IzEnzo Chapter 18
1
Emva kwalokho wamuka e-Athene, wafika eKorinte.
2
Wafumana khona umJuda oth ile ogama lakhe lingu -Akwila, wasePontu ngokuzalwa, owayesanda kufika ephuma e -Italiya, enoPrisila umkakhe , ngenxa yesimemezelo sikaKlawudiyu sokuba bonke abaJuda bamuke eRoma ; weza kubo;
3
lokhu wayemsebenzi munye nabo , wahlala nabo , basebenza. Ngokuba umsebenzi wabo kwakungukuthunga amatende.
4
Washumayela esinagogeni ngamasabatha onke, wazuza abaJuda namaGreki.
5
Kepha sebefikile oSila noThimothewu behla eMakedoniya , uPawulu wakhathalela izwi, wafakaza kubaJuda ukuthi uJesu unguKristu.
6
Kwathi benqaba , behlambalaza, wathintitha izingubo zakhe , wathi kubo : Igazi lenu malibe phezu kwamakhanda enu; mina anginacala; kusukela manje ngizakuya kwabezizwe.
7
Wasuka lapho , weza endlini yomuntu ogama lakhe linguThithiyu Justu , okhonza uNkulunkulu; indlu yakhe yayiseceleni kwesinagoge.
8
Kepha uKrispu umphathi wesinagoge wakholwa yiNkosi kanye nendlu yakhe yonke, nabaningi babaseKorinte balalela, bakholwa, babhapathizwa.
9
INkosi yayisithi kuPawulu ngombono ebusuku : Ungesabi, kepha khuluma, ungathuli,
10
ngokuba mina n ginawe, akakho ozakukusukela , akulimaze, ngokuba nginabantu abaningi kulo muzi.
11
Wahlala khona umnyaka nezinyanga eziyisithupha efundisa izwi likaNkulunkulu phakathi kwabo.
12
Kwathi uGaliyu engumbusi wase -Akhaya, abaJuda bamvukela uPawulu nganhliziyonye, bamyisa phambi kwesihlalo sokwahlulela,
13
bathi: Lo muntu uphendukisa abantu ukuba bakhonze uNkulunkulu ngokuphambene nomthetho.
14
Khona uPawulu esezakuvula umlomo , uGaliyu wathi kubaJuda : O nina baJuda, uma bekuyicala noma ubugebengu obubi , bekufanele nginibekezelele;
15
kodwa uma kungukuphikisana ngamazwi , nangamagama, nangomthetho wakini, ziboneleni nina; mina angithandi ukuba ngumahluleli walezo zinto.
16
Wayesebaxosha esihlalweni sokwahlulela.
17
Khona bonke bambamba uSostene umphathi wesinagoge, bamshaya phambi kwesihlalo sokwahlulela; kodwa uGaliyu akaze anaka lutho lwalokho.
18
Kepha uPawulu esehlale khona izinsuku eziningi , wavalelisa kubazalwane, wamuka ngomkhumbi, waya eSiriya kanye noPrisila no -Akwila, esegundile ikhanda lakhe eKenikreya; ngokuba wayezibophe ngesifungo.
19
Wehlela e -Efesu, wabashiya khona ; kepha yena wangena esinagogeni , washumayela kubaJuda.
20
Kwathi bemncenga ukuba ahlale khona isikhathi esidana, akaze avuma,
21
kepha wavalelisa wathi : Ngizakubuyela futhi kini , uma uNkulunkulu evuma, wayesesuka e-Efesu ngomkhumbi;
22
esefikile eKesariya wakhuphuka wabingelela ibandla; wehlela e-Antiyokiya. Ukuqala kohambo lwesithathu; u-Apholo use-Efesu
23
Esehlale khona isikhathi esithile wamuka wadabula izwe laseGalathiya nelaseFrigiya ngokulandelana, eqinisa bonke abafundi.
24
UmJuda othile ogama lakhe lingu -Apholo, wase-Aleksandriya ngokuzalwa, indoda efundileyo nenamandla emibhalweni, wehlela e-Efesu.
25
Yena wayefundisiwe indlela yeNkosi ; evutha emoyeni wakhuluma , wafundisa ngesineke izindaba eziqo ndene noJesu , azi ukubhapathiza kukaJohane kuphela;
26
yena waqala ukushumayela ngesibindi esinagogeni . Kwathi ukuba bamuzwe o-Akwila noPrisila, bamthatha bamchasisela indlela kaNkulunkulu ngesineke esikhulu.
27
Esethanda ukudlulela e -Akhaya, abazalwane bal obela abafundi bebayala ukuba bamamukele; esefikile wabasiza kakhulu abakholwayo ngomusa,
28
ngokuba waphikisa abaJuda ngamandla phambi kwabantu , ekhomba ngemibhalo ukuthi uJesu unguKristu.