Skip to Content

1 uSamuweli Chapter 29

1 AmaFilisti abutha zonke izimpi zawo e -Afeki; abakwa-Israyeli bamisa ngasemthonjeni oseJizreyeli. 2 Amakhosi amaFilisti adlula ngamakhulu nangezinkulungwane ; uDavide nabantu bakhe badlula emuva kanye no-Akhishi. 3 Zase zithi izikhulu zamaFilisti : Ayini lawa maHeberu na ? U-Akhishi wathi kuzo izikhulu zamaFilisti : Akusiye uDavide inceku kaSawule inkosi yakw a- Israyeli okade enami kulezi zinsuku nakule minyaka na ? Angifumananga lutho kuye selokhu ahlubuka weza kimi kuze kube namuhla. 4 Kepha izikhulu zamaFilisti zamthukuthelela; izikhulu zamaFilisti zathi kuye: Buyisa lowo muntu ukuba abuyele endaweni yakhe om mise kuyo, angehleli nathi empini, funa abe yisitha sethu empini , ngokuba lona ubeyakuyigculisa ngani inkosi yakhe kungengamakhanda alawo madoda na? 5 Lona akasiye uDavide ababehlabelela ngaye , besina bethi: USawule ubulele izinkulungwane zakhe, kepha uDavide izinkulungwane zakhe eziyishumi na? 6 U-Akhishi wambiza uDavide , wathi kuye : Kuphila kukaJehova , wena uqotho; ukuphuma kwakho nokungena kwakho nami empini kuhle emehlweni ami , ngokuba angifumananaga bubi kuwe kusukela osukwini lokufika kwakho kimi kuze kube namuhla ; nokho emehlweni amakhosi awumuhle. 7 Ngalokho buya , uhambe ngokuthula , ungenzi okubi emehlweni amakhosi amaFilisti. 8 UDavide wathi ku -Akhishi: Kepha ngenzeni na ? Ufumeneni encekwini yakho, kusukela osukwini engaba phambi kwakho ngalo kuze kub e namuhla, ukuba ngingayi ukulwa nezitha zenkosi yami, inkosi, na? 9 U-Akhishi waphendula, wathi kuDavide: Ngiyazi ukuthi umuhle emehlweni ami njengengelosi kaNkulunkulu , nokho izikhulu zamaFilisti zishil o ukuthi: Akayikukhuphuka, aye nathi empini. 10 Ngalokho vuka ekuseni kusasa kanye nezinceku zenkosi yakho ezifike nawe; senivukile ekuseni kusasa, sekukhanya, hambani. 11 UDavide wavuka ekuseni , yena nabantu bakhe , ukuba bahambe ekuseni , babuyele ezweni lamaFilisti. AmaFilisti enyukela eJizreyeli.