu abekwenzile phakathi kwabezizwe ngenkonzo yakhe.
20
Sebekuzwile lok ho bamdumisa uNkulunkulu, bathi kuye : Uyabona, mzalwane, ukuthi ziningi kangaka izigidi zabakholwayo phakathi kwabaJuda, futhi bonke bayizishisekeli zomthetho;
21
sebebikelwe ngawe ukuthi ufundisa bonke abaJuda abaphakathi kwabezizwe ukuhlubuka kuMose , uthi mabangasoki abantwana babo , bangahambi ngamasiko.
22
Pho-ke, senze njani na? Impela bazakuzwa ukuthi usufikile.
23
Ngakho yenza lokhu esikusho kuwe : Kukhona kithi amadoda amane azibophile ngesifungo;
24
wathathe wona, uzihlambulule kanye nawo, uwakhokhele ukuba aphucule ikhanda; khona bazakwazi bonke ukuthi akukho lutho lwalokho abakubikelwe ngawe, kepha ukuthi nawe uhamba ulonda umthetho.
25
Kepha maqondana nabezizwe abakholwayo sesilobile sanquma ngokuthi mabazilonde kokuhlatshelwe izithombe , negazi, nokuqumbeleneyo, nobufebe.
26
Khona uPawulu wawathatha lawo madoda , ngangomuso wayesezihlambulula kanye nawo , wangena ethempelini , wabika ukuphela kwezinsuku zokuhlanjululwa, kuze kulethwe umnikelo ngenxa yawo onke. AbaJuda bavusa umsindo; uPawulu uyaboshwa
27
Kwathi sezizakuphela lezo zinsuku eziyisikhombisa , abaJuda base -Asiya bembonile ethempelini, bayaluzisa sonke isixuku, babeka izandla kuye,
28
bamemeza bathi : Madoda akwa -Israyeli, yelekelelani; nguye lo muntu ofundisa bonke ezindaweni zonke okuphambene nes izwe, nomthetho, nale ndawo, futhi wangenisa ethempelini amaGreki , wayingcolisa le ndawo engcwele.
29
Ngokuba babebonile ngaphambili uTrofimu wase -Efesu enaye emzini , ababesho ngaye ukuthi uPawulu umngenisile ethempelini.
30
Umuzi wonke wanyakaziswa , abantu bagijimela ndawonye , bambamba uPawulu, bamhudulela ngaphandle kwethempeli ; iminyango yavalwa masinyane.
31
Kuthe sebefuna ukumbulala, kwafika izwi enduneni yenkulungwane lokuthi lonke iJerusalema liyayaluza;
32
yona yayisithatha masinyane amabutho nezinduna zekhulu, yagijimela kubo; sebebona induna yenkulungwane namabutho bayeka ukumshaya uPawulu.
33
Khona induna yenkulungwane yasondela , yamthatha, yayala ukuba aboshwe ngamaketanga amabili, yabuza ukuthi ungubani nokuthi wenzeni.
34
Kepha abanye esixukwini bam emeza okunye, abanye okunye; yathi ukuba ingenakulazi iqiniso ngenxa yomsindo, yayala ukuba ayiswe ekamu.
35
Esefikile esikhwelweni , kwenzeka ukuba athwalwe ngamabutho ngenxa yokukhandana kwesixuku;
36
ngokuba kwalandela isixuku sabantu bememeza bethi: Msuseni!
37
Esezakungeniswa ekamu uPawulu wathi enduneni yenkulungwane : Ngivunyelwe ukuba ngisho utho na? Yona yathi: Uyasazi isiGreki na?
38
Kanti awusiye yini lowo waseGibithe owambuka ngaphambi kwalezi zinsuku, waholela ehlane amadoda ayizinkulungwane ezine angababulali na?
39
Kepha uPawulu wathi : Mina ngingumJuda waseTarsu laseKhilikhiya , ngingumuntu womuzi ongesiwo ongenalo udumo; ngiyacela, ake ungivumele ngikhulume kubantu.
40
Esemvumele, uPawulu wema esikhwelweni , waqhweba abantu ngesandla ; sekuthe cwaka, wakhuluma ngolimi lwesiHeberu, wathi: