"izinyawo"
101 occurrences in ZUL
wathi: Bhekani, makhosi, ake niphambuke, ningene endlini yenceku yenu , nihlale ubusuku , nigeze izinyawo zenu andukuba nivuke ekuseni kusasa , nihambe indlela yenu. Zathi: Qha, siyakuhlala phandle.
Wayesengena endlini lowo muntu , wakhumula amakamela , wapha amakamela utshani nefoliji , waletha namanzi okugeza izinyawo zakhe nezinyawo zamadoda anaye.
Inceku yayisingenisa amadoda endlini kaJosefa , yawanika amanzi ; ageza izinyawo zawo; yazipha izimbongolo zawo ukudla.
UJakobe eseqedile ukuyala amadodana akhe waqoqela izinyawo zakhe embhedeni, wagqibuka, wabuthelwa kubantu bakhe.
Wenze izinyawo ezingamashumi amane esiliva phansi kwamapulangwe angamashumi amabili , izinyawo ezimbili phansi kwepulangwe linye , zibe ngezemisuka yalo yomibili , nezinyawo ezimbili phansi kwelinye ipulangwe , zibe ngezemisuka yalo yomibili,
kanye nezinyawo zawo ezingamashumi amane esiliva , izinyawo ezimbili phansi kwelinye ipulangwe, nezinyawo ezimbili phansi kwelinye ipulangwe.
Kuyakuba ngamapulangwe ayisishiyagalombili nezinyawo zawo zesiliva , izinyawo eziyishumi nesithupha , izinyawo ezimbili phansi kwelinye ipulangwe nezinyawo ezimbili phansi kwelinye.
Ulenzele iveli izinsika eziyisihlanu zomtholo , uzinameke ngegolide; izingwegwe zazo mazibe yigolide, uzikhandele izinyawo eziyisihlanu zethusi.
Izinsika zonke zegceke zonamekwa ngesiliva, izingwegwe zazo zibe yisiliva, izinyawo zazo zibe yithusi.
Ubude begceke boba yizingalo eziyikhulu , ububanzi bube ngezamashumi ayisihlanu njalo , ukuphakama kube yizingalo eziyisihlanu , bube yilineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo, izinyawo zibe yithusi.
Wazenza izinyawo ezingamashumi amane zesiliva phansi kwamapulangwe angamashumi amabili , izinyawo ezimbili phansi kwepulangwe linye , ezemisuka yalo emibili, nezinyawo ezimbili phansi kwelinye ipulangwe , ezemisuka yalo emibili.
nezinyawo zawo ezingamashumi amane zesiliva , izinyawo ezimbili phansi kwepulangwe linye nezinyawo ezimbili phansi kwelinye ipulangwe.
Kwakungamapulangwe ayisishiyagalombili nezinyawo zawo zesiliva , izinyawo eziyishumi nesithupha , izinyawo ezimbili phansi kwalelo nalelo pulangwe.
Wasenzela izinsi ka ezine zomtholo , wazinameka ngegolide ; izingwegwe zazo zaziyigolide; wazikhandela izinyawo ezine zesiliva.
nezinsika zalo eziyisihlanu nezingwegwe zazo ; wanameka izihloko zazo nezibopho zazo ngegolide; izinyawo zazo eziyisihlanu zaziyithusi.
Izinyawo zezinsika zaziyi thusi, izingwegwe zezinsika nemishayo yazo kwakuyisiliva; izihloko zazo zazinamekwe ngesiliva ; zonke izinsika zegceke zazinesibopho sesiliva.
Amatalenta ayikhulu esiliva ayengawokukhanda izinyawo zendlu engcwele, nezinyawo zesihenqo , izinyawo eziyikhulu ngamatalenta ayikhulu , italenta ngonyawo.
Wenza ngalo izinyawo zomnyango wetende lokuhlangana, ne-altare lethusi, nehele lalo lethusi, nezinto zonke ze-altare,
UMose walimisa itabernakele, wabeka izinyawo zalo, wamisa amapulangwe alo, wafaka imishayo yalo, wamisa izinsika zalo.
nalapho abathwala umphongolo sebefikile eJordani , izinyawo zabapristi abathwala umphongolo zicwilile onqenqemeni lwamanzi aseJordani eligcwele phezu kwalo lonke ugu lwalo izinsuku zonke zokuvuna,
niwayale nithi : Zikhipheleni lapha phakathi kweJordani , endaweni lapho izinyawo zabapristi zazimi khona ziqinile , amatshe ayishumi nambili, niwele nawo, niwabeke endaweni eniyakulala kuyo ebusuku.
UJoshuwa wamisa amatshe ayishumi nambili phakathi neJordani, endaweni lapho izinyawo zabapristi abathwala umphongolo zazimi khona; akhona kuze kube namuhla.
Kwathi lapho bekhiphela kuJoshuwa lawo makhosi, uJoshuwa wabiza onke amadoda akwa-Israyeli, wathi ezinduneni zamadoda empi ezazihamba naye : Sondelani, nibeke izinyawo zenu ezintanyeni zalawa makhosi . Zasondela-ke, zabeka izinyawo zazo ezintanyeni zawo.
Wabheka efasiteleni , wamemeza, unina kaSisera wathi eheleni : Inqola yakhe ilibalelani ukufika na? Zilibaziselwani izinyawo zezinqola zakhe na?
Kuyakuthi nxa eselala , uqaphele indawo ayakulala kuyo , ungene, wambule izinyawo zakhe, ulale; uyakukutshela lokhu oyakukwenza.
UBowazi wadla waphuza , inhliziyo yakhe yathokoza , waya ukulala ngasekugcineni kwenqwaba yamabele ; wafika kahle , wambula izinyawo zakhe, walala.
Wafika ezibayeni zezimvu ngasendleleni, lapho kukhona umhume; uSawule wangena khona ukuba embese izinyawo zakhe . UDavide nabantu bakhe babehlezi emuva emhumeni.
Wasukuma, wakhothama, ubuso bakhe bubheke phansi , wathi: Bheka, incekukazi yakho mayibe yisigqilakazi sokugeza izinyawo zezinceku zenkosi yami.
UDavide wayesethi ku -Uriya: Yehla uye endlini yakho, ugeze izinyawo zakho. U-Uriya waphuma endlini yenkosi , kwamlandela isipho sokudla esivela enkosini.
Naye uMefibosheti indodana kaSawule wehla ukuhlangabeza inkosi ; wayengalungisanga izinyawo zakhe , engalungisanga nesil evu sakhe , engahlanzanga futhi izingubo zakhe , kwasukela osukwini inkosi eyamuka ngalo kwaze kwaba lusuku owabuya ngalo ngokuthula.
Wafika kumuntu kaNkulunkulu entabeni , wabamba izinyawo zakhe . UGehazi wasondela ukuba amxoshe , kepha umuntu kaNkulunkulu wathi : Myeke, ngokuba inhliziyo yakhe imunyu phakathi kwakhe ; uJehova ungifihlele lokho, kangitshelanga.
futhi angisayikuzulisa izinyawo zika-Israyeli, zisuke ezweni engalinika oyise, uma beyakugcina kuphela ukwenza njengakho konke engibayale ngakho nanjengawo wonke umthetho eyabayala ngawo inceku yami uMose.
bona abamicibisholo yabo ibukhali , nayo yonke iminsalo yabo insaliwe ; izinyawo zamahhashi abo ziyakubalwa njengensengetsha , namasondo abo njengesivunguvungu.
Ngaphezu kwakhe kwakumi amaserafi ; yilelo nalelo lalinamaphiko ayisithupha; ngamabili lamboza ubuso , nangamabili lamboza izinyawo , nangamabili landiza.
Ngikhumulile isambatho sami , ngingasifaka kanjani ? Ngigezile izinyawo zami, ngingazingcoliselani na?
Zinhle kangakanani izinyawo zakh o ezicathulweni zazo , wena ndodakazi yesikhulu! Amathanga akho ayizindilinga anjengemihlobiso, umsebenzi wezandla zengcweti.
ufaka izinyawo zami ezingongolweni , uqaphela zonke izind lela zami , uzidwebela umudwa ngasematheni ezinyawo zami,
Ngakwesokunene kuvuka amachwensa ; agudlumeza izinyawo zami , anginqwabelela izindlela zokubhubhisa.
Wangikhipha emgodini wokubhujiswa odakeni lobishi , wamisa izinyawo zami edwaleni, waqinisa izinyathelo zami.
Zimnandi kangakanani ezintabeni izinyawo zoletha izindaba ezinhle , nomemezela ukuthula , obika izindaba ezinhle , ezwakalise ukusindiswa , oshoyo kulo iSiyoni ukuthi: UNkulunkulu wakho uyinkosi.
Izinyawo zabo zigijimela ebubini , bashesha ukuchitha igazi elingenacala ; imicabango yabo iyimicabango yobubi ; incithakalo nokubhujiswa kusezindleleni zabo.
Mnikeni uJehova uNkulunkulu wenu udumo , engakalihlwisi, futhi zingakakhubeki izinyawo zen u ezintabeni zokuhwelela , nothi nisabheka ukukhanya, akuphendule ithunzi lokufa, akwenze kube yisigayegaye.
Usho kanje uJehova ngalaba bantu , uthi: Bathanda ukuzula kanjalo , abazibambi izinyawo zabo ; uJehova akathokozi ngabo ; manje uyakubukhumbula ububi babo, azihambele izono zabo.
Makuzwakale ukukhala e zindlini zabo , lapho ubehlisela impi ngokuzumayo, ngokuba bembile umgodi wokungibamba , bafihlela izinyawo zami izingibe.
