NgokukaLuka Chapter 8
1
Kwathi emva kwalokho wayehamba imizi nemizana eshumayela ememezela ivangeli lombuso, benaye abayishumi nambili
2
nabesifazane abathile ababephulukiswe kubo omoya ababi nasezifweni : uMariya obizwa ngokuthi uMagdalena , okwakuphume kuye amademoni ayisikhombisa,
3
noJowana umkaKhuza, induna kaHerode , noSusana, nabanye abaningi ababebakhonza ngempahla yabo.
4
Sekubuthene kuye isixuku esikhulu sivela emizini ngemizi , wakhuluma ngomfanekiso, wathi:
5
Kwaphuma umhlwanyeli ukuyohlwanyela imbewu yakhe . Ekuhlwanyeleni kwakhe enye yawela ngasendleleni ; yanyathelwa, izinyoni zezulu zayidla , zayiqeda.
6
Enye yawela edwaleni; kuthe imila, yabuna, ngokuba ingenamswakama.
7
Enye yawela phakathi kwameva , kwaze kwathi ameva esemila kanye nayo , ayiminyanisa.
8
Enye yawela emhlabathini omuhle; kuthe imila, yathela ngekhulu. Ekusho lokhu wamemeza wathi: Onezindlebe zokuzwa makezwe.
9
Abafundi bakhe bambuza ukuthi ungaba yini lowo mfanekiso na?
10
Wathi-ke: Niphiwe nina ukwazi izimfihlakalo zombuso kaNkulunkulu , kepha abanye bakuphiwa ngemifanekiso ukuba bebona bangaboni , bezwa bangaqondi.
11
Umfanekiso yilokhu-ke: imbewu iyizwi likaNkulunkulu.
12
Abangasendleleni yilabo abathi sebezwile , bese kufika uSathane , alisuse izwi enhliziyweni yabo ukuba bangakholwa, basindiswe.
13
Abasedwaleni yilabo abathi sebezwile , balamukele izwi ngokuthokoza ; kepha laba kabanampande , bakholwa isikhasha na nje , kuthi ngesikhathi sokulingwa bahlubuke.
14
Okuwele phakathi kwameva yilabo abathi sebezwile , bahambe, baminyaniswe ngeminako nengcebo nezinjabulo zokuphila , bangatheli izithelo ezivuthiwe.
15
Okusemhlabathini omuhle yilabo abathi belizwile izwi , balibambe ngenhliziyo enhle nelungileyo, bathele izithelo ngokubekezela.
16
Akakho othi esokhela isibani , asimboze ngesitsha nokuba asibeke phansi kombhede, kepha usifaka othini, ukuze abangenayo babone ukukhanya.
17
Ngokuba akukho okusithekileyo okungayikuhlal uka nokuyisifuba okungayikwaziwa, kube sobala.
18
Ngakho-ke anobheka ukuba nizwa kanjani ; ngokuba yilowo nalowo onakho uyakuphiwa ; kepha lowo ongenakho uyakwamukwa nalokho athi unakho. Izihlobo eziyizo zikaJesu (Math. 12:46; Mark. 3:31)
19
Kwase kufika kuye unina nabafowabo, kepha behluleka ukufinyelela kuye ngenxa yesixuku.
20
Wabikelwa ukuthi: Unyoko nabafowenu bemi ngaphandle befuna ukukubona.
21
Kepha waphendula, wathi kubo: Umame nabafowethu yilabo abalizwa izwi likaNkulunkulu, balenze. Ukuthuliswa kwesivunguvungu (Math. 8:23; Mark. 4:35)
22
Kwathi-ke ngolunye lwalezo zinsuku wangena emkhunjini , yena kanye nabafundi bakhe, wathi kubo: Asiwele siye ngaphesheya kolwandle . Basuka- ke.
23
Kuthe besahamba ngomkhumbi , walala ubuthongo ; kwehlela-ke isivunguvungu somoya elwandle, bagcwala amanzi, babesengozini.
24
Base besondela , bamvusa bathi : Nkosi, Nkosi, safa. Wavuka-ke, wakhuza umoya nokugubha kwamanzi. Kwanqamuka, kwathula kwathi du.
25
Wayesethi kubo : Kuphi ukukholwa kwenu na ? Besaba; bamangala, bathi omunye komunye: Ungubani lo ukuba ayale nomoya namanzi, kumlalele? Ukukhishwa kwamademoni (Math. 8:28; Mark. 5:1-20)
26
Bafika ngomkhumbi ezweni lamaGerasa elibhekene neGalile.
27
Esephumele emhlabathini , kwamhlangabeza indoda ethile yomuzi eyayinamademoni; kwase kuyi sikhathi eside ingembathi ngubo , ingahlali endlini kodwa emathuneni.
