NgokukaJohane Chapter 13
1
Kwathi ngaphambi komkhosi wePhasika uJesu azi ukuthi isikhathi sakhe sesifikile ukuba amuke kuleli zwe , aye kuYise , ebathandile abakhe abasezweni wabathanda kwaze kwaba sekupheleni.
2
Sekudliwa, uSathane esekufake enhliziyweni kaJuda Iskariyothe kaSimoni ukuba amkhaphele,
3
uJesu ekwazi ukuthi uYise unikele konke ezandleni zakhe nokuthi wavela kuNkulunkulu, futhi ubuyela kuNkulunkulu,
4
wasuka ekudleni , wabeka izingubo zakhe , wathabatha indwangu , wakhwica.
5
Emva kwalokho wathela amanzi emcengezini , waqala ukugeza izinyawo zabafundi, wazesula ngendwangu abekhwice ngayo.
6
Wafika-ke kuSimoni Petru . Wathi kuye : Nkosi, wena ugeza izinyawo zami na?
7
UJesu waphendula , wathi kuye : Lokhu engikwenzayo awukwazi manje , kodwa uzakukuqonda emva kwalokhu.
8
UPetru wathi kuye : Awusoze wageza izinyawo zami naphakade . UJesu waphendula wathi: Uma ngingakugezi, awunasabelo nami.
9
USimoni Petru wa thi kuye : Nkosi, akungabi yizinyawo zodwa kepha nezandla nekhanda.
10
UJesu wathi kuye: Ogeziweyo kadingi lutho, kuphela ukugezwa izinyawo, kepha ugezekile wonke. Nina-ke nigezekile, kodwa angisho nonke.
11
Ngokuba emazi obezakumkhaphela kungalokho athi: Anigezekile nonke.
12
Esegeze izinyawo zabo wathabatha izingubo zakhe , wabuye wahlala, wathi kubo: Niyakwazi yini engikwenzile kini na?
13
Ningibiza nithi: Mfundisi, Nkosi; nisho kahle, ngokuba ngiyikho.
14
Uma-ke mina, iNkosi noMfundisi, ngigeze izinyawo zenu, nani-ke nifanele ukugezana izinyawo.
15
Ngokuba ngininikile isibonelo ukuba nenze nani njengokuba ngenzile kini.
16
Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini : Inceku ayinkulu kunenkosi yayo , nothunyiweyo kamkhulu kunomthumileyo.
17
Uma nazi lokho, nibusisiwe uma nikwenza.
18
Angikhulumi ngani nonke ; ngiyabazi engibakhethileyo ; kodwa nga kugcwaliseka umbhalo othi : Odla isinkwa sami ungiphakamisele isithende sakhe.
19
Kusukela manje ngiyanitshela kungakenzeki ukuba , nxa sekwenzeka , nikholwe ukuthi nginguye.
20
Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini : Owamukela engimthumayo wamukela mina; ongamukelayo mina wamukela ongithumileyo. UJesu ukhuluma ngokukhashelwa kwakhe (Math. 26:20; Mark. 14:17; Luk. 22:7)
21
UJesu eseshilo lokho wakhathazeka emoyeni , wafakaza wathi: Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Omunye wenu uyakungikhaphela.
22
Abafundi babhekana bengabaza ukuthi ukhuluma ngobani.
23
Kwakuhlezi ekudleni omunye wabafundi bakhe uJesu amthandayo, encike esifubeni sikaJesu.
24
USimoni Petru wayesemqhweba ethi : Yisho ukuthi ubekhuluma ngobani na?
25
Yena encike esifubeni sikaJesu wathi kuