Skip to Content

KwabaseRoma Chapter 10

1 Bazalwane, ukulangazela kwenhliziyo yami nokunxusa kwami kuNkulunkulu ngabo kungukuba basindiswe. 2 Ngokuba ngiyabafakazela ukuthi bashisekela uNkulunkulu kodwa kungengokuqonda; 3 ngokuba bengakwazi ukulunga kukaNkulunkulu , befuna ukumisa okwabo , abakuthobelanga ukulunga kukaNkulunkulu. 4 Ngokuba isiphetho somthetho nguKristu , kube ngukulunga kubo bonke abakholwayo. 5 Ngokuba uMose uloba ukuthi umuntu owenza ukulunga okuvela emthethweni uyakuphila ngakho. 6 Kepha ukulunga okuvela ngokukholwa kusho kuthi : Ungasho enhliziyweni yakho ukuthi: Ngubani ozakwenyukela ezulwini na ? okungukuthi ukwehlisa uKristu, 7 nokuba: Ngubani ozakwehlela kwalasha na ? okungukuthi ukukhuphula uKristu kwabafileyo. 8 Kepha kuthini na ? Izwi liseduze nawe , emlonyeni wakho nasenhliziyweni yakho, okungukuthi izwi lokukholwa esilishumayelayo. 9 Ngokuba uma uvuma ngomlomo wakho ukuthi uJesu uyiNkosi , ukholwa enhliziyweni yakho ukuthi uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo , uyakusindiswa; 10 ngokuba umuntu ukholwa ngenhliziyo kube ngukulunga , ngomlomo uyavuma kube ngukusindiswa. 11 Ngokuba umbhalo uthi: Lowo okholwayo akayikujabhiswa. 12 Ngokuba akukho mahluko phakathi komJuda nomGreki , lokhu yena uyiNkosi yabo bonke, ubacebele bonke abakhuleka kuye, 13 ngokuba bonke abayakukhuleka egameni leNkosi bayakusindiswa. 14 Kepha bayakukhuleka kanjani kuye abangakholwanga nguye na ? Bayakukholwa kanjani abangezwanga ngaye na ? Bayakuzwa kanjani , kungekho oshumayelayo na? 15 Bayakushumayela kanjani , uma bengathunywa na ? Njengokulotshiweyo ukuthi: Yeka, zinhle izinyawo zabashumayela izindaba ezinhle. 16 Kodwa abalilalelanga bonke ivangeli . Ngokuba u -Isaya uthi : Nkosi, ngubani owakholwa ngesikuzwileyo na? 17 Ngalokho-ke ukukholwa kuvela ngokuzwa , ukuzwa kuvela ngezwi likaKristu. 18 Kepha ngithi : Abezwanga yini na ? Yebo, impela: Izwi labo liphumele emhlabeni wonke, nokusho kwabo kuye nasemikhawulweni yelakhiweyo. 19 Kepha ngithi : U-Israyeli wayengaqondi na ? Kuqala, uMose uthi : Mina ngiyakunivusela umhawu ngabangesiso isizwe , nginithukuthelise ngesizwe esingenangqondo. 20 Kepha u-Isaya unesibindi sokuthi: Ngafunyanwa yilabo abangangifunanga, ngabonakala kulabo abangangibuzanga. 21 Kodwa ngo -Israyeli uthi: Usuku lonke ngelulela izandla zam i kuso isizwe esingalaleliyo nesiphikayo.