1 uSamuweli Chapter 25
1
USamuweli wafa ; wahlangana wonke u -Israyeli, wamlilela, wammbela ngasendlini yakhe eRama. UDavide wasuka, wehlela ehlane lasePharanu.
2
Kwakukhona umuntu eMahoni onemfuyo yakhe eKarmeli ; lowo muntu wayemkhulu kakhulu , wayenezimvu eziyizinkulungwane ezintathu nezimbuzi eziyinkulungwane; wayezigunda izimvu zakhe eKarmeli.
3
Igama lalowo muntu lalinguNabali ; igama lomkakhe lalingu -Abigayili; owesifazane wayehlakaniphile, ebukeka emuhle , kepha indoda yayilukhuni inobubi emisebenzini yayo; yayingekaKalebi.
4
UDavide wezwa ehlane ukuthi uNabali ugunda izimvu zakhe.
5
UDavide wathuma izinsizwa eziyishumi ; uDavide wathi kuzo izinsizwa : Khuphukelani eKarmeli, niye kuNabali, nimbingelele egameni lami,
6
nithi kumfowethu : U kuthula makube kuwe , ukuthula nakube kuyo indlu yakho, ukuthula makube kukho konke onakho.
7
Manje sengizwile ukuthi unabagundi ; abelusi bakho babe nathi , asibalimazanga, abalahlekelwa lutho zonke izinsuku beseKarmeli.
8
Buza izinsizwa zakho , ziyakukutshela; ngalokho izinsizwa mazithole umusa emehlweni akho, ngokuba sifikile ngosuku oluhle ; ake unike izi nceku zakho nendodana yakho uDavide okungafunyanwa esandleni sakho.
9
Sezifikile izinsizwa zikaDavide zakhuluma kuNabali njengawo onke lawo mazwi egameni likaDavide, bese zilinda.
10
UNabali waziphendula izinceku zikaDavide , wathi: Ngubani uDavide na ? Ngubani indodana kaJese na ? Namuhla kukhona izinceku eziningi ezeqa emakhosini azo.
11
Ngithathe yini isinkwa sami , namanzi ami, nengikuhlabele abagundi bami, ngikuphe abantu engingabazi ukuthi bavelaphi, na?
12
Zase ziphenduka izinsizwa zikaDavide endleleni yazo, zabuyela, zamtshela onke lawo mazwi.
13
UDavide wathi kubantu bakhe : Bhincani, kube yilowo nalowo inkemba yakhe. Zabhinca-ke, kwaba yilowo nalowo inkemba yak he; naye uDavide wabhinca inkemba yakhe ; kwakhuphuka emva kukaDavide abantu kungathi abangamakhulu amane, kepha abangamakhulu amabili bahlala empahleni.
14
Kodwa enye yezinsizwa yamtshela u -Abigayili umkaNabali , yathi: Bheka, uDavide wathuma izithunywa zive la ehlane ukuba zibingelele inkosi yethu , kepha yazithukuthelela.
15
Nokho labo bantu basiphatha kahle , asilimalanga, asilahlekelwanga lutho zonke izinsuku sisahambisana nabo sisendle;
16
babe lugange kithi ubusuku nemini, sonke isikhathi sinabo salusa izimvu.
17
Ngalokho yazi, ubone ukuthi uyakwenzani, ngokuba okubi sekunqunyelwe inkosi yethu nendlu yayo yonke , lokhu engumuntu omubi kangaka , ukuze umuntu angekhulume naye.
18
U-Abigayili wayeseshesha , wathatha izinkwa ezingamakhulu amabili , nezimvaba ezimbili zewayini, nezimvu eziyisihlanu ezilungisiweyo, namaseya ayisihlanu otshwele , nezigaxa eziyikhulu zezithelo zomvini ezomileyo , nezigaxa ezingamakhulu amabili zamakhiwane, wakubeka ezimbongolweni.
19
Wathi kuzo izinsizwa : Hambani phambi kwami ; bhekani, ngiyanilandela. Kepha akayitshelanga indoda yakhe uNabali.
20
Kwathi esakhwele imbongolo, esehla endaweni esithekileyo yentaba, bheka, kwehlela kuye uDavide nabantu bakhe, wahlangana nabo.
21
UDavide wayeshilo ukuthi : Impela ngikugcinele ize konke lowo muntu anakho ehlane ukuba angalahlekelwa lutho lwakho konke okwakhe, ngokuba ungibuyisele okubi ngokuhle.
22
UNkulunkulu makenze njalo kuzo izitha zikaDavide , enezele futhi , uma ngishiya ngasekuseni kusasa kukho konke okungokwakhe nokukodwa okungokwesilisa.
23
Lapho u -Abigayili embona uDavide , washesha wehlika embongolweni yakhe, wawa ngobuso phambi kukaDavide, wakhothamela phansi.
