Skip to Content

1 uSamuweli Chapter 28

1 Kwathi ngalezo zinsuku amaFilisti abutha amabutho awo ukuba aphume impi no -Israyeli. U-Akhishi wathi kuDavide : Yazi nokwazi ukuthi uyakuphuma impi nami, wena nabantu bakho. 2 UDavide wathi ku -Akhishi: Ngalokho uyakwazi ukuthi inceku yakho iyakwenzani. U-Akhishi wathi kuDavide : Ngalokho ngiyakukubeka ube ngumlindi wekhanda lami kuze kube nini. USawule uya konedlozi e-Eni Dori 3 USamuweli wayesefile ; wonke u -Israyeli wamkhalela , wammbela eRama umuzi wakhe . USawule wayexoshile ezweni abanamadl ozi phakathi kwabo nabathakathi. 4 AmaFilisti abuthana afika , amisa eShunemi ; uSawule wabutha wonke u- Israyeli, wamisa eGilibowa. 5 Lapho uSawule ebona impi yamaFilisti , wesaba, inhliziyo yakhe yathuthumela kakhulu. 6 USawule wabuza kuJehova ; uJehova akamphe ndulanga nangamaphupho , nange-Urimi, nangabaprofethi. 7 Wayesethi uSawule kuzo izinceku zakhe : Ngifuneleni owesifazane onedlozi ukuba ngiye kuye, ngibuze kuye. Izinceku zakhe zathi kuye: Bheka, kukhona owesifazane onedlozi e-Eni Dori. 8 USawule waziguqula , wembatha ezinye izingubo , wahamba yena nabantu ababili benaye , bafika kowesifazane ebusuku , wathi: Ake ungibhulele ngedlozi, ungenyusele engiyakumusho kuwe. 9 Owesifazane wathi kuye : Bheka, uyazi ukuthi uSawule wenzeni , ukuba unqumile ezweni abanamadlozi pha kathi kwabo nabathakathi ; ngalokho ungibekelelani ugibe ukuba ungibulale na? 10 USawule wafunga uJehova kuye owesifazane , wathi: Kuphila kukaJehova, awuyikwehlelwa cala ngalokho. 11 Wayesethi owesifazane : Ngiyakukwenyusela bani na ? Wathi: Ngenyusele uSamuweli. 12 Lapho owesifazane embona uSamuweli , wamemeza ngezwi elikhulu ; owesifazane wakhuluma noSawule , wathi: Ungikhohliseleni na ? Ngokuba unguSawule. 13 Inkosi yayisithi kuye: Ungesabi; ubonani na? Owesifazane wathi kuSawule: Ngibona unkulunkulu ephuma emhlabathini. 14 Wathi kuye : Unesimo sini na ? Wathi: Kukhuphuka ixhegu limboziwe ngengubo. USawule wabona ukuthi kunguSamuweli , wakhothamela phansi ngobuso, wakhuleka. 15 USamuweli wathi kuSawule : Unginyakaziselani ukuba ungenyuse na ? USawule waphendula wathi : Ngihluphekile kakhulu , ngokuba amaFilisti ayalwa nami ; uNkulunkulu ungishiyile , akasangiphenduli nangabaprofethi nangamaphupho; ngalokho ngikubizele ukuba ungazise ukuthi ngiyakwenze njani. 16 USamuweli wathi : Pho, ubuzelani kimi , lokhu uJehova esesukile kuwe , waba yisitha sakho, na? 17 UJehova wenzile ngokwakhe, njengalokho akhuluma ngami : uJehova ukwaphucile umbuso esandleni sakho , wawunika umakhelwane wakho uDavide. 18 Ngokuba awulalelanga izwi likaJehova , awenzanga ulaka lwakhe olushisayo phezu kwama -Amaleki; ngalokho uJehova wenzile lokhu kuwe namuhla. 19 Futhi uJehova uyakunikela u -Israyeli kanye nawe esandleni samaFilisti ; kusasa wena namadodana akho niyakuba nami ; uJehova uyakunikela nempi yabakwa-Israyeli esandleni samaFilisti. 20 USawule wayesewela phan si ngekhanda, wesaba kakhulu ngenxa yamazwi kaSamuweli, akwabakho mandla kuye , ngokuba akadlanga lutho ngosuku lonke nobusuku bonke. 21 Owesifazane wafika kuSawule , wabona ukuthi wesaba kakhulu , wathi kuye: Bheka, incekukazi yakho ililalele izwi lakho, ngibekile ukuphila kwami esandleni sami; ngalalela amazwi akho owawakhuluma kimi. 22 Ngalokho mawulilalele izwi lencekukazi yakho , ngibeke ucezu lwesinkwa phambi kwakho; yidla ukuba uthole amandla, nxa uhamba indlela yakho. 23 Kepha wala wathi: Angiyikudla. Kodwa zamcindezela izinceku zakhe kanye nowesifazane, walilalela izwi labo . Wayesevuka emhlabathini , wahlala embhedeni. 24 Owesifazane wayenethole elikhuluphalisiweyo endlini ; washesha walibulala; wathatha impuphu , wayixova, wenza isinkwa esingenamvubelo ngayo, 25 wasiletha phambi kukaSawule naphambi kwezinceku zakhe , badla. Base besuka bahamba ngalobo busuku.