1 uSamuweli Chapter 7
1
Abantu baseKiriyati Jeharimi bafika , bakhuphula umphongolo kaJehova , bawungenisa endlini ka -Abinadaba entabeni , bamngcwelisa u -Eleyazare indodana yakhe ukuba agcine umphongolo kaJehova.
2
Kwathi kusukela osukwini umphongolo owahlala ngalo eKiriyati Jeharimi , kwaba yisikhathi eside , ngokuba saba yiminyaka engamashumi amabili ; yonke indlu yakwa-Israyeli yakhalela uJehova.
3
USamuweli wakhuluma kuyo yonke indlu ka -Israyeli, wathi: Uma nibuyela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yenu, susani kini onkulunkulu babezizwe no- Ashitaroti, nibhekise izinhliziyo zenu kuJehova , nimkhonze yena yedwa ; uyakunophula esandleni samaFilisti.
4
Abakwa-Israyeli base besusa oBali no -Ashitaroti, bamkhonza uJehova yedwa. Ukukhiwa kwamanzi eMispa
5
USamuweli wathi : Buthani wonke u -Israyeli eMispa ; ngiyakunikhulekela kuJehova.
6
Babuthana eMispa, bakha amanzi, bawathulula phambi kukaJehova, bazila ngalolo suku , bathi khona : Sonile kuJehova . USamuweli wahlulela abantwana bakwa-Israyeli eMispa. Ukwahlulwa kwamaFilisti
7
AmaFilisti esezwile ukuthi abantwana bakwa -Israyeli babuthene eMispa , amakhosi amaFilisti akhuphuka ukulwa no -Israyeli. Abantwana bakwa - Israyeli bekuzwile lokho bawesaba amaFilisti.
8
Abantwana bakwa-Israyeli bathi kuSamuweli : Ungaphezi ukusikhalela kuJehova uNkulunkulu wethu ukuba asisindise esandleni samaFilisti.
9
USamuweli wathatha iwundlu elincelayo , wanikela ngalo libe ngumnikelo oshiswa wonke kuJehova ; uSamuweli wamkhalela u-Israyeli kuJehova ; uJehova wamphendula.
10
USamuweli esanikela ngomnikelo wokushiswa, amaFilisti asondela ukulwa no-Israyeli; kepha uJehova waduma ngokuduma okukhulu phezu kwamaFilisti ngalolo suku, wawangquzula, abulawa phambi kuka-Israyeli.
11
Abantu bakwa-Israyeli baphuma eMispa, bawaxosha amaFilisti, bawabulala, baze bafika ngaphansi eBeti Kari.
12
USamuweli wathatha itshe , walimisa phakathi kweMispa neSheni , waqamba igama lalo ngokuthi i -Ebeni Ezeri, ethi: Kuze kube manje uJehova usisizile.
13
Ayesahlulwa amaFilisti , awabe esaphinda ukungena emikhawulweni ka - Israyeli; isandla sikaJehova sasimelene namaFilisti zonke izinsuku zikaSamuweli.
14
Imizi amaFilisti ayeyithathile ku -Israyeli yabuyiselwa ku -Israyeli, kusukela e-Ekroni kuze kube seGati; umkhawulo wayo u-Israyeli wawophula esandleni samaFilisti. Kwaba khona ukuthula phakathi kuka-Israyeli nama-Amori. USamuweli ungumahluleli
15
USamuweli wahlulela u-Israyeli zonke izinsuku zokuhamba kwakhe.
16
Wahamba iminyaka ngeminyaka ezungeza , waya eBethele , naseGiligali, naseMispa; wahlulela u-Israyeli kuzo zonke lezo zindawo.
17
Wayebuyela eRama, ngokuba indlu yakhe yayilapho ; wahlulela u -Israyeli khona, wamakhela lapho uJehova i-altare.