Skip to Content

AbAhluleli Chapter 5

1 Base behlabelela oDebora noBaraki indodana ka -Abinohama ngalolo suku , bethi: 2 Ngokuba abaholi beholil e kwa-Israyeli, ngokuba abantu bezinikela ngenhliziyo, bongani uJehova. 3 Yizwani nina makhosi ; bekani indlebe nina zikhulu ; mina, yebo, mina ngiyakuhlabelela kuJehova, ngihubele kuJehova uNkulunkulu ka-Israyeli. 4 Jehova, ekuphumeni kwakho eSeyiri , ekusukeni kwakho ezweni lakwa- Edomi umhlaba wazamazama, namazulu aconsa, yebo, amafu aconsa amanzi. 5 Izintaba zathuthumela ebuswen i bukaJehova, yebo, nalo iSinayi lelo , ebusweni bukaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli. 6 Ezinsukwini zikaShamgari indodan a ka-Anati, ezinsukwini zikaJayeli imendo yayishiyiwe; ababeyakuhamba ngemendo bahamba ngemikhondo. 7 Abaholi ba phela kwa -Israyeli, banqamuka, ngaze ngavuka mina Debora , ngavuka ngingunina kwa-Israyeli. 8 Bakhetha onkulunkulu abasha ; lapho kwafika impi emasangweni; kwabonwa isihlangu noma umkhonto yin i phakathi kwezinkulungwane ezingamashumi amane kwa-Israyeli na? 9 Inhliziyo yami ikubabusi bakwa-Israyeli abazinikelayo ngenhliziyo phakathi kwabantu; bongani uJehova. 10 Nina enigibela izimbongol o ezimhlophe, nina enihlezi emacansini , nani enihamba ngendlela, kulandeni. 11 Ekwahlukaniseni impango phakath i kwemiqengqe yamanzi balanda khona izenzo ezilungileyo zikaJehova , ukulunga kokubusa kwakhe kwa -Israyeli; khona abantu bakaJehova behlela emasangweni. 12 Vuka, vuka, Debora! Vuka, vuka, uhube ihubo ! Vuka, Baraki, uthumbe abathunjwa bakho, wena ndodana ka-Abinohama! 13 Khona wayenza insali ukuba ibus e abakhulu; abantu bakaJehova bangibeka ukuba ngibuse iziqhwaga. 14 Kwavela kwa -Efrayimi abampande yabo ikuma -Amaleki; emva kwakho nguBenjamini phakathi kwabantu bakho . KwaMakiri kwavela ababusi , kwaZebuloni abaphethe intonga yomholi. 15 Izikhulu zakwa-Isakare zazinaye uDebora; njengo-Isakare, kanjalo noBaraki; behlela ngokushesha esigodini ezinyathelweni zakhe . Ngaseminonjaneni yakwaRubeni kwakukhona ukululekana okukhulu kwenhliziyo. 16 Wahlalelani ezibayeni zezimv u ukuzwa ikhwelo lemihlambi na ? Ngaseminonjaneni yakwaRuben i kwakukhona ukululekana okukhulu kwenhliziyo. 17 UGileyadi wahlala pheshey a kweJordani; uDani walibalelani emikhunjini na? U-Asheri wahlala ngasogwini lolwandle, wasala ngasemathekwini akhe. 18 UZebuloni wayengaba ntu abazidel a kwaze kwaba sekufeni , uNafetali kanjalo ezindaweni eziphakemeyo zezwe. 19 Amakhosi afika alwa , alwa amakhosi aseKhanan i eThahanaki ngasemanzini aseMegido; awathathanga nzuzo yamali. 20 Kwaliwa ezulwini; izinkanyezi ezindleleni zazo zalwa noSisera. 21 Umfudlana iKishoni wabakhukhula , umfudlana wamandulo , umfudlana iKishoni. Awu, mphefumulo wami, nyathela ngamandla. 22 Khona zadubuza izinselo zamahhashi ngokugadula, ukugadula kwezinkweli zawo. 23 Qalekisani iMerozi , kwasho ingelos i kaJehova; qalekisani nokuqalekisa abantu balo, ngokuba abezanga ukumsiza uJehov a ukuba bamsize uJehova ukulwa neziqhwaga. 24 Uyakubusiswa phezu kwabesifazan e uJayeli umkaHebere umKheni , abusiswe phezu kwabesifazane basematendeni. 25 Wacela amanzi , wamupha ubisi , wamlethela amangqanga ngesitsha samakhosi. 26 Wafaka isandla sakh e esikhonkwaneni, esokunene sakhe esandweni sezisebenzi; ngesando wamshaya uSisera , wadebeza ikhanda lakhe , yebo, wamgqobhoza, wambhoboza esikhaleni sendlebe. 27 Wakhothama ngasezinyaweni zakhe , wawa, walala; ngasezinyaweni zakhe wafola, wawa; lapho wakhothama khona, wawela khona efile. 28 Wabheka efasiteleni , wamemeza, unina kaSisera wathi eheleni : Inqola yakhe ilibalelani ukufika na? Zilibaziselwani izinyawo zezinqola zakhe na? 29 Amakhosazana akhe ahlakaniphileyo amphendula, yebo, wazibuyisela yena uqobo impendulo ngokuthi: 30 Angithi batholile babelana impango ? Intombi, yebo, izintombi ezimbili endodeni ngayinye ; kuSisera impango yezingubo ezinemibala , impango yezingubo ezinemibala ezifekethisiweyo ; izingubo ezimbili ezinemibala ezifekethisiweyo zezintamo zaba yimpango. 31 Mazibhubhe kanjalo zonke izith a zakho, Jehova; kepha abamthandayo mababe njengelanga, lapho liphuma ngamandla alo . Izwe selaba nokuthula iminyaka engamashumi amane.