Skip to Content

1 uSamuweli Chapter 12

1 USamuweli wathi kuye wonke u-Israyeli: Bhekani, ngilalele izwi lenu kukho konke enikushiloyo kimi, ngibekile inkosi phezu kwenu. 2 Manje bhekani , inkosi iyahamba phambi kwenu ; mina sengimdala , ngiyimpunga; nanka amadodana ami a kini; ngihambile phambi kwenu kwasebusheni bami kuze kube namuhla. 3 Bhekani, ngilapha: fakazani ngami phambi kukaJehova naphambi kogcotshiweyo wakhe ukuthi ngithathe inkabi kabani , ngithathe imbongolo kabani, ngikhohlisile ubani, ngicindezele ubani, ngamukele umvuzo esandleni sikabani ukuba ngifihle amehlo ami ngawo na? Ngiyakukubuyisela kini. 4 Bathi: Awusikhohlisanga, awusicindezelanga, awamukelanga lutho esandleni samuntu. 5 Wayesethi kubo : UJehova ungufakazi ngani , nogcotshiweyo wakhe ungufakazi namuhla ukuthi anifumananga lutho esandleni sami . Bathi: Ungufakazi. 6 USamuweli wathi kubantu : NguJehova, yena owabeka oMose no -Aroni nowakhuphula oyihlo ezweni laseGibithe. 7 Kalokhu yimani ukuba ngiphendulane nani phambi kukaJehova ngezenzo zonke ezilungileyo zikaJehova azenza kini nakoyihlo. 8 Lapho uJakobe esefikile eGibithe , oyihlo bakhala kuJehova , uJehova wathuma oMose no -Aroni abakhipha oyihlo eGibithe , babahlalisa kule ndawo. 9 Kepha bakhohlwa uJehova uNkulunkulu wabo, wathengisa ngabo esandleni sikaSisera induna yempi yaseHasori , nasesandleni samaFilisti , nasesandleni senkosi yakwaMowabi, balwa nabo. 10 Bakhala kuJehova , bathi: S onile, ngokuba simshiyile uJehova , sakhonza oBali no -Ashitaroti; kodwa kalokhu sophule esandleni sezitha zethu , siyakukukhonza. 11 UJehova wayesethuma oJerubali , noBedani, noJefta, noSamuweli, wanophula esandleni sezitha zenu nxazonke, nahlala nalondeka. 12 Kepha lapho nabona uNahashi inkosi yabantwana bakwa -Amoni ephuma ukulwa nani , nathi kimi : Hhayi, kepha masibuswe yinkosi , ingani uJehova uNkulunkulu wenu wayeyinkosi yenu. 13 Manje nansi inkosi eniyikhethileyo neniyicelileyo ; bhekani, uJehova ubekile inkosi phezu kwenu. 14 Uma nimesaba uJehova , nimkhonze, nilalele izwi lakhe , ningahlubuki esiyalezweni sakhe , khona nina nenkosi yenu e busa phezu kwenu niyakulandela uJehova uNkulunkulu wenu; 15 kepha uma ningalaleli izwi likaJehova , nihlubuke esiyalezweni sikaJehova, khona isandla sikaJehova siyakumelana nani , njengalokho samelana nawoyihlo. 16 Ngalokho yimani nibone le nto enkulu ayakuye nza uJehova phambi kwamehlo enu. 17 Angithi kuyisikhathi sokuvuna ukolweni namuhla na ? Ngiyakukhuleka kuJehova ukuba athume ukuduma nemvula , nazi, nibone ukuthi okubi kwenu enikwenzile emehlweni kaJehova ngokucela inkosi kukhulu. 18 USamuweli wayesekhuleka kuJehova; uJehova wathuma ukuduma nemvula ngalolo suku; bonke abantu besaba kakhulu uJehova noSamuweli. 19 Bonke abantu bathi kuSamuweli : Khulekela izinceku zakho kuJehova uNkulunkulu wakho ukuba singafi, ngokuba senezele kuzo zonke izono zethu ububi bokuzicelela inkosi. 20 USamuweli wathi kubantu : Ningesabi; impela nenzile konke lokho okubi ; kepha ningaphambuki ekumlandeleni uJehova , kodwa mkhonzeni uJehova ngayo yonke inhliziyo yenu; 21 yebo, ningaphambuki ukuba nilandele izinto eziyize ezingenakusiza nezingenakophula, ngokuba ziyize. 22 Ngokuba uJehova akayikushiya abantu bakhe ngenxa yegama lakhe elikhulu, lokhu kwakukuhle kuJehova ukuzenzela nina nibe ngabantu bakhe. 23 Futhi nami , makube kude nami ukuba ngone kuJehova ngokuyeka ukunikhulekela; kakhulu ngiyakunifundisa indlela enhle nelungileyo. 24 Yesabani uJehova kuphela , nimkhonze ngeqiniso ngenhliziyo yenu yonke , ngokuba bhekani okukhulu anenzele khona. 25 Kodwa uma nisenza okubi, niyakubhubha nina nenkosi yenu.