Skip to Content

AbAhluleli Chapter 4

1 Abantwana bakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaJehova , esefile u-Ehudi. 2 UJehova wathengisa ngabo esandleni sikaJabini inkosi yaseKhanani , owabusa eHasori , onduna yempi yakhe yayinguSisera owahlala eHarosheti labezizwe. 3 Abantwana bakwa -Israyeli bakhala kuJehova , ngokuba wayenezinqola ezingamakhulu ayisishiyagalolunye zensimbi ; wacindezela kakhulu abantwana bakwa-Israyeli iminyaka engamashumi amabili. 4 UDebora umprofethikazi , umkaLapidoti, wahlulela u -Israyeli ngaleso sikhathi. 5 Wayehlala phansi kwesundu likaDebora phakathi kweRama neBethele ezintabeni zakwa -Efrayimi; abantwana bakwa -Israyeli bakhuphukela kuye ukuba bahlulelwe. 6 Wathuma wabiza uB araki indodana ka-Abinohama waseKedeshi Nafetali , wathi kuye : UJehova uNkulunkulu ka -Israyeli akayalanga yini ngokuthi : Hamba usondele entabeni yaseThabori , uye nabantu abayizinkulungwane eziyishumi babantwana bakwaNafetali nabantwana bakwaZebuloni, na? 7 Ngiyakusondeza kuwe emfudlaneni iKishoni uSisera induna yempi kaJabini , nezinqola zakhe, nesixuku sakhe, ngimnikele esandleni sakho. 8 UBaraki wathi kuye : Uma uhamba nami , ngiyakuhamba; kepha uma ungahambi nami, angiyikuhamba. 9 Wathi kuye: Impela ngiyakuhamba nawe, kodwa indlela oyakuhamba ngayo ayiyikuba ngeyodumo lwakho , ngokuba uJehova uyakumthengisa uSisera esandleni sowesifazane . Wayesesuka uDebora , wahamba noBaraki , baya eKedeshi. 10 UBaraki wabiza oZebuloni noNafetali ukuba beze eKedeshi ; kwakhuphuka abantu abayizinkulungwane eziyishumi ezinyathelweni zakhe ; naye uDebora wakhuphuka naye. 11 Kepha uHebere umKheni wayezahlukanisile namaKheni , abantwana bakwaHobabi umukhwe kaMose, wamisa itende lakhe kwaze kwaba se -okini laseShananimi eliseduze neKedeshi. UBaraki uyanqoba uSisera 12 Bamtshela uSisera ukuthi uBaraki indodana ka -Abinohama ukhuphukele entabeni yaseThabori. 13 USisera wayesebutha zonke izinqola zakhe , izinqola ezingamakhulu ayisishiyagalolunye zensimbi, nabantu bonke ababenaye, kusukela eHarosheti labezizwe kuze kube semfudlaneni iKishoni. 14 UDebora wathi kuBaraki: Vuka, ngokuba yilolu suku uJehova anikele ngalo uSisera esandleni sakho; uJehova akaphumanga phambi kwakho na? UBaraki wehla entabeni yaseThabori nabantu abayizinkulun gwane eziyishumi e mva kwakhe. 15 UJehova wamngquzula uSisera nazo zonke izinqola zakhe nempi yakhe yonke ngosiko lwenkemba phambi kukaBaraki ; uSisera wehlika enqoleni yakhe, wabaleka ngezinyawo. 16 Kepha uBaraki waxosha izinqola nempi kwaze kwaba seHarosheti labezizwe; yonke impi kaSisera yawa ngosiko lwenkemba, akwasala muntu. 17 Kepha uSisera wabaleka ngezinyawo , wafika etendeni likaJayeli umkaHebere umKheni, ngokuba kwakukhona ukuthula phakathi kukaJabini inkosi yaseHasori nendlu kaHebere umKheni. 18 UJayeli waphuma ukumhlan gabeza uSisera, wathi kuye: Phambuka, nkosi yami; phambukela kimi , ungesabi. Waphambukela kuye etendeni , wamembesa ingubo. 19 Wayesethi kuye : Ake ungiphuzise ingcosana yamanzi , ngokuba ngomile . Wavumbulula igabha lobisi, wamphuzisa, wamembesa. 20 Wathi kuye: Yima emnyango wetende; kuyakuthi nxa kufika umuntu abuze kuwe athi: Kukhona muntu lapha na? uthi: Qha. 21 UJayeli umkaHebere wayesethatha isikhonkwane setende, waphatha isando ngesandla, wanyonyobela kuye , wambethela esikhaleni sendlebe ngesikhonkwane, sagqobhoza, saphumela emhlabathini , ngokuba wayelele ubuthongo obukhulu ediniwe; wafa kanjalo. 22 Bheka, uBaraki esamxosha uSisera , uJayeli waphuma ukumhlangabeza , wathi kuye : Woza, ngikubonise omfunayo . Waya kuye ; bheka, uSisera wayelele efile, isikhonkwane sisesikhaleni sendlebe yakhe. 23 Ngalolo suku uNkulunkulu wamnqoba uJabini inkosi yaseKhanani phambi kwabantwana bakwa-Israyeli. 24 Isandla sabantwana bakwa -Israyeli saqhubeka saba namandla njalo phezu kukaJabini inkosi yaseKhanani, baze bamqeda uJabini inkosi yaseKhanani.