1 uSamuweli Chapter 9
1
Kwakukhona umuntu wakwaBenjamini ogama lakhe lalinguKishi indodana ka-Abiyeli ka Serori kaBekhorati ka -Afiya, indodana yowakwaBenjamini, iqhawe elinamandla.
2
Wayenendodana egama layo lalinguSawule , insizwa enhle ; kwakungekho muntu omuhle kunaye phakathi kwabantwana bakwa -Israyeli; kusukela emahlombe akhe kuya phezulu wayemude kunabo bonke abantu.
3
Izimbongolo zikaKishi uyise kaSawule zalahleka . UKishi wathi kuSawule indodana yakhe: Thatha enye yezinceku, usuke, uye kufuna izimbongolo.
4
Wadabula izintaba zakwa -Efrayimi, wadabula izwe laseShalisha , kepha abazifumananga; base bedabula izwe laseShahalimi, nalapho zazingekho ; wadabula izwe labakwaBenjamini, kepha kabazifumana.
5
Sebefikile ezweni laseSufi , uSawule wathi kuyo inceku yakhe eyayinaye : Woza sibuye, funa ubaba aziyeke izimbongolo, enqene ngathi.
6
Yathi kuye : Bheka, kukhona kulo muzi umuntu kaNkulunkulu , umuntu ohloniphekayo; konke akushoyo kuyakwenzeka impela ; masiye khona , mhlawumbe angasitshela indlela esihamba ngayo.
7
Wayesethi uSawule kuyo inceku yakhe : Kepha bheka , uma siya khona , siyakulethani kulowo muntu na ? Ngokuba isinkwa siphelile ezitsheni zethu ; akukho nto esingayiyisa kulowo muntu kaNkulunkulu; sinani, pho, na?
8
Inceku yabuye yamphendula uSawule , yathi: Ngiphethe esandleni sami okwesine kweshekeli lesiliva ; lokhu ngiyakumnika khona lowo muntu kaNkulunkulu ukuba asitshele indlela yethu.
9
Endulo kwa -Israyeli, lapho umuntu ebeyakubuza kuNkulunkulu , washo wathi: Woza siye kumboni ; ngokuba lo othiwa umprofethi manje wabizwa kuqala ngokuthi umboni.
10
USawule wayesethi kuyo inceku yakhe : Lihle izwi lakho ; woza sihambe . Base beya emzini lapho lowo muntu kaNkulunkulu wayekhona.
11
Besakhuphuka ummango womuzi bafumana amantombazana eyakukha amanzi; bathi kuwo: Umboni ukhona na?
12
Abaphendula athi : Ukhona; nangu ngaphambi kwakho ; shesha kodwa , ngokuba ufikile namuhla emzini , lokhu abantu benomhlatshelo namuhla endaweni ephakemeyo;
13
ekungeneni kwenu emzini niyakumfumana , engakenyukeli endaweni ephakemeyo ukuyokudla ; ngokuba abantu abayikudla engakafiki , lokhu nguye obusisa umhlatshelo , andukuba abamenyi weyo badle . Ngalokho-ke, khuphukani manje, ngokuba niyakumfumana ngalesi sikhathi.
14
Benyukela emzini; besangena emzini, bheka, uSamuweli waphumela kubo ukuyakwenyukela endaweni ephakemeyo.
15
UJehova wayemambulele uSamuweli ngayizolo, uSawule engakafiki, ethi:
16
Kusasa ngalesi sikhath i ngiyakuthuma kuwe umuntu wasezweni lakwaBenjamini; uyakumgcoba abe ngumholi wabantu bami u -Israyeli, asindise abantu bami esandleni samaFilisti , ngokuba ngibonile abantu bami , lokhu ukukhala kwabo kufikile kimi.
17
USamuweli esembonile uSawule , uJehova wa thi kuye : Nangu umuntu engakhuluma ngaye kuwe, ngathi: Lo uyakubusa abantu bami.
18
USawule wayesesondela kuSamuweli esangweni , wathi: Ake ungitshele ukuthi iphi indlu yomboni.
19
USamuweli wamphendula uSawule, wathi: Yimi engingumboni; khuphuka phambi kwam i, uye endaweni ephakemeyo , ngokuba niyakudla nami namuhla; ekuseni ngiyakukumukisa , ngikutshele konke okusenhliziyweni yakho.
20
Izimbongolo zakho esezinezinsuku ezintathu zilahlekile, ungabeki inhliziyo yakho kuzo , ngokuba zitholiwe . Ngokukabani konke oku nxanelekayo kwa - Israyeli na? Akusikho okwakho nokwendlu yonke kayihlo na?
21
USawule waphendula wathi : Angisiye owakwaBenjamini yini , owesincane sezizwe zakwa-Israyeli, na? Nomndeni wakithi awumncane yini kuyo yonke imindeni yesizwe sakwaBenjamini na? Ukhulumelani kimi ngale ndlela na?
22
USamuweli wamthatha uSawule nenceku yakhe , wabangenisa endlini yokudlela, wabahlalisa endaweni engumqoka phakathi kwabam enyiweyo, kungathi abangamashumi amathathu.
23
USamuweli wathi kumpheki: Letha isabelo engakunika sona en gasho kuwe ngaso ukuthi: Sibeke ngakuwe.
24
Umpheki waphakamisa umlenze nokwakuphezu kwawo, wawubeka phambi kukaSawule. USamuweli wathi: Nakhu ohlinzekwe ngakho. Kubeke phambi kwakho, udle, ngokuba kugcinelwe wena kuze kufike lesi sikhathi , njengalokho ngit he ngimemile abantu . USawule wayesedla noSamuweli ngalolo suku.
25
Sebehlile endaweni ephakemeyo bangena emzini ; wakhuluma noSawule ophahleni lwendlu.
26
Bavuka ekuseni ; kwathi kusantwela , uSamuweli wabiza uSawule esophahleni lwendlu, wathi: Vuka ukuba ngikumukise. Wayesevuka uSawule, baphuma bobabili, baya phandle, yena noSamuweli.
27
Besehlela ngasekugcineni komuzi , uSamuweli wathi kuSawule: Yisho kuyo inceku ukuba idlule phambi kwethu -- yadlula-ke -- kepha yima wena manje ukuba ngikuzwise izwi likaNkulunkulu.