24
Wawa ngasezinyaweni zakhe , wathi: Lobo bubi mabube phezu kwami , nkosi; incekukazi yakho mayikhulume ezindlebeni zakho , uzwe amazwi encekukazi yakho.
25
Inkosi yami mayinganakekeli lowo muntu omubi uNabali , ngokuba unjengegama lakhe, unjalo yena; nguNabali igama lakhe, nobuwula bukuye; kepha mina ncekukazi yakho angizibonanga izinsizwa zenkosi yami owazithumayo.
26
Ngalokho, nkosi, kuphila kuka Jehova nokuphila komphefumulo wakho , njengokuba uJehova ekuvimbele ukungena ecaleni legazi nokuzisindisa ngesandla sakho, ngalokho-ke mazibe njengoNabali izitha zakho nabayifunela inkosi yami ububi.
27
Manje-ke, lesi sipho esilethwa yincekukazi yakho enkos ini yami , masinikwe izinsizwa ezilandela inkosi yami.
28
Ake uthethelele icala lencekukazi yakho , ngokuba uJehova uyakuyenzela nokuyenzela inkosi yami indlu eqinileyo impela , lokhu inkosi yami ilwa izimpi zikaJehova; ububi abuyikufunyanwa kuwe zonke izinsuku zakho.
29
Noma kusukuma umuntu ukukuxosha nokufuna ukuphila kwakho , umphefumulo wenkosi yami uyakube uboshiwe emshuqulwini wabaphilayo kuJehova uNkulunkulu wakho ; imiphefumulo yezitha zakho uyakuyijikijela kungathi iphakathi kwendwayimana.
30
Kuyakuthi la pho uJehova esekwenzile enkosini yami njengakho konke okuhle akukhulumileyo ngawe, akubeke ube ngumbusi kwa-Israyeli,
31
akuyikuba yisikhubekiso kuwe, kungabi nesanya enhliziyweni yenkosi yami ukuthi uchithile igazi ngeze nokuthi inkosi yami izisindisile ; kepha lapho uJehova eseyenzele inkosi yami okuhle, khumbula incekukazi yakho.
32
UDavide wayesethi ku -Abigayili: Makabusiswe uJehova uNkulunkulu ka - Israyeli okuthume namuhla ukungihlangabeza.
33
Futhi makubusiswe ukuhlakanipha kwakho , ubusiswe nawe ongivimbel e namuhla ukungena ecaleni legazi nokuzisindisa ngesandla sami.
34
Ngokuba impela, kuphila kukaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ongivimbele ukuze ngingakulimazi , uma ungasheshanga ukuza ukuba ungihlangabeze , impela nga kungasalanga kuNabali ngasekuseni kusasa nokukodwa okungokwesilisa.
35
UDavide wayesamukela esandleni sakhe lokho amlethele khona ; wathi kuye: Khuphukela endlini yakho ngokuthula ; bheka, ngililalele izwi lakho , ngibuvumile ubuso bakho.
36
U-Abigayili wafika kuNabali ; bheka, wayenedili endlini yak he, linjengedili lenkosi; inhliziyo kaNabali yayithokoza phakathi kwakhe , ngokuba wayephuze kakhulu ; ngalokho akamtshelanga lutho oluncane nolukhul u kwaze kwaba sekuseni.
37
Kwathi ekuseni, lapho iwayini seliphumile kuNabali , umkakhe wamtshela lezo zinto, inhliziyo yakhe yafa phakathi kwakhe, waba njengetshe.
38
Kwathi emva kwezinsuku eziyishumi uJehova wamshaya uNabali, wafa.
39
UDavide esezwile ukuthi uNabali ufile, wathi: Makabusiswe uJehova omele indaba yehlazo lami esandleni sikaNabali , ovimbele inceku ya khe ebubini , wabuyisela ububi bukaNabali ekhanda lakhe . UDavide wathumela wakhuluma ku-Abigayili ukuba amthathe abe ngumkakhe.
40
Izinceku zikaDavide sezifikile ku -Abigayili eKarmeli , zakhuluma kuye , zathi: UDavide usithumile kuwe ukuba akuthathe, ube ngumkakhe.
41
Wasukuma, wakhothama, ubuso bakhe bubheke phansi , wathi: Bheka, incekukazi yakho mayibe yisigqilakazi sokugeza izinyawo zezinceku zenkosi yami.
42
U-Abigayili washesha wasuka , wakhwela imbongolo kanye nezintombi zakhe ezazihamba naye ; wazilandela iz ithunywa zikaDavide , waba ngumkakhe.
43
UDavide wathatha no-Ahinohama waseJizreyeli; baba ngomkakhe bobabili.
44
Kepha uSawule wayesemnike uPaliti indodana kaLayishi waseGalimi uMikhali indodakazi yakhe.