Bheka, bonke abesifazane abasele endlini yenkosi yakwaJuda bayakukhishelwa izikhulu zenkosi yaseBabele ; bheka, bayakuthi: Abahlobo bakho abakhulu bakududile , bakwahlula; kepha lapho izinyawo zakh e zishone exhaphozini, babuyele emuva.
Ephezulu ungithumele umlil o emathanjeni ami , wawahlula; wenekele izinyawo zami inetha , wangibuyisela emuva. Ungenze incithakalo, ngiphele amandla usuku lonke.
Njengalokho wabona izinyawo nezinzwani , inxenye iyibumba lombumbi , inxenye insimbi, uyakuba ngumbuso owahlukeneyo ; kepha kuyakuba kuwo amandla ensimbi, njengokuba wabona insimbi ixubene nebumba lodaka.
Bheka ezintabeni izinyawo zoletha izindaba ezinhle, omemezela ukuthula. Gubha imikhosi yakho , Juda, ugcwalise izithembiso zakho , ngokuba omubi akasayikudabula kuwe; unqunyiwe ngokupheleleyo.
UJehova, iNkosi yami , ungamandla ami , wenza izinyawo zami zibe njengezezindluzelekazi, angenze ukuba ngihambe ezindaweni zami eziphakemeyo. Kumholi wokuhlabelela. Ngogubhu.
Izinyawo zakh e ziyakuma ngalolo suku eNtabeni Yeminqumo ephambi kweJerusalema ngasempumalanga, iNtaba Yeminqumo iqhekezeke phakathi ngasempumalanga nangasentshonalanga , kube yisigodi esikhulu kakhulu ; inxenye yentaba iyakuqhekezekela ngasenyakatho nenxenye ngaseningizimu.
Khona inkosi yathi ezincekwini : Mbopheni izinyawo nezandla, nimphonse ebumnyameni obungaphandle ; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.
ukubakhanyisela abahlezi ebumnyameni nasethunzini lokuf a nokuqondisa izinyawo zethu endleleni yokuthula.
wema emuva ngasezinyaweni zakhe ekhala , waqala ukumatisa izinyawo zakhe ngezinyembezi , wazesula ngezinwele zekhanda lakhe , wazanga izinyawo zakhe, wazigcoba ngamafutha.
Ephendukela kowesifazane wathi kuSimoni : Uyambona lo wesifazane na ? Ngingene endlini yakho , awunginikanga amanzi ezinyawo , kepha yena uzimatisile izinyawo zami ngezinyembezi, wazesula ngezinwele zakhe.
UMariya kwakunguye owagcoba iNkosi ngamafutha , wesula izinyawo zayo ngezinwele zakhe, omnewabo uLazaru wayegula.
Waphuma ofileyo eboshwe izinyawo nezandla ngezindwangu, ubuso bakhe bumboziwe ngeduku. UJesu wathi kubo: Mthukululeni, nimyeke ahambe. Umphakathi unquma ukumbulala uJesu
UMariya wayesethatha ilitra lamafutha enadi lodwa elinenani elikhulu , wagcoba izinyawo zikaJesu, wesula izinyawo zakhe ngezinwele zakhe ; indlu yagcwala iphunga lamafutha.
Emva kwalokho wathela amanzi emcengezini , waqala ukugeza izinyawo zabafundi, wazesula ngendwangu abekhwice ngayo.
UPetru wathi kuye : Awusoze wageza izinyawo zami naphakade . UJesu waphendula wathi: Uma ngingakugezi, awunasabelo nami.
UJesu wathi kuye: Ogeziweyo kadingi lutho, kuphela ukugezwa izinyawo, kepha ugezekile wonke. Nina-ke nigezekile, kodwa angisho nonke.
Esegeze izinyawo zabo wathabatha izingubo zakhe , wabuye wahlala, wathi kubo: Niyakwazi yini engikwenzile kini na?
Kepha uPetru wathi kuye : Kungani ukuba nivume lene ngokulinga uMoya weNkosi na? Bheka, izinyawo zabambele indoda yakho zisemnyango , nawe bazakukukhiphela phandle.
yena eyaliwe kanjalo wabaphonsa etilongweni elingaphakathi, wabopha izinyawo zabo ogongolweni. Ukuphenduka komgciniziboshwa
yena wafika kithi , wathatha uqhotho lukaPawulu , wazibopha izinyawo nezandla, wathi: Usho njalo uMoya oNgcwele , uthi: U muntu olungolwakhe lolu qhotho abaJuda bazakumbopha kanje eJerusalema , bamkhaphele ezandleni zabezizwe.
Bayakushumayela kanjani , uma bengathunywa na ? Njengokulotshiweyo ukuthi: Yeka, zinhle izinyawo zabashumayela izindaba ezinhle.