Skip to Content

1 uSamuweli Chapter 27

1 UDavide wathi enhliziyweni yakhe : Ngiyakubhubha ngelinye ilanga ngesandla sikaSawu le; akukho okungcono kimi kunokuba ngibaleke , ngiye ezweni lamaFilisti ; uSawule uyakungiyeka , angabe esangifuna emikhawulweni yonke yakwa-Israyeli, ngiphunyuke esandleni sakhe. 2 Wayesesuka uDavide , wawela, yena nabantu abangamakhulu ayisithupha ababe naye, waya ku-Akhishi indodana kaMahoki, inkosi yaseGati. 3 UDavide wahlala no -Akhishi eGati , yena nabantu bakhe , kwaba yilowo nalowo nomuzi wakhe , uDavide enawomkakhe bobabili , o-Ahinohama waseJizreyeli no-Abigayili waseKarmeli umkaNabali. 4 Kwabikwa kuSawule ukuthi uDavide ubalekele eGati; akabe esamfuna futhi. 5 UDavide wathi ku -Akhishi: Uma ngifumene umusa emehlweni akho , mabanginike indawo komunye wemizi yasemaphandleni ukuba ngihlale khona, ngokuba inceku yakho izakuhlalelani nawe emzini wenkosi na? 6 U-Akhishi wamnika iSikilagi ngalolo suku; ngalokho iSikilagi lingelamakhosi kuze kube namuhla. 7 Umumo wezinsuku zokuhlala kukaDavide ezweni lamaFilisti wawungumnyaka nezinyanga ezine. 8 UDavide nabantu bakhe benyuka , bangenela amaGeshuri , namaGirizi, nama-Amaleki, ngokuba lawo ayakhe kulelo zwe kwasendulo ekuyiweni eShuri kuze kube sezweni laseGibithe. 9 UDavide walichitha izwe , akashiyanga muntu ephilile , owesilisa nowesifazane, wathatha izimvu , nezinkabi, nezimbongolo, namakamela, nezingubo, wabuya, wafika ku-Akhishi. 10 U-Akhishi wathi : Ningenelephi namuhla na ? UDavide wathi : Bekuseningizimu kwaJuda , naseningizimu kwamaJerameli , naseningizimu kwamaKheni. 11 UDavide akashiyanga owesilisa nowesifazane ephilile ukubayisa eGati, ethi: Funa basicebe ngokuthi: Wenze njalo uDavide. Yayinjalo indlela yakhe zonke izinsuku ehlezi ezweni lamaFilisti. 12 U-Akhishi wakholwa nguDavide , wathi: Wenze ukuba anengwe nokunengwa ngabantu bakhe abakwa -Israyeli; ngalokho uyakuba yinceku yami kuze kube nini.