IzEnzo Chapter 19
1
Kwathi u -Apholo eseKorinte , uPawulu wafika e -Efesu esedabulile amazwe angasenhla, wafumana abafundi abathile,
2
wathi: Namamukela yini uMoya oNgcwele mhla nikholwayo na ? Bathi kuye: Qhabo, asizwanga nokuzwa ukuba kukhona uMoya oNgcwele.
3
Wathi: Pho, nabhapathizelwa kukuphi na? Base bethi: Kukho ukubhapathiza kukaJohane.
4
UPawulu wayesethi: UJohane wabhapathiza umbhapathizo wokuphenduka, ethi kubantu mabakholwe nguyena obezakuza emva kwakhe , kungukuthi uJesu.
5
Bathi ukuzwa lokho, babhapathizwa egameni leNkosi uJesu.
6
Kwathi uPawulu esebekile izandla phezu kwabo, uMoya oNgcwele wehlela phezu kwabo; base bekhuluma ngezilimi, baprofetha.
7
Babe ngamadoda angathi ishumi nambili bebonke.
8
Wayesengena esinagogeni , wakhuluma ngesibindi izinyanga zaba ntathu , eshumayela ebafundisa ngombuso kaNkulunkulu.
9
Kepha lapho abathile bezenza lukhuni bengalaleli , bekhuluma kabi ngaleyo Ndlela phambi kwabantu, wasuka kubo, waqembula abafundi, washumayela imihla ngemihla esikoleni sikaTiranu.
10
Lokho kwenzeka iminyaka emibili , baze balizwa i zwi leNkosi bonke abakhileyo e-Asiya, abaJuda namaGreki.
11
UNkulunkulu wenza imisebenzi yamandla engavamile ngezandla zikaPawulu,
12
baze bathatha amaduku nezindwangu emzimbeni wakhe , bazibeka phezu kwabagulayo; zase zisuka kubo izifo, nomoya ababi baphuma.
13
Kepha nabathile abayizanusi kubaJuda , abayizinzulane, balokotha ukuphatha igama leNkosi uJesu phezu kwabakhwelwe ngomoya ababi, bathi: Ngiyanifungisa uJesu amshumayelayo uPawulu.
14
USkeva othile , umJuda, umpristi omkhulu , wayenamadodana ayisikhombisa ayekwenza lokho.
15
Kepha umoya omubi waphendula , wathi kuwo : UJesu ngiyamazi , noPawulu ngiyamqonda; kepha nina ningobani na?
16
Lowo muntu onomoya omubi wabadumela , wahlula ababili , wabanqoba, baze baphunyuka kuleyo ndlu behambaze, belimele.
17
Lokho kwez wakala kubo bonke abakhileyo e -Efesu, abaJuda namaGreki , ukwesaba kwabehlela bonke; ladunyiswa igama leNkosi uJesu;
18
nabaningi kwabakholwayo beza bazivuma, bazibika izenzo zabo.
19
Kepha abaningi kubo ababenza imilingo babuthela ndawonye izincwadi zabo, bazishisa phambi kwabo bonke ; bahlanganisa amanani azo , bafumana ukuthi ayizinhlamvu zesiliva eziyizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu.
20
Kanjalo izwi landa ngamandla eNkosi, lanqoba.
21
Kwathi ukuba sezenzekile lezo zinto , uPawulu wazimisela emoyeni uku ya eJerusalema esedabulile iMakedoniya ne -Akhaya, wathi: Emva kokufika kwami khona ngimelwe ukubona neRoma.
22
Wayesethumela eMakedoniya ababili kwabamkhonzayo oThimothewu no - Erastu; yena uqobo wasala isikhathi e-Asiya. Isiphithiphithi sikaDemetriyu
23
Kepha ngaleso sikhathi kwavela isiphithiphithi esingesincane maqondana naleyo Ndlela.
24
Ngokuba umuntu othile ogama lakhe linguDemetriyu , umkhandi wesiliva owenza amathempelana esiliva kaDiyana, wazuzisa abakhandi besiliva inzuzo engencane,
25
waqoqa bona kanye nezisebenzi ezinjalo, wathi: Madoda, niyazi ukuthi kulo msebenzi kuvela ingcebo yethu,
26
kepha seniyabona, niyezwa futhi ukuthi akukuphela e -Efesu kodwa cishe kulo lonke i-Asiya uPawulu lona udukisile abantu abaningi ngokubancenga , ethi akusibo onkulunkulu labo abenziwe ngezandla.
27
Ngakho akusikho lokhu kuphela ukuba umsebenzi wethu usengozini yokudelelwa, kodwa nethempeli lonkulunkulukazi omkhulu uDiyana liyakuthiwa aliy into yalutho , nobukhulukazi bakhe sebuzakuphela , yena elimkhonzayo lonke i-Asiya nezwe lonke.
28
Kwathi bekuzwa lokho, bagcwala ulaka, bamemeza bathi: Mkhulu uDiyana wabase-Efesu.
29
Umuzi wonke wagcwala isiphithiphithi , batheleka nganhliziyonye esigcawini sokubukela , babamba oGayu no -Aristarku, abaseMakedoniya, ababehamba noPawulu.
30
Kepha uPawulu esefuna ukungena phakathi kwabantu , abafundi abamvumelanga.
31
Nabanye bababusi base -Asiya, bengabahlobo bakhe , bathumela kuye , bamncenga ukuba angaze angena esigcawini sokubukela.
32
Khona-ke abanye bamemeza okunye nabanye okunye ; ngokuba ibandla layaluza nje, nabaningi babengazi ukuthi babuthanele indabani.
33
Base bekhipha u -Aleksandru esixukwini , abaJuda bamqhubela phambili; kepha u-Aleksandru waqhweba ngesandla, efuna ukuziphendulela kubantu.
34
Kwathi ukuba bezwe ukuthi ungumJuda , bamemeza bonke ngazwi linye kwangathi amahora amabili, bathi: Mkhulu uDiyana wabase-Efesu.
35
Kepha umbhali esebathulisile abantu wathi: Madoda ase -Efesu, kukhona yini phakathi kwabantu ongaziyo ukuthi umuzi wase -Efesu ungumlondi wethempeli likaDiyana omkhulu nowesithombe esawa ezulwini na?
36
Ngakho lokhu lezo zinto zingephikwe , kufanele nithule , ningenzi lutho ngamawala.
37
Ngokuba nilethile lawa madoda angesibo abaphangi bamathempeli nokuba abahlambalaza uNkulunkulu wethu.
38
Ngakho uma uDemetriyu kanye nezingcweti zabakhandi besiliva benendaba nomuntu, zikhona izinsuku zokuthetha amacala , bakhona nababusi ; mabamangalelane.
39
Kepha uma nifuna utho ngaphezu kwalokho , kuyalungiswa ebandleni elimisiweyo.
40
Ngokuba-ke sisengozini yokumangalelwa ngomsindo wanamuhla , lokhu kungekho sizathu esingazilandulela ngaso ngalesi siwiliwili.
41
Eseshilo lokho walimukisa ibandla.