1 uSamuweli Chapter 31
1
AmaFilisti alwa no-Israyeli; abantu bakwa -Israyeli babaleka phambi kwamaFilisti, bawa begwaziwe entabeni yaseGilibowa.
2
AmaFilisti axosha uSawule namadodana akhe ; amaFilisti abulala oJonathani, no-Abinadaba, noMaliki Shuwa, amadodana kaSawule.
3
Impi yaba nzima kuSawule; abacibishelayo bamfica, wakhathazeka kakhulu ngenxa yabacibishelayo.
4
USawule wayesethi odibini lwezikhali zakhe : Hosha inkemba yakho , ungigwaze ngayo , funa labo abangasokile bafike , bangigwaze, bangone. Kepha aluvumanga udibi lwezikhali zakhe, ngokuba lwesaba kakhulu . Ngalokho uSawule wayithatha inkemba, wawela phezu kwayo.
5
Udibi lwezikhali zakhe selubonile ukuthi uSawule ufile , lwawela nalo phezu kwenkemba yalo, lwafa kanye naye.
6
Wafa-ke uSawule namadodana akhe omathathu, nodibi lwakhe, nabo bonke abantu bakhe ngalolo suku kanyekanye.
7
Lapho abantu bakwa -Israyeli ababe ngaphesheya kwesigodi nalabo ababe ngaphesheya kweJordani bebona ukuthi abantu bakwa -Israyeli babaleka nokuthi uSawule namadodana akhe bafile, bashiya imizi, babaleka; amaFilisti afika, ahlala kuyo.
8
Kwathi ngangomuso , lapho amaFilisti efika ukuphanga ababuleweyo , afumana uSawule namadodana akhe omathathu bewile entabeni yaseGilibowa.
9
Amnquma ikhanda , athatha izikhali zakhe , azithuma ezweni lamaFilisti nxazonke ukukumemezela endlini yezithombe zawo nakubantu.
10
Azibeka izikhali zakhe endlini ka -Ashitaroti, abethela isidumbu sakhe ogangeni lwaseBeti Shani.
11
Sebezwile abakhe eJabeshi Gileyadi lokho amaFilisti ayekwenzile kuSawule,
12
kwasuka onke amadoda anamandla , ahamba u busuku bonke , asithatha isidumbu sikaSawule , nezidumbu zamadodana akhe ogangeni lwaseBeti Shani, afika eJabeshi, azishisa khona.
13
Athatha amathambo abo , awembela phansi komtamariske eJabeshi , azila ukudla izinsuku eziyisikhombisa.