Skip to Content

1 uSamuweli Chapter 8

1 Kwathi uSamuweli esemdala , wabeka amadodana akhe abe ngabahluleli phezu kuka-Israyeli. 2 Igama lendoda na yakhe eyizibulo lalinguJoweli ; igama leyesibili lalingu - Abiya; babe ngabahluleli eBeri Sheba. 3 Amadodana akhe ayengahambi ngezindlela zakhe , kepha aphambukela inzuzo embi, athengwa ngemivuzo, aphendukezela izahlulelo. Abakwa-Israyeli bafuna inkosi 4 Kwabuthana onke amalunga akwa-Israyeli, aya kuSamuweli eRama; 5 athi kuye: Bheka, usumdala, amadodana akho awahambi ngezindlela zakho; sibekele inkosi ukuba isahlulele njengezizwe zonke. 6 Kepha leyo nto yaba mbi emehlweni kaSamuweli , lapho bethi: Siphe inkosi ukuba isahlulele. USamuweli wayesekhuleka kuJehova. 7 UJehova wathi kuSamuweli : Lalela izwi labantu kukho konke abakushoyo kuwe, ngokuba akusuwe abakulahlileyo, kepha balahle mina, ukuze ngingabi yinkosi phezu kwabo. 8 Njengemisebenzi yonke abayenzileyo , kusukela osukwini engabakhuphula ngalo eGibithe kuze kube namuhla , bangishiya bekhonza abanye onkulunkulu, benze njalo nakuwe. 9 Manje lalela izwi labo , ugamele nokugamela kubo kuphela , ubatshele amalungelo enkosi eyakubusa phezu kwabo. 10 USamuweli wabatshela abantu abacela kuye inkosi onke amazwi kaJehova. 11 Wathi: Nanka amalungelo enkosi eyakubusa phezu kwenu : iyakuthatha amadodana enu, izibekele wona ezinqoleni zayo nasemahhashini ayo, agijime phambi kwezinqola zayo; 12 iyakuzibekela wona abe yizinduna zez inkulungwane nezinduna zamashumi ayisihlanu, alime umhlabathi wayo , avune isivuno sayo, enze izikhali zayo zokulwa nempahla yezinqola zayo. 13 Iyakuthatha amadodakazi enu abe ngabathaki , nabapheki, nabaphekizinkwa. 14 Iyakuthatha amasimu enu, nezivini zenu, neminqumo yenu emihle, ikunike izinceku zayo. 15 Iyakuthatha okweshumi kwembewu yenu nokwesivini senu , ikunike izinduna zayo nezinceku zayo. 16 Iyakuthatha izinceku zenu , nezincekukazi zenu , nezinsizwa zenu ezinhle , nezimbongolo zenu, izenze ukuba zisebenze imisebenzi yayo. 17 Iyakuthatha okweshumi kwezimvu zenu, nibe yizinceku zayo. 18 Niyakukhala ngalolo suku ngenxa yenkosi yenu , eniyakube nizikhethele yona; kepha uJehova akayikuniphendula ngalolo suku. 19 Kepha abantu bala ukulalela izwi likaSamuweli , bathi: Hhayi, sifuna ukuba kube khona inkosi phezu kwethu, 20 ukuze nathi sibe njengezizwe zonke , inkosi yethu isahlulele , iphume phambi kwethu, ilwe izimpi zethu. 21 USamuweli wezwa onke amazwi abantu , wawalanda ezindlebeni zikaJehova. 22 UJehova wathi kuSamuweli : Lalela izwi labo , ubanike inkosi. USamuweli wathi kubantu bakwa -Israyeli: Hambani niye , kube yilowo nalowo emzini wakini.