UDaniyeli Chapter 2
1
Ngomnyaka wesibili wokubusa kukaNebukadinesari uNebukadinesari waphupha amaphupho ; umoya wakhe wakhathazeka , nobuthongo bakhe bambalekela.
2
Yayisiyaleza inkosi ukuba kubizwe izanusi , nabathwebulayo, nabalumbi, namaKaledi ukuba bachazele inkosi amaphupho ayo . Bangena, bema phambi kwenkosi.
3
Inkosi yayisithi kubo : Ngiphuphe i phupho, umoya wami ukhathazekile ukulazi iphupho.
4
Ayesekhuluma amaKaledi enkosini ngesi -Aramu, athi: Mana njalo , nkosi; yisho ezincekwini zakho iphupho, thina sibonise incazelo.
5
Inkosi yaphendula, yathi kumaKaledi : Izwi liphumile kimi lokuthi uma ningazisi iphupho nencazo yalo, niyakuhlahlelwa, izindlu zenu zibe yiquba.
6
Kepha uma nibonisa iphupho nencazo yalo , niyakwamukela kimi izipho nemivuzo nodumo olukhulu; ngalokho ngiboniseni iphupho nencazo yalo.
7
Abuye aphendula , athi: Inkosi mayisho iphupho ez incekwini zayo , thina sibonise incazelo.
8
Inkosi-ke yaphendula yathi : Ngiyazi impela ukuthi niyazenzela isikhathi , ngokuba nibona ukuthi izwi liphumile kimi
9
lokuthi uma ningangazisi iphupho , umthetho munye nje ngani , ngokuba nilungisile amazwi amanga nawo nakeleyo okukhuluma phambi kwami, kuze kuguquke isikhathi : ngalokho ngitsheleni iphupho , ngize ngazi ukuthi ningangibonisa incazelo yalo.
10
AmaKaledi aphendula phambi kwe nkosi, athi: Akukho muntu emhlabeni ongabonisa indaba yenkosi, ngokuba akukho nkosi, nanduna, nambusi owake wabuza indaba enjalo nakwesisodwa isanusi, nothwebulayo, naKaledi.
11
Futhi kuyinto elukhuni eyifunayo inkosi , kakho omunye ongayibonisa phambi kwenkosi ngaphandle kwawonkulunkulu abangahlali nabasenyameni.
12
Ngalokho inkosi yathukuthe la, yafutheka kakhulu , yayaleza ukuba kubhujiswe bonke abahlakaniphileyo baseBabele.
13
Isimemezelo saphuma sokuthi abahlakaniphileyo babeyakubulawa ; bamfuna uDaniyeli nabangane bakhe ukuba babulawe.
14
Khona uDaniyeli wabuyisela impendulo ngokuhlakanipha na ngokuqonda ku-Ariyoki induna yemilindankosi owayephumile ukubulala abahlakaniphileyo baseBabele;
15
wathatha wathi ku -Ariyoki induna yenkosi : Siphumeleni enkosini lesi simemezelo esicindezelayo na? U-Ariyoki wayesemazisa uDaniyeli indaba.
16
UDaniyeli wayese ngena, wacela enkosini ukuba imnike isikhathi ukuze abonise inkosi incazelo.
17
UDaniyeli wayeseya endlini yakhe , wazisa oHananiya , noMishayeli, no- Azariya, abangane bakhe, le ndaba
18
ukuba bacele umusa kuNkulunkulu wasezulwini ngale mfihlakalo , ukuze uDaniyeli nabangane bakhe bangabhubhi kanye nabanye abahlakaniphileyo baseBabele.
19
Khona yabonakaliswa imfihlakalo kuDaniyeli ngombono ebusuku . UDaniyeli wambonga uNkulunkulu wasezulwini.
20
UDaniyeli wathatha wathi : Malibongwe igama likaNkulunkul u kusukela kwaphakade kuze kube phakade , ngokuba ukuhlakanipha namandla kungokwakhe;
21
uyaguqula izikhathi nezinkathi; uyasusa amakhosi, abeke amakhosi; unika abahlakaniphileyo ukuhlakanipha, nokwazi kwabaqonda ukwazi;
22
uyambula okujulileyo nokufihlakeleyo ; uyazi ok usebumnyameni, nokukhanya kuhlezi kuye.
23
Ngiyakubonga, ngikudumise wena Nkulunkulu wawobab a ongiphile ukuhlakanipha namandla , wangazisa esasikucela kuwe , ngokuba usazisile indaba yenkosi.
24
Ngalokho uDaniyeli wangena ku -Ariyoki obemiswe yinkosi ukuba abhubhise abahlakaniphileyo baseBabele . Wahamba, washo kanje kuye , wathi: Ungababhubhisi abahlakaniphileyo baseBabele; ngingenise phambi kwenkosi, ngibonise inkosi incazelo.
25
U-Ariyoki wayeseshesha ukumngenisa uDaniyeli phambi kwenkosi , washo kanje kuyo, wathi: Ngifumene umuntu wabathunjwa bakwaJuda oyakwazisa inkosi incazelo.
26
Inkosi yaphendula , yathi kuDaniyeli, ogama lakhe lalinguBeliteshasari : Ungangazisa iphupho engilibonileyo nencazo yalo na?
27
UDaniyeli waphendula phambi kwenkosi , wathi: Imfihlakalo e yibuzayo inkosi, abahlakaniphileyo, nabathwebulayo, nezanusi, nabahlola imihlola , bangeyibonise yona inkosi.
28
Kepha kukhona uNkulunkulu ezulwini owambula izimfihlakalo ; wazisile inkosi uNebukadinesari okuyakuba khona ngezinsuku ezizayo. Iphupho lakho nemibono yekhanda lakho embhedeni wakho nakhu:
29
Wena-ke, nkosi, imicabango yakho yokuyakuba khona emva kwalokhu yafika kuwe usembhedeni wakho ; owambula izimfihlakalo ukwazisile okuyakuba khona.
30
Mina-ke, akungokuhlakanipha enginakho kunabanye abakhona ukut hi le mfihlakalo yambuliwe kimi , kepha kungukuba inkosi yaziswe incazelo nokuba wazi imicabango yenhliziyo yakho.
31
Wena nkosi wabona, bheka, isithombe esikhulu. Lesi sithombe esasisikhulu nesikucwebezela kwaso kwakukuhle sema phambi kwakho , nesimo saso sasesabeka.
32
Lesi sithombe-ke, ikhanda laso liyigolide elihle , isifuba saso nezingalo zaso kuyisiliva, isisu saso namathanga aso kuyithusi,
33
imilenze yaso iyinsimbi, izinyawo zaso inxenye yinsimbi, inxenye yibumba.
34
Wawusubona ukuthi kwaqheshulwa itshe k ungengazandla, lashaya isithombe ezinyaweni zaso eziyinsimbi nebumba, lazichoboza.
35
Kwase kuchotshozwa kanyekanye insimbi , nebumba, nethusi, nesiliva, negolide, kwaba njengamakhoba ezibuya zasehlobo , kwasuswa ngumoya , akutholwanga ndawo ; itshe elalisishay a isithombe laba yintaba enkulu , lawugcwalisa umhlaba wonke.
36
Yilelo iphupho; nencazo siyakuyisho phambi kwenkosi.
37
Wena nkosi uyinkosi yamakhosi onikwe umbuso , namandla, nodumo nguNkulunkulu wasezulwini.
38
Ezindaweni zonke lapho abantwana babantu beh lezi khona , izilwane zasendle nezinyoni zezulu uzinikele esandleni sakho , wenze ukuba ubuse phezu kwazo zonke. Wena uyikhanda legolide.
39
Emva kwakho kuyakuvuka omunye umbuso omncane kunawe , nomunye umbuso wesithathu wethusi oyakubusa emhlabeni wonke.
40
Umbuso wesine uyakuqina njengensimbi, ngokuba insimbi ichoboza, igxobe konke; nanjengensimbi ekwaphula konke lokhu, uyakugxoba, waphule.
41
Njengalokho wabona izinyawo nezinzwani , inxenye iyibumba lombumbi , inxenye insimbi, uyakuba ngumbuso owahlukeneyo ; kepha kuyakuba kuwo amandla ensimbi, njengokuba wabona insimbi ixubene nebumba lodaka.
42
Njengalokho izinzwani zezinyawo zaziyinsimbi inxenye , nenxenye ibumba, umbuso uyakuba namandla nganxanye , ngakwenye inxenye ube buthakathaka.
43
Njengalokho wabona insimbi ixubene nebumba lodaka, bayakuzixubanisa nenzalo yabantu, kepha abayikunamathelana omunye nomunye , njengokuba insimbi ingahlangani nebumba.
44
Ezinsukwini zalawo makhosi uNkulunkulu wasezulwini uyakumisa umbuso ongasoze wachithwa nobukhosi bawo bungayikushiyelwa kwabanye abantu , kepha uyakuchoboza, uqede yonke le mibuso, wona uqobo ume phakade.
45
Njengalokho wabona itshe ukuthi laqheshulwa entabeni kungengazandla , nokuthi lachoboza insimbi , nethusi, nebumba, nesiliva, negolide, uNkulunkulu omkhulu uyazisil e inkosi okuyakuba khona emva kwalokhu ; iphupho liqinisile, nencazo yalo iyiqiniso.
46
Inkosi uNebukadinesari yayisiwa ngobuso, yakhuleka kuDaniyeli, yayaleza ukuba banikele ngomnikelo nangempepho kuye.
47
Inkosi yamphendula uDaniyeli , yathi: Ngempela uNku lunkulu wakho unguNkulunkulu wawonkulunkulu , neNkosi yamakhosi , umambuli wezimfihlakalo, lokhu ubunamandla okubonakalisa le mfihlakalo.
48
Inkosi yamkhulisa uDaniyeli , yamupha izipho eziningi ezinkulu , yamenza ukuba abuse sonke isifunda saseBabele , abe ngu mholi wababusi babahlakaniphileyo baseBabele.
49
UDaniyeli wacela enkosini, yabeka oShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego phezu kwezindaba zesifunda saseBabele , kepha uDaniyeli wayesesangweni lenkosi.