1 uSamuweli Chapter 10
1
USamuweli wayesethatha umfuma wamafutha , wawathela ekhanda lakhe , wamanga, wathi: Angithi uJehova ukugcobile ukuba ube ngumholi wefa lakhe na?
2
Nxa usumukile kimi namuhla , uyakufumana aban tu ababili ngasethuneni likaRaheli emkhawulweni wakwaBenjamini eSelisa ; bayakuthi kuwe : Izimbongolo owawuye ukuzifuna zitholiwe ; bheka, uyihlo uyekile izimbongolo, uyenqena ngani, ethi: Ngiyakwenze njani ngomntanami na?
3
Nxa usukile khona uye phambili , uyakufika kulo i -oki laseThabori ; kuyakuhlangana nawe khona abantu abathathu bekhuphukela kuNkulunkulu eBethele, omunye ephethe amazinyane amathathu ezimbuzi, omunye ephethe izinkwa ezintathu, omunye ephethe imvaba yewayini;
4
bayakukubingelela, bakunike izi nkwa ezimbili oyakuzamukela ezandleni zabo.
5
Emva kwalokho uyakufika entabeni kaNkulunkulu, lapho likhona ikhanda lamaFilisti; kuyakuthi nxa usufikile khona emzini , uhlangane neviyo labaprofethi behla endaweni ephakemeyo benogubhu , nesigubhu, negenkle, nehabhu phambi kwabo, beprofetha;
6
uMoya kaJehova uyakwehlela phezu kwakho , uyakuprofetha kanye nabo , uphenduke omunye umuntu.
7
Kuyakuthi lapho lezo zibonakaliso sezifikile kuwe , wenze esikufumanayo isandla sakho, ngokuba uNkulunkulu unawe.
8
Uyakwehla phamb i kwami ukuya eGiligali ; bheka, ngiyakwehlela kuwe ukuba nginikele ngeminikelo yokushiswa, ngihlabe imihlatshelo yokuthula ; uyakuhlala izinsuku eziyisikhombisa , ngize ngifike kuwe , ngikutshele oyakukwenza.
9
Kwathi esefulathela emuka kuSamuweli , uNkulunkulu waphendukisa inhliziyo yakhe yaba ngenye ; zonke lezo zibonakaliso zafika ngalona lolo suku.
10
Lapho sebefike khona entabeni , bheka, iviyo labaprofethi lahlangana naye ; uMoya kaNkulunkulu wehlela phezu kwakhe, waprofetha phakathi kwabo.
11
Kwathi bonke ababemazi kuqala sebebona ukuthi waprofetha nabaprofethi, abantu bathi omunye komunye : Kuyini lokhu okwehlele indodana kaKishi na? Kanti naye uSawule uphakathi kwabaprofethi na?
12
Kwaphendula umuntu wakhona , wathi: Ngubani uyise na ? Ngalokho kwaba yisaga ukuthi: Naye uSawule uphakathi kwabaprofethi na?
13
Eseqedile ukuprofetha wafika endaweni ephakemeyo.
14
Uyisekazi kaSawule wathi kuye nasencekwini yakhe: Nike naya ngaphi na? Wathi: Besiye kufuna izimbongolo ; lapho sesibonile ukuthi azikho , sase siya kuSamuweli.
15
Uyisekazi kaSawule wathi: Ake ningitshele: Utheni kini uSamuweli na?
16
USawule wathi kuyisekazi : Usitshele impela ukuthi izimbongolo zitholiwe . Kepha indaba yombuso akhuluma ngayo uSamuweli akamtshelanga yona. Inkosi ibekwa eMispa
17
USamuweli wabizela abantu kuJehova eMispa;
18
wathi kubantu bakwa -Israyeli: UJehova uNkulunkulu ka -Israyeli usho kanje, uthi: Ngenyusa u -Israyeli eGibithe , nganophula esandleni sabaseGibithe nasesandleni sayo yonke imibuso eyanicindezelayo;
19
kepha namuhla nimlahlile uNkulunkulu wenu , yena owanisindisa ezingozini zenu zonke nasezinsizini zenu , nishilo nathi : Hhayi, kepha beka inkosi phezu kwethu . Ngalokho yimani phambi kukaJehova ngezizwe zenu nangezinkulungwane zenu.
20
USamuweli wayesesondeza zonke izizwe zakwa-Israyeli, kwadliwa isizwe sakwaBenjamini.
21
Wayesesondeza isizwe sakwaBenjamini ngemindeni yabo , kwadliwa umndeni wakwaMatri ; kwadliwa uSawule indodana kaKishi ; kepha lapho bebemfuna, akafunyanwanga.
22
Babuye babuza uJehova ukuthi : Usezakufika lowo muntu na ? UJehova waphendula wathi: Bheka, ucashile empahleni.
23
Bagijima, bamlanda khona; wema phakathi kwabantu , wayemude kunabo bonke abantu kusukela emahlombe kuya phezulu.
24
USamuweli wathi kubo bonke abantu : Mbhekeni amkhethileyo uJehova ukuthi akakho onjengaye kub antu bonke. Base bekhamuluka abantu bonke , bathi: Mayime njalo inkosi.
25
USamuweli wayesebatshela abantu amalungelo ombuso , wawaloba encwadini, wayibeka phambi kukaJehova . USamuweli wamukisa bonke abantu, yilowo nalowo waya ekhaya lakubo.
26
Naye uSawule w aya ekhaya lakhe eGibeya ; kwahamba naye impi ezinhliziyo zayo uNkulunkulu azithintile.
27
Kepha abantu ababi bathi : Uyakusisindisa kanjani lowo na ? Bamdelela, abamnikanga isipho. Kepha wathula.