Skip to Content

1 uSamuweli Chapter 24

1 Kwathi uSawule esebuyile ekuxosheni amaFilisti , kwabikwa kuye ukuthi : Bheka, uDavide usehlane lase-Eni Gedi. 2 USawule wayesethatha abantu abayizinkulungwane ezintathu abakhethiweyo kuye wonke u-Israyeli, wahamba ukumfuna uDavide nabantu bakhe emaDwaleni amaGogo. 3 Wafika ezibayeni zezimvu ngasendleleni, lapho kukhona umhume; uSawule wangena khona ukuba embese izinyawo zakhe . UDavide nabantu bakhe babehlezi emuva emhumeni. 4 Abantu bakaDavide bathi kuye : Bheka, nantu usuku uJehova asho ngalo kuwe ukuthi: Bheka, ngiyakunikela isitha sakho esandleni sakho, wenze kuso okuhle emehlweni akho . Wayesesuka uDavide , wasika ngasese umphetho wengubo kaSawule. 5 Kwathi ngasemuva uDavide wahlabeka enhliziyweni , ngokuba wayesikile umphetho wengubo kaSawule. 6 Wathi kubantu bakhe: Makube kude nami , Jehova, ukuba ngenze okunjalo kuyo inkosi yami, ogcotshiweyo kaJehova, ngelulele isandla sami kuye, lokhu engogcotshiweyo kaJehova. 7 UDavide wabathiya ngalawo mazwi , akabavumelanga ukuba bamvukele uSawule. USawule wasuka emhumeni, wahamba. 8 Naye uDavide wasuka ng asemuva, waphuma emhumeni, wamemeza emva kukaSawule, ethi: Nkosi yami , nkosi! USawule wabheka emuva , uDavide wakhothamela phansi ngobuso, wakhuleka. 9 UDavide wathi kuSawule: Ulalelelani amazwi abantu abathi: Bheka, uDavide ufuna ukukulimaza ? 10 Bheka, namuhla amehlo akho abonile ukuthi uJehova wayekunikele esandleni sami emhumeni ; abanye bathi mangikubulale , kepha ngakuhawukela, ngathi: Angiyikwelulela isandla sami kuyo inkosi yami , ngokuba ingogcotshiweyo kaJehova. 11 Futhi, baba, bheka, yebo, bheka, umphetho wengubo yakho usesandleni sami, ngokuba lokhu ngasika umphetho wengubo yakho ngingakubulalanga , yazi, ubone ukuthi akukho bubi nasiphambeko esandleni sami , angonanga kuwe, noma uqamekela ukuphila kwami ukuba ukuthathe. 12 UJehova makahlulele phakathi kwami nawe, uJehova angiphindisele kuwe, kepha isandla sami asiyikuba phezu kwakho. 13 Kunjengesaga sasendulo esithi : Kwababi kuvela okubi ; ngalokho isandla sami asiyikuba phezu kwakho. 14 Inkosi yakwa -Israyeli iphumele ukulandela bani na ? Uxosha bani na ? Uxosha inja efileyo, intwakumba eyodwa nje. 15 UJehova makabe ngumahluleli , ahlulele phakathi kwami nawe , abheke, angimele, angikhulule esandleni sakho. 16 Kwathi uDavide eseqedile ukukhuluma lawo mazwi kuSawule , uSawule wathi: Yizwi lakho leli , ndodana yami Davide, na? USawule wadazuluka , wakhala. 17 Wayesethi kuDavide : Ulungile kunami , ngokuba wena ungiphindisele ngokuhle, kepha mina ngikuphindisele ngokubi. 18 Ulandile namuhla ukuthi ungenzele okuhle , njengokuba, lapho uJehova ebenginikele esandleni sakho, awungibulalanga. 19 Ngokuba uma umuntu efica isitha sakhe , uyasivumela ukuba sihambe ngendlela enhle na ? UJehova makakuphindisele ngokuhle ngokwenzileyo kimi namuhla. 20 Manje bheka , ngiyazi ukuthi uyakuba yinkosi impela , nombuso wakwa - Israyeli uyakuqiniswa esandleni sakho. 21 Ngalokho ngifungele uJehova ukuthi awuyikunquma inzalo yami emva kwami nokuthi awuyikwesula igama lami endlini kababa. 22 UDavide wafunga kuSawule ; uSawule wagoduka, kepha uDavide nabantu bakhe bakhuphukela enqabeni.