Skip to Content

1 uSamuweli Chapter 11

1 Kwenyuka uNahashi wakwa-Amoni, wamisa eJabeshi Gileyadi ; bonke abantu baseJabeshi bathi kuNahashi : Yenza isivumelwano nathi , siyakukukhonza. 2 UNahashi wakwa -Amoni wathi kubo : Ngiyakusenza nani ngalokhu ukuba kukhishwe onke amehlo enu okunene, ngikubeke kube yihlazo kuye wonke u- Israyeli. 3 Amalunga aseJabeshi athi kuye : Siyeke izinsuku eziyisikhombisa ukuba sithume izithunywa emikhawulweni yonke yakwa -Israyeli; uma kungekho osisindisayo, siyakuphumela kuwe. 4 Izithunywa zafika eGibeya likaSawule , zakhuluma lawo mazwi ezindlebe ni zabantu; bonke abantu badazuluka, bakhala. 5 Bheka, uSawule weza elandela izinkabi, evela ensimini; uSawule wathi: Yini ukuba abantu bakhale na? Bamtshela amazwi abantu baseJabeshi. 6 UMoya kaNkulunkulu wehlela phezu kukaSawule esezwile lawo mazwi ; intukuthelo yakhe yavutha kakhulu. 7 Wathatha izinkabi ezimbili, wazihlahlela, wazithuma emikhawulweni yonke yakwa-Israyeli ngesandla sezithunywa, ethi: Ongaphumi emva kukaSawule noSamuweli kuyakwenziwa kanjalo kuzo izinkabi zakhe . Ingebhe ngoJehova yehlela phezu kwabantu, baphuma njengomuntu munye. 8 Wababala eBezeki ; abantwana bakwa -Israyeli babe yizinkulungwane ezingamakhulu amathathu , nabantu bakwaJuda babe yizinkulungwane ezingamashumi amathathu. 9 Bathi kuzo izithunywa ezazifikile : Niyakusho kanje kubantu ba seJabeshi Gileyadi, nithi: Kusasa lapho ilanga libalele niyakukhululwa . Izithunywa zafika, zabatshela abantu baseJabeshi; bathokoza. 10 Ngalokho abantu baseJabeshi bathi: Kusasa siyakuphumela kini, nenze kithi konke okuhle emehlweni enu. 11 Kwathi ngangomuso uSawule waviva abantu ngezigaba ezintathu ; bafika phakathi kwekamu ngomlindo wokusa , babulala abakwa-Amoni, laze lashisa ilanga; kwathi abaseleyo bahlakazeka, akusalanga kubo ababili bendawonye. 12 Abantu bathi kuSawule : Ngubani oshilo ukuthi uSawule uyak uba yinkosi phezu kwethu na? Lethani labo bantu ukuba sibabulale. 13 USawule wathi : Akuyikubulawa muntu namuhla , ngokuba namuhla uJehova usebenzile ukusindiswa kwa-Israyeli. 14 USamuweli wayesethi kubantu: Wozani siye eGiligali, sibuye sivuse umbuso khona. 15 Bonke abantu baya eGiligali , bambeka khona uSawule waba yinkosi phambi kukaJehova eGiligali ; bahlaba khona imihlatshelo yeminikelo yokuthula phambi kukaJehova ; uSawule nabo bonke abantu bakwa -Israyeli bathokoza kakhulu khona.