NgokukaJohane Chapter 12
1
Ngakho kuseyizinsuku eziyisithupha ngaphambi kwePhasika , uJesu wafika eBethaniya, lapho wayekhona uLazaru uJesu amvusa kwabafileyo.
2
Base bemenzela ukudla khona ; uMarta wayephaka , kepha uLazaru wayengomunye wababehlezi ekudleni naye.
3
UMariya wayesethatha ilitra lamafutha enadi lodwa elinenani elikhulu , wagcoba izinyawo zikaJesu, wesula izinyawo zakhe ngezinwele zakhe ; indlu yagcwala iphunga lamafutha.
4
Kepha uJuda Iskariyothe , omunye wabafundi bakhe obezakumkhaphela , wathi:
5
Yini ukuba lawa mafutha engathengiswanga ngawodenariyu abangamakhulu amathathu, kwaphiwa abampofu, na?
6
Washo lokho kungengokuba ekhathalele abampofu, kepha ngokuba eyisela, ephethe isikhwama, eba okufakwa kuso.
7
Ngakho uJesu wathi : Myeke ukuba awalondolozele usuku lokumbelwa kwami.
8
Ngokuba abampofu ninabo njalo, kepha mina aninami njalo.
9
Ngakho isixuku esikhulu sabaJuda sezwa ukuthi ulapho . Beza-ke kungengenxa kaJesu kuphela , kepha nokuba babone uLazaru abemvusile kwabafileyo.
10
Kepha abapristi abakhulu benza icebo lokuba babulale noLazaru,
11
ngokuba ngenxa yakhe abaningi babaJuda bamuka bakholwa nguJesu. UJesu ungena eJerusalema (Math. 21:1; Mark. 11:1; Luk. 19:29)
12
Ngangomuso abantu abaningi abafike emkhosini sebezwile ukuthi uJesu uyeza eJerusalema,
13
bathatha amahlamvu esundu, baphuma ukumhlangabeza. Bamemeza bathi: Hosiyana! Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi, yebo, iNkosi ka-Israyeli.
14
UJesu esefumene i mbongolo entsha wakhwela kuyo njengokulotshiwe ukuthi:
15
Ungesabi, ndodakazi yaseSiyoni; bheka, iNkosi yakho iza, ikhwele etholeni lembongolo.
16
Lokho abafundi bakhe abakuqondanga ekuqaleni; kodwa esekhazimulisiwe uJesu, base bekhumbula ukuthi kulotshiwe lokho ngaye nokuthi babekwenzile lokho kuye.
17
Ngakho safakaza isixuku esasinaye , lapho ebiza uLazaru aphume ethuneni , emvusa kwabafileyo.
18
Ngenxa yalokho isixuku saya samhlangabeza , ngokuba sase sizwile ukuthi wayesenzile leso sibonakaliso.
19
Ngakho abaFarisi bakhuluma bodwa, bathi: Niyabona ukuthi anisizi lutho ; bheka, izwe lonke liyamlandela. UJesu ukhuluma ngokufa kwakhe
20
Kwakukhona amaGreki athile phakathi kwababenyuka ukuba bakhuleke emkhosini.
21
Lawo-ke aya kuFiliphu waseBetsayida laseGalile , acela kuye, athi: Nkosi, sithanda ukubona uJesu.
22
UFiliphu weza wamtshela u -Andreya. Weza u -Andreya noFiliphu , basho kuJesu.
23
UJesu waphendula, wathi kubo: Sesifikile isikhathi sokuba ikhazimuliswe iNdodana yomuntu.
24
Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini : Uma inhlamvu kakolweni iwela emhlabathini ingafi, ihlala yodwa; kepha uma ifa, ithela izithelo eziningi.
25
Lowo othanda ukuphila kwakhe ulahlekelwa yikho , nozonda ukuphila kwakhe kuleli zwe uyakukulondela ukuphila okuphakade.
26
Uma umuntu engikhonza , akangilandele; nalapha ngikhona mina , soba khona nesikhonzi sami. Uma umuntu engikhonza, uBaba uyakumazisa lowo.
27
Kalokhu umphefumulo wami ulusizi , ngizakuthini na ? Baba, ngisindise kulo mzuzu. Kodwa ngenxa yalokhu ngize kulo mzuzu.
28
Baba, khazimulisa igam a lakho . Kwase kufika izwi livela ezulwini , lithi: Ngilikhazimulisile, ngobuye ngilikhazimulise.
29
Ngakho abantu ababemi bezwa bathi : Beliduma; abanye bathi : Ingelosi ikhulume kuye.
30
UJesu waphendula wathi : Leli zwi alizanga ngenxa yami kepha ngenxa yenu.
31
Kalokhu kungukwahlulelwa kwaleli zwe ; kalokhu umbusi waleli zwe uzakuxoshwa.
32
Mina, nxa ngiphakanyiswa emhlabeni, ngiyakubadonsela kimi bonke.
33
Lokho-ke wakusho efanekisa ukufa okumfanele afe ngakho.
34
Ngakho isixuku samphendula sathi : Sizwile emt hethweni ukuthi uKristu uyakuma phakade ; usho kanjani wena ukuthi iNdodana yomuntu imelwe ukuphakanyiswa na? Ingubani le Ndodana yomuntu na?
35
Wayesethi kubo uJesu : Kuseyisikhashana ukukhanya kukhona kini . Hambani nise nokukhanya , ukuze ubumnyama bunganeh leli. Ohamba ebumnyameni akazi ukuthi uya ngaphi.
36
Nise nokukhanya kholwani ngukukhanya , ukuze nibe ngabantwana bokukhanya. Washo lokho uJesu, wamuka, wasithela kubo. Ukwahlulelwa kwabaJuda ngokungakholwa kwabo
37
Kepha noma ebezenzile izibonakaliso ezinga ka phambi kwabo , abakholwanga nguye
38
ukuba izwi lika -Isaya umprofethi ligcwaliseke , alikhuluma lokuthi: Nkosi, ngubani owakholwa ngukushumayela kwethu na ? Ingalo yeNkosi yambulelwa bani na?
39
Ngalokho babengekholwe, ngokuba u-Isaya washo futhi ukuthi:
40
Uphuphuthekisile amehlo abo , wayenza lukhuni inhliziyo yabo , funa babone ngamehlo, baqonde ngenhliziyo, baphenduke, ngibaphulukise.
41
U-Isaya wakusho lokho , ngokuba ebona inkazimulo yakhe , ekhuluma ngaye.
42
Nokho abaningi nasezikhulwini bakholwa nguye, kodwa ngenxa yabaFarisi abakuvumanga, funa bakhishwe esinagogeni;
43
ngokuba babethanda udumo lwabantu kunodumo lukaNkulunkulu.
44
Khona uJesu wamemeza wathi : Okholwa yimi kakholwa yimi kepha ngongithumileyo.
45
Obona mina ubona ongithumileyo.
46
Ngize ezwe ni ngingukukhanya ukuba yilowo nalowo okholwa yimi angahlali ebumnyameni.
47
Uma umuntu ezwa amazwi ami engawalondi , lowo angimahluleli mina , ngokuba angizanga ukuba ngahlulele izwe, kepha ukuba ngisindise izwe.
48
Ongalayo engawamukeli amazwi ami unomahlu lelayo; izwi engalikhulumayo yilona eliyakumahlulela ngosuku lokugcina.
49
Ngokuba mina angikhulumanga ngokwami , kodwa uBaba ongithumileyo nguye onginike umyalo wokuba ngizakuthini, ngikhulumeni.
50
Ngiyazi ukuthi umyalo wakhe ungukuphila okuphakade . Ngakho-ke lokho engikukhulumayo ngikukhuluma njengalokho uBaba angitshela khona.