1 uSamuweli Chapter 30
1
Kwathi uDavide nabantu bakhe sebefikile eSikilagi ngosuku lwesithathu , ama-Amaleki ayengenele eNingizimu naseSikilagi, alichitha iSikilagi, alishisa ngomlilo,
2
athumba abesifazane ababe phakathi , abancane nabakhulu engabulalang a muntu, abamukisa, ahamba indlela yawo.
3
Lapho uDavide nabantu bakhe befika emzini, bheka, wawushisiwe ngomlilo; omkabo, namadodana abo, namadodakazi abo babethunjiwe.
4
UDavide nabantu ababe naye base bedazuluka , bekhala, baze bangabe besaba namandla okukhala.
5
NawomkaDavide bobabili babethunjiwe , o-Ahinohama waseJizreyeli no - Abigayili umkaNabali waseKarmeli.
6
UDavide wayehlupheka kakhulu , ngokuba abantu bekhuluma ngokumkhanda ngamatshe , lokhu izinhliziyo zabo bonke abantu zazinomunyu, kwaba yilowo nalowo ngenxa yamadodana akhe namadodakazi akhe ; kepha uDavide waziqinisa kuJehova uNkulunkulu wakhe.
7
UDavide wathi ku-Abiyathara umpristi, indodana ka-Ahimeleki: Ake ulethe kimi ingubo yamahlombe . U-Abiyathara wayiletha ingubo yamahlombe kuDavide.
8
UDavide wabuza kuJehova, wathi: Ngixoshe lelo viyo na ? Ngingalifica na? Wamphendula wathi: Xosha, ngokuba uyakulifica impela, ukhulule konke.
9
Wayesehamba uDavide , yena nabantu abangamakhulu ayisithupha ababe naye, wafika emfudlaneni iBesori, lapho kwahlala khona amasalela.
10
Kodwa UDavide waxosha , yena nabantu abangamakhulu amane , ngokuba abangamakhulu amabili basala emuva , bezukekile ukuze bangaweli umfudlana iBesori.
11
Bafumana owaseGibithe endle, bamyisa kuDavide, bamnika isinkwa, wadla; bamphuzisa amanzi;
12
bamnika nocezu lwesigaxa samakhiwane , nezigaxa ezimbili zezithelo zomvini ezomileyo ; esedlile kwabuyela kuye umoya wakhe , ngokuba wayengadlanga sinkwa , engaphuzanga manzi , izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu.
13
UDavide wathi kuye : Ungokabani na ? Uvelaphi na ? Wathi: Ngiyinsizwa yaseGibithe, inceku yomAmaleki , kepha inkosi yami yangishiya , ngokuba sekuyizinsuku ezintathu ngigula.
14
Sangenela ngaseningizimu yamaKhereti , nakwelakwaJuda, naseningizimu kaKalebi, salishisa iSikilagi ngomlilo.
15
UDavide wathi kuye : Ungangehlisela kulelo viyo na ? Wathi: Funga kimi uNkulunkulu ukuthi awuyikungibulala , unganginikeli ezandleni zenkosi yami, ngiyakukwehlisela kulelo viyo.
16
Wayesemehlisa; bheka, babehlakazekile endaweni yonke , bedla, bephuza, besina phakathi kwayo yonke impango ababeyithathile ezweni lamaFilisti nasezweni lakwaJuda.
17
UDavide wababulala kusukela ekuhweleleni kuze kuhlwe ngangomuso , akwaphunyuka muntu kubo , kuphela izinsizwa ezingamakhulu amane ezazikhwela amakamela, zabaleka.
18
UDavide wakhulula konke okw akuthathwe ngama -Amaleki, uDavide wakhulula nawomkakhe bobabili.
19
Akwasilala muntu , omncane noma omkhulu , namadodana noma amadodakazi, nempango noma okunye ababezithathele khona ; uDavide wabuyisa konke.
20
UDavide wathatha zonke izimvu nezinkomo ; baziqhuba phambi kwakhe , bathi: Yimpango kaDavide le.
21
UDavide wafika kulabo bantu abangamakhulu amabili ababezukekile , bengenakumlandela uDavide , ababebahlalisile ngasemfudlaneni iBesori ; baphuma ukumhlangabeza uDavide nokuhlangabeza abantu ababenaye ; uDavide esesondela kubantu wababingelela.
22
Base bethatha bonke abantu ab abi nabonakeleyo kulabo ababehamba noDavide, bathi: Njengokuba bengahambanga nathi , asiyikubanika lutho empangweni esiyikhululile , kuphela ukuba yileyo naleyo ndoda inikwe umkayo nabantwana bayo, bamuke nabo, bahambe.
23
Wayesethi uDavide: Aniyikwenza kanjalo, bafowethu, ngalokho esikuphiwe nguJehova osilondolozile, wanikela esandleni sethu iviyo elasihlasela.
24
Ngubani oyakunilalela kule ndaba na ? Ngokuba njengesabelo sowehlele empini siyakuba n jalo isabelo salowo owasala nempahla ; bayakwabelwa ngokulingeneyo.
25
Kwaba njalo kusukela kulolo suku kuya phambili ; wamisa isimiso nomthetho kwa-Israyeli kuze kube namuhla.
26
UDavide esefike eSikilagi wathuma enye impango kumalunga akwaJuda nakubo abangane bakhe, ethi: Bhekani, naso isipho senu sempango yezitha zikaJehova:
27
kwabaseBethele, nakwabaseRamoti laseNingizimu, nakwabaseJatiri,
28
nakwabase-Aroweri, nakwabaseSifimoti, nakwabase-Eshitemowa,
29
nakwabaseRakali, nakwabasemizini yamaJerameli , nakwabasemizini yamaKheni,
30
nakwabaseHorma, nakwabaseBori Ashani, nakwabase-Athaki,
31
nakwabaseHebroni, nasezindaweni zonke lapho uDavide uqobo nabantu bakhe bebejwayele ukuhamba khona.