1 uSamuweli Chapter 26
1
AbaseZifi beza kuSawule eGibeya , bathi: UDavide akacashi yini entabeni yaseHakhila engaphambi kwehlane na?
2
USawule wasuka, wehlela ehlane laseZifi enabantu abakhethiweyo bakwa - Israyeli abayizinkulungwane ezintathu ukuba amfune uDavide ehlane.
3
USawule wamisa entabeni yaseHakhila engaphambi kwehlane ngasendleleni. Kepha uDavide wahlala ehlane, wabona ukuthi uSawule uyamlandela ehlane.
4
UDavide wayesethuma izinhloli, wazi ukuthi uSawule ufikile impela.
5
UDavide wasuka , weza endaweni uSawule amise kuyo ; uDavide wabona indawo uSawule ahlala kuyo , eno-Abineri indodana kaNeri , induna yempi yakhe; uSawule wayelele ezinqoleni, abantu bemise ngakuye nxazonke.
6
UDavide wayesethatha washo ku -Ahimeleki umHeti naku -Abishayi indodana kaSeruya , umfowabo kaJowabe , ethi: Ngubani oyakwehla nami ukuya kuSawule ekamu na? U-Abishayi wathi: Ngiyakwehla nawe.
7
ODavide no -Abishayi bafika kubantu ebusuku ; bheka, uSawule wayelele ubuthongo ezinqoleni , umkhonto wakhe ugxunyekiwe emhlabathini ngasekhanda lakhe; u-Abineri nabantu bakhe babelele ngakuye nxazonke.
8
U-Abishayi wathi kuDavide : UNkulunkulu unikele isitha sakho esandleni sakho namuhla ; ngalokho mangimgwaze kanye ngomkhonto uze udle umhlabathi, ngingamphindi.
9
UDavide wathi ku -Abishayi: Ungambulali, ngokuba ngubani ongelul ela isandla sakhe kogcotshiweyo kaJehova, angabi nacala, na?
10
UDavide wathi: Kuphila kukaJehova, uJehova uyakumshaya, noma kufika nje usuku lwakhe lokufa, noma ehlela empini, abhubhe.
11
UJehova makenqabe ukuba ngelulele isandla sami kogcotshiweyo kaJehova; ake uthathe umkhonto ongasekhanda lakhe nesigubhu samanzi , sihambe.
12
UDavide wayesethatha umkhonto nesigubhu samanzi ngasekhanda likaSawule, bahamba, kungaboni muntu, kungazi muntu, kungavuki muntu, ngokuba babelele bonke , lokhu bebehlelwe ngubuthongo obunzima obuvela kuJehova.
13
UDavide wayesewelela phesheya, wema esiqongweni sentaba ekude , isikhala esikhulu siphakathi kwabo.
14
UDavide wabiza abantu no -Abineri indodana kaNeri , ethi: Awusabeli, Abineri, na? U-Abineri wayesesabela ethi: Ungubani wena obiza inkosi na?
15
UDavide wathi ku -Abineri: Awusiye umuntu okungekho onjengawe kwa - Israyeli na ? Awulindanga ngani inkosi yakho , inkosi? Ngokuba kwafika omunye wabantu ukuyobulala inkosi yakho, inkosi.
16
Akukuhle okwenzileyo . Kuphila kukaJehova , nimelwe ukuf a, ngokuba anilindanga inkosi yenu , ogcotshiweyo kaJehova . Manje bhekani ukuthi umkhonto wenkosi uphi nesigubhu samanzi esasingasekhanda lakhe.
17
USawule walazi izwi likaDavide , wathi: Yizwi lakho leli , ndodana yami Davide, na? UDavide wathi: Yizwi lami, nkosi yami, nkosi.
18
Wathi: Inkosi yami iyixoshelani inceku yayo na ? Ngokuba ngenzeni na ? Ngububi buni obusesandleni sami na?
19
Ngalokho mayizwe inkosi yami , inkosi, amazwi enceku yayo . Uma nguJehova okuncokoloza ngami , makamukele umnikelo , kepha uma kungabantwana babantu , mabaqalekiswe phambi kukaJehova , ngokuba bangixoshile namuhla ukuba ngingazihlanganisi nefa likaJehova , bethi: Hamba ukhonze abanye onkulunkulu.
20
Ngalokho igazi lami malingaweli emhlabathini ngikude noJehova, ngokuba inkosi yakwa -Israyeli iphumele ukufuna intwakumba eyodwa , njengalokhu kuzingelwa intendele ezintabeni.
21
USawule wathi : Ngonile; buya, ndodana yami Davide , ngokuba angisayikukulimaza, lokhu ukuphila kwami bekuyigugu emehlweni akho namuhla; bheka, ngenze okwesiwula, ngidukile kakhulu.
22
UDavide waphendula wathi : Bheka, umkhonto, nkosi! Makuwele enye yezinsizwa, iwulande.
23
UJehova uyakuphindisela , kube yilowo nalowo ngokulunga kwakhe nangokuthembeka kwakhe , lokhu uJehova ekunikele esandleni sami namuhla, angavuma ukwelulela isandla sami kogcotshiweyo kaJehova.
24
Futhi bheka , njengalokho ukuphila kwakho kwakukukhulu ngalolo suku emehlweni ami, ukuphila kwami makube kukhulu emehlweni kaJehova, yena angophule ekuhluphekeni konke.
25
USawule wathi kuDavide: Mawubusiswe wena ndodana yami Davide ; uyakwenza izinto ezinkulu , uphumelele kahle . Wayesehamba uDavide ngendlela yakhe, uSawule wabuyela endaweni yakhe.