Skip to Content

NgokukaLuka Chapter 7

1 Kwathi eseqede onke amazwi akhe ezindlebeni zabantu , wangena eKapernawume. 2 Inceku yenduna yekhulu ethile ethandekayo kuyo yayigula, isizakufa. 3 Isizwile ngoJesu yathuma amalunga abaJuda kuye , imcela ukuba eze ayisindise inceku yayo. 4 Esefikile kuJesu amncenga kakhulu, ethi: Ifanele ukuba uyenzele lokho, 5 ngokuba ithanda isizwe sakithi; yiyo esakhele isinagoge. 6 UJesu wayesehamba nawo . Kepha engasekude nendlu , induna yekhulu yathumela kuye abahlobo , bathi kuye : Nkosi, ungazihluphi, ngokuba angifanele ukuba ungene phansi kophahla lwami. 7 Ngakho angizibonanga ukuthi ngifanele ukuza kuwe ; kepha yisho izwi , khona inceku yami iyakusinda. 8 Ngokuba nami ngingumuntu ophansi kwamakhosi , nginamabutho phansi kwami; ngithi kwelinye: Hamba, lihambe; nakwelinye: Woza, lize; nasencekwini yami: Yenza lokhu, ikwenze. 9 UJesu ekuzwa lokho wamangala ngayo , waphenduka, wathi esixukwini esimlandelayo: Ngithi kini : Angizange ngifumane ukukholwa okungaka nakwa-Israyeli. 10 Ababethunyiwe sebebuyele ekhaya bafumana inceku isindile. Indodana yomfelokazi waseNayini ivuswa ekufeni 11 Kwathi ngangomuso waya emzini othiwa iNayini; kwahamba naye abafundi bakhe nesixuku esikhulu. 12 Esesondela esangweni lomuzi , bheka, kwaphunyiswa ofileyo , indodana eyodwa kanina, yena engumfelokazi; nabantu abaningi bomuzi babe naye. 13 Yathi iNkosi isimbona, yamhawukela, yathi kuye: Ungakhali. 14 Yasondela, yathinta uhlaka ; abaluthweleyo base bema . Yayisithi: Nsizwa, ngithi kuwe: Vuka! 15 Ofileyo wavuka, waqala ukukhuluma; yamnika unina. 16 Bafikelwa ngukwesaba bonke , bamdumisa uNkulunkulu , bathi: Kuvele umprofethi omkhulu phakathi kwethu , nokuthi: UNkulunkulu ubahambele abantu bakhe. 17 Kwaphumela leli zwi ngaye kulo lonke iJudiya nakulo lonke langakhona. Ukufakaza kukaJesu kubafundi bakaJohane nakubantu (Math. 11:2) 18 Abafundi bakaJohane bambikela ngazo zonke lezo zinto. 19 UJohane wayesebiza ababili kubafundi bakhe , wabathumela eNkosini , wathi: Wena unguye ozayo, noma sobheka omunye na? 20 Amadoda esefikile kuyo athi : UJohane uMbhapathizi usithumele kuwe , ethi: Wena unguye ozayo, noma sobheka omunye na? 21 Ngalowo mzuzu yayiphulukisa abaningi e zifweni nasebuhlungwini nakomoya ababi; nezimpumputhe eziningi yazipha ukubona. 22 Yaphendula, yathi kuwo: Hambani nimlandise uJohane lokho enikubonile nenikuzwile ukuthi : Izimpumputhe ziyabona , izinyonga ziyahamba , abanochoko bayahlanjululwa , izithulu ziy ezwa, abafileyo bayavuswa , abampofu bayashunyayezwa ivangeli; 23 ubusisiwe ongayikukhubeka ngami. 24 Sezimukile izithunywa zikaJohane , yaqala ukukhuluma ezixukwini ngoJohane, ithi: Naphuma naya ehlane ukuyobonani na ? Umhlanga ontengantengiswa ngumoya na? 25 Kanti naphuma ukuyobonani na ? Umuntu owembethe izingubo ezinothonotho na ? Bhekani, abembethe okukhazimulayo , betamasa, basezindlini zamakhosi. 26 Kodwa naphuma ukuyobonani na ? Umprofethi na ? Yebo, ngithi kini : Odlula umprofethi. 27 Nguye okulotshwe ngaye uku thi: Bheka, ngiyathuma isithunywa sami phambi kobuso bakho esiyakulungisa indlela yakho phambi kwakho. 28 Ngithi kini : Kwabazelwe ngabesifazane akakho omkhulu kunoJohane ; kepha omncane embusweni kaNkulunkulu mkhulu kunaye. 29 Abantu bonke , yebo, nabathelisi sebezwile bamvuma uNkulunkulu , babhapathizwa ngombhapathizo kaJohane. 30 Kepha abaFarisi nezazimthetho balenza ize icebo likaNkulunkulu maqondana nabo bengabhapathizwanga nguye. 31 Pho-ke, abantu balesi sizukulwane ngiyakubafanisa nani na ? Bafana nani na? 32 Bafana nabantwana abahlezi esigcawini bememezana bethi : Sinibethele imitshingo, anisinanga; salilisela, anikhalanga. 33 Ngokuba uJohane uMbhapathizi ufikile engadli sinkwa , engaphuzi wayini; nithi-ke: Unedemoni. 34 Ifikile iNdodana yomuntu , idla, iphuza, senithi: Bhekani, umuntu oyisiminzi nesiphuzi, umhlobo wabathelisi nezoni. 35 Kodwa ukuhlakanipha kuvunyiwe ngabantwana bakho bonke. Owesifazane oyisoni endlini yomFarisi 36 Omunye wabaFarisi wammema ukuba adle naye ; esengene endlini yomFarisi wahlala ekudleni. 37 Bheka, kwakukhona emzini owesifazane oyisoni ; wathi esazi ukuthi uhlezi ekudleni endlini yomFarisi, weza nomfuma wamafutha, 38 wema emuva ngasezinyaweni zakhe ekhala , waqala ukumatisa izinyawo zakhe ngezinyembezi , wazesula ngezinwele zekhanda lakhe , wazanga izinyawo zakhe, wazigcoba ngamafutha. 39 Kuthe umFarisi obemmemile ekubona , wazindla wathi : Uma lo ebengumprofethi, nga emazi lo wesifazane omphathayo ukuba ungubani nokuba unjani, ngokuba uyisoni. 40 UJesu waphendula, wathi kuye: Simoni, kukhona engifuna ukukukhuluma kuwe. Wathi: Khuluma-ke, Mfundisi. 41 Kwakukhona abantu ababili abanamacala kumtshelekisi othile ; icala lomunye lalingodenariyu abangamakhulu ayisihlanu , elomunye amashumi ayisihlanu. 42 Bengenanto yokukhokha , wabayekela bobabili . Ngumuphi kubo konje oyakumthanda kakhulu na? 43 USimoni waphendula wathi: Ngithi yilowo amyekela okukhulu. Wathi kuye: Unqume kahle. 44 Ephendukela kowesifazane wathi kuSimoni : Uyambona lo wesifazane na ? Ngingene endlini yakho , awunginikanga amanzi ezinyawo , kepha yena uzimatisile izinyawo zami ngezinyembezi, wazesula ngezinwele zakhe. 45 Awunganganga, kepha lo , yilokhu ngingenile , akayekanga ukwanga izinyawo zami. 46 Ikhanda lami awuligcobanga ngamafutha , kepha lo uzigcobile izinyawo zami ngamafutha. 47 Ngenxa yalokho ngithi kuwe : Izono zakhe eziningi zithethelelwe , ngokuba uthandile kakhulu; kepha othethelelwa okuncane uthanda kancane. 48 Wayesethi kuye: Zithethelelwe izono zakho. 49 Ababehlezi naye ekudleni baqala ukusho phakathi kwabo ukuthi : Ngubani lo othethelela nezono na? 50 Kepha wathi kowesifazane : Ukukholwa kwakho kukusindisile ; hamba, ube nokuthula.