28
Isimbona uJesu yadazuluka , yawa phansi phambi kwakhe , yathi ngezwi elikhulu: Nginamsebenzi muni nawe Jesu , Ndodana kaNkulunkulu oPhezukonke? Ngiyakuncenga, ungangihluphi.
29
Ngokuba waya la umoya ongcolileyo ukuba aphume kulowo muntu . Ngokuba wayesembambe kaningi ; walindwa eboshwe ngawozankosi nangamaketanga ezinyawo; kepha wathi esegqabule izibopho, waqhutshelwa yidemoni ehlane.
30
UJesu wambuza wathi: Ungubani igama lakho? Wathi: ULegiyona, ngokuba amademoni amaningi ayengene kuye.
31
Amncenga ukuba angawayali ukuya kwalasha.
32
Kwakukhona lapho umhlambi wezingulube eziningi ziklabile entabeni ; amncenga ukuba awavumele angene kuzo; wawavumela.
33
Aphuma-ke amademoni kuye umuntu , angena ezingu lubeni, umhlambi wagulukudela eweni, waphonseka elwandle, waminza.
34
Kwathi ababezalusa bebona okwenzekileyo , babaleka, bakubika emzini nasemaphandleni.
35
Khona baphuma ukuyobona okwenzekileyo , bafika kuJesu , bamfumanisa umuntu okuphume kuye amademoni ehle zi ngasezinyaweni zikaJesu embethe, esangulukile; bashaywa luvalo.
36
Ababekubonile babatshela ukuthi usinde kanjani owayekhwelwe ngamademoni.
37
Abantu bonke bakulelo zwe lamaGerasa bamcela ukuba amuke kubo , ngokuba babephethwe ngukwesaba okukhulu ; yena wayesengena emkhunjini, waphindela emuva.
38
Kepha indoda okuphume kuyo amademoni yamnxusa ukuba ibe naye ; kodwa wayimukisa, ethi:
39
Buyela ekhaya, ulande ukuthi kungakanani uNkulunkulu akwenzele khona. Wamuka elanda emzini wonke ngokuthi kungakanani abekwenzelwe nguye uJesu. Indodakazi kaJayiru ivuswa ekufeni (Math. 9:18; Mark. 5:21)
40
Kepha ekubuyeni kwakhe uJesu isixuku samthakazela ; ngokuba bonke babembhekile.
41
Bheka, kwafika indoda , nguJayiru igama layo , ingumphathi wesinagoge, yaziphonsa phansi ngasezin yaweni zikaJesu , yamncenga ukuba angene endlini yayo.
42
Ngokuba yayinendodakazi eyodwa kungathi ineminyaka eyishumi nambili , yona isifa. Kepha esahamba, izixuku zamminyanisa.
43
Owesifazane owayenomopho iminyaka eyishumi nambili , esekhokhele izinyanga konke abephila ngakho, engenakuphulukiswa muntu,
44
weza ngasemuva , wathinta umphetho wengubo yakhe ; kwanqamuka masinyane ukugobhoza kwegazi lakhe.
45
UJesu wathi : Ngubani ongithintileyo na ? Bephika bonke , wathi uPetru nababe naye: Nkosi, izixuku ziyakuminyanisa, zikucindezele.
46
Kepha uJesu wathi : Ukhona ongithintileyo , ngokuba ngizwile kuphuma amandla kimi.
47
Owesifazane ebona ukuthi kanakufihleka , weza ethuthumela , eziphonsa phansi phambi kwakhe , walanda phambi kwabantu bonke isisusa sokuba amthinte nokuthi usinde khona lapho.
48
Wayesethi kuye: Ndodakazi, ukukholwa kwakho kukusindisile; hamba, ube nokuthula.
49
Esakhuluma, kwafika othile evela kwamphathi wesinagoge , wathi kuye : Indodakazi yakho isifile; ungabe usamkhathaza uMfundisi.
50
Kepha uJesu ekuzwa lokho w amphendula wathi : Ungesabi, kholwa kuphela; izakusinda.
51
Esefike endlini kavumanga ukuba kungene muntu naye , kuphela oPetru , noJohane, noJakobe, noyise wentombazana, nonina.
52
Babekhala bonke beyililela; kepha wathi: Ningakhali; ayifile, kodwa ilele.
53
Bamhleka usulu, bazi ukuthi ifile.
54
Kepha yena wayibamba ngesandla, wamemeza wathi: Ntombazana, vuka!
55
Wabuyela umoya wayo, yavuka khona lapho; wayala ukuba inikwe ukudla.
56
Abazali bayo bethuka; wabayala ukuba bangatsheli muntu okwenzekileyo.