Skip to Content

1 uSamuweli Chapter 23

1 Kwabikwa kuDavide ukuthi : Bheka, amaFilisti ayalwa neKeyila , aphanga izibuya. 2 Ngalokho uDavide wabuza kuJehova, wathi: Ngiye ngibulale lawo maFilisti na? UJehova wathi kuDavide: Hamba uwabulale amaFilisti, usindise iKeyila. 3 Abantu bakaDavide bathi kuye : Bheka, siyesaba lapha kwaJuda ; kakhulu kangakanani, uma siya eKeyila, silwe nezimpi zamaFilisti na? 4 UDavide waphinda wabuza kuJehova . UJehova wamphendula wathi : Suka wehlele eKeyila, ngokuba ngiyakunikela amaFilisti esandleni sakho. 5 UDavide nabantu bakhe baya eKeyila , balwa namaFilisti , bathumba izinkomo zawo , bawaceka ngokuceka okukhulu . Wayesebasindisa uDavid e abaseKeyila. 6 Kwathi lapho u -Abiyathara indodana ka -Ahimeleki ebaleka eya kuDavide eKeyila, wehla, ingubo yamahlombe isesandleni sakhe. 7 Kwabikwa kuSawule ukuthi uDavide ufikile eKeyila . Wayesethi uSawule : UNkulunkulu umkhaphele esandleni sami , ngokuba uzivalele ngokungena emzini onamasango nemigoqo. 8 USawule wabiza abantu bonke , baye empini, behlele eKeyila, bavimbezele uDavide nabantu bakhe. 9 UDavide wazi ukuthi uSawule uceba okubi ngaye ; wathi ku -Abiyathara umpristi: Letha ingubo yamahlombe. 10 Wayesethi uDavide : Jehova Nkulunkulu ka -Israyeli, inceku yakho izwile nokuzwa ukuthi uSawule u funa ukuza eKeyila ukuba achithe umuzi ngenxa yami. 11 Abantu baseKeyila bayakungikhaphela yini esandleni sakhe na ? USawule uyakwehla njengalokho inceku yakho izwile na ? Jehova Nkulunkulu ka - Israyeli, ake uyitshele inceku yakho. Wathi uJehova: Uyakwehla. 12 Wayesethi uDavide : Abantu baseKeyila bayakungikhaphela mina nabantu bami esandleni sikaSawule na? Wathi uJehova: Bayakukukhaphela. 13 Wayesesuka uDavide nabantu bakhe kungathi abangamakhulu ayisithupha , baphuma eKeyila , bahamba lapho bebenokuhamba khona . Kwabikwa kuSawule ukuthi uDavide ubalekile eKeyila; wayeseyeka ukuphuma. UJonathani ukuDavide eZifi 14 UDavide wahlala ehlane ezinqabeni, wahlala ezintabeni ezisehlane laseZifi. USawule wamfuna zonke izinsuku , kepha uNkulunkulu akamnikelanga esandleni sakhe. 15 UDavide wabona ukuthi uSawule uphumele ukufuna ukuphila kwakhe ; uDavide wayesehlane laseZifi eHoreshi. 16 Kwasuka uJonathani indodana kaSawule , waya kuDavide eHoreshi , waqinisa isandla sakhe kuNkulunkulu. 17 Wathi kuye : Ungesabi, ngokuba isandla sikaSawul e ubaba asiyikukufumana; wena uyakuba yinkosi phezu kuka -Israyeli, mina ngikwelame; noSawule ubaba uyakwazi lokho. 18 Benza isivumelwano bobabili phambi kukaJehova ; uDavide wahlala eHoreshi, uJonathani waya endlini yakhe. Inkohliso yabaseZifi 19 Kwase kwen yuka abaseZifi , baya kuSawule eGibeya , bathi: UDavide akacashi yini kithi ezinqabeni zaseHoreshi entabeni yaseHakhila elingaseningizimu kwasehlane na? 20 Ngalokho yehla , nkosi, uma kuyisifiso senhliziyo yakho ukwehla , thina simkhaphele esandleni senkosi. 21 USawule wathi: Manibusiswe, ngokuba ningihawukele. 22 Manihambe, niqinise, nazi, nibone indawo yakhe lapho kukhona unyawo lwakhe nokuthi ubonwe ngubani khona , ngokuba ngitsheliwe ukuthi unobuqili impela. 23 Bhekani, nizazi zonke izindawo zokucasha , lapho eca sha khona, nibuyele kimi nineqiniso ; ngiyakuhamba nani ; kuyakuthi uma ekhona ezweni , ngimfice phakathi kwayo yonke imindeni yakwaJuda. 24 Base besuka, baya eZifi phambi kukaSawule; kepha uDavide nabantu bakhe babesehlane laseMahoni e-Araba ngaseningizimu kwasehlane. UDavide useMahoni 25 USawule nabantu bakhe baya ukumfuna . UDavide watshelwa; wehlela-ke eweni, wahlala ehlane laseMahoni . USawule ekuzwa , wamxosha uDavide ehlane laseMahoni. 26 USawule wahamba ngalapha kwentaba , uDavide nabantu bakhe bahamba ngale kwentaba; uDavide washesha wahamba ngokumesaba uSawule , ngokuba uSawule nabantu bakhe bahaqa uDavide nabantu bakhe ukuba bababambe. 27 Kepha kwafika isithunywa kuSawule , sithi: Shesha ufike , ngokuba amaFilisti angenele izwe. 28 Wayesebuya uSawule ekumxosheni uDavide, wahamba ukuhlangabezana namaFilisti; ngalokho babiza leyo ndawo ngokuthi iSela Hamalekoti. 29 UDavide wakhuphuka lapho, wahlala ezinqabeni zase-Eni Gedi.