Skip to Content

2 uSamuweli Chapter 18

1 UDavide wabala abantu ababe naye , wabeka phezu kwabo izinduna zezinkulungwane nezinduna zamakhulu. 2 UDavide wamukisa abantu , inxenye yesithathu iphansi kwesandla sikaJowabe, nenxenye yesithathu iphansi kwesandla sika -Abishayi indodana kaSeruya, umfowabo kaJowabe, nenxenye yesithathu iphansi kwesandla sika- Ithayi umGiti. Inkosi yathi kubantu: Nami ngiyakuphuma nokuphuma nani. 3 Kepha abantu bathi : Awuyikuphuma, ngokuba uma sibaleka, abayikusinakekela; noma kufa inxenye yethu , abayikusikhathalela, kepha wena unjengezinkulungwane eziyishumi zethu; ngalokho kuhle ukuba usisize usemzini. 4 Yayisithi inkosi kubo : Okuhle emehlweni enu ngiyakukwenza . Inkosi yema ngaseceleni kwesango , bonke abantu baphuma ngamakhulu nangezinkulungwane. 5 Inkosi yabayaleza oJowabe no -Abishayi no-Ithayi, yathi: Anoyiphatha kahle insizwa ngenxa yami, ngisho u-Abisalomu. Bonke abantu bezwa, lapho inkosi iyaleza zonke izinduna ngo-Abisalomu. 6 Base bephumela endle ukulwa no -Israyeli, kwaliwa ehlathini lakwa - Efrayimi. 7 Abantu bakwa -Israyeli banqotshwa lapho phambi kwezinceku zikaDavide , kwakukhona ukubulalana okukhulu ngalolo suku , abantu abayizinkulungwane ezingamashumi amabili. 8 Ngokuba impi yahlakazeka khona ezweni lonke , ihlathi laqeda abantu abaningi ngalolo suku kunabadliwa yinkemba. Ukufa kuka-Abisalomu nokukhala kukaDavide 9 U-Abisalomu wasuka wahlangana nezinceku zikaDavide . U-Abisalomu wayekhwele umnyuzi wakhe , umnyuzi wangena phansi kwehlozi le -oki, ikhanda lakhe labambelela e -okini, waphakanyiselwa emkhathini wezulu nomhlaba; umnyuzi obuphansi kwakhe wadlula. 10 Umuntu othile wakubona , wamtshela uJowabe, wathi: Bheka, ngibone u - Abisalomu ephanyekekile e-okini. 11 UJowabe wathi kumuntu omtshelileyo : Bheka, ukubonile, awumjuqanga ngani khona , awele phansi , na? Nga ngikunikile izinhlamvu eziyishumi zesiliva nebhande. 12 Wathi-ke umuntu kuJowabe : Noma bengiyakukhokhelwa izinhlamvu eziyinkulungwane zesiliva esandleni sami , nokho bengingayikuselulela isandla sami endodaneni yenkosi, ngokuba ezindlebeni zethu inkosi yakuyala wena no-Abishayi no-Ithayi ukuthi: Yilondeni insizwa u-Abisalomu. 13 Uma bengisebenzile inkohliso ngokuphila kwakhe , njengokuba kungekho nto efihlwa enkosini, nawe uqobo ngabe umelene nami. 14 Wayesethi uJowabe : Anginakulibala kanje nawe . Wathatha imikhonto emithathu ngesandla sakhe, wambhokoda u-Abisalomu enhliziyweni esezwa, ephakathi kwe-oki. 15 Izinsizwa eziyishumi ezaziphethe izikhali zikaJowabe zamzungeza, zamshaya u-Abisalomu, zambulala. 16 UJowabe wayesebetha icilongo , abantu babuya ekumxosheni u -Israyeli, ngokuba uJowabe wabagodla abantu. 17 Bamthatha u -Abisalomu, bamlahla emgodini omkhulu ehlathini , babeka phezu kwakhe inqwaba enkulu kakhulu yamatshe ; bonke abakwa -Israyeli, kwaba yilowo nalowo, babalekela ematendeni abo. 18 U-Abisalomu esekhona wayethathe insika , wazimisela yona esiGod ini seNkosi, ngokuba wathi : Anginandodana yokukhumbuzela igama lami . Wayiqamba insika ngegama lakhe; ithiwa isikhumbuzo sika -Abisalomu kuze kube namuhla. 19 U-Ahimahasi indodana kaSadoki wayesethi : Ake ngigijime , ngiyibikele inkosi ukuthi uJehova uyiphindisele ezitheni zayo. 20 UJowabe wathi kuye : Awuyikuba ngumbiki wendaba namuhla , kepha uyakubika ngolunye usuku ; namuhla awuyikubika lutho , ngokuba indodana yenkosi ifile. 21 Wayesethi uJowabe kumKushe : Hamba, uyitshele inkosi okubonileyo . UmKushe wamkhothamela uJowabe, wagijima. 22 U-Ahimahasi indodana kaSadoki wabuye wathi kuJowabe : Noma kanjani, ake ngigijime nami , ngimlandele umKushe . Kepha uJowabe wathi : Uyakugijimelani wena mntanami , lokhu kungekho mvuzo wombiko kuwe , na? 23 Wathi: Noma kanjani, ake ngigijime. Wathi kuye: Gijima. Wayesegijima u- Ahimahasi ngendlela yasethafeni, wamdlula umKushe. 24 UDavide wayehlezi emkhathini wamasango omabili; umlindi wakhuphukela ophahleni lwesango ngasogangeni , waphakamisa amehlo akhe , wabheka, nanguya umuntu egijima eyedwa. 25 Umlindi wamemeza , wayitshela inkosi . Yathi inkosi : Uma eyedwa , unombiko emlonyeni wakhe. Wayelokhu esondela njalo. 26 Umlindi wayesebona omunye umuntu egijima ; umlindi wabiza umlindisango, wathi: Bheka, omunye umuntu ugijima eyedwa . Inkosi yathi: Naye uletha umbiko. 27 Umlindi wayesethi : Ngibona kungathi ukugijima kowokuqala kunjengokugijima kuka -Ahimahasi indodana kaSadoki . Yathi inkosi : Ngumuntu omuhle yena; uletha umbiko omuhle. 28 Wayesememeza u-Ahimahasi, wathi enkosini: Bayede! Wakhothama phambi kwenkosi ebhekise phansi ubuso bakhe , wathi: Makabongwe uJehova uNkulunkulu wakho , onikele abantu abaphakamisela isandla sabo enkosini yami, inkosi. 29 Inkosi yathi : Isahlezi kahle insizwa u -Abisalomu na ? U-Ahimahasi wathi : Ngabona isixuku sabantu , lapho uJowab e inceku yenkosi ethuma inceku yakho, kepha angazanga ukuthi kuyini. 30 Inkosi yathi: Gudluka, ume lapho. Wagudluka, wema. 31 Bheka, wayesefika umKushe; umKushe wathi: Ngumbiko, nkosi yami, nkosi, ngokuba uJehova ukuphindisele namuhla kubo bonke abakuvukelayo. 32 Inkosi yathi kumKushe : Isahlezi kahle insizwa u -Abisalomu na? UmKushe wathi: Izitha zenkosi yami , inkosi, nabo bonke abakuvukelayo ukukulimaza mababe njengaleyo nsizwa. 33 Yayisidabuka kakhulu inkosi , yakhuphukela ekamelweni elingaphezu kwesango, yakhala; isahamba yathi : Hhawu, ndodana yami Abisalomu , ndodana yami, ndodana yami Abisalomu ! Sengathi nga ngifile esikhundleni sakho, Abisalomu, ndodana yami, ndodana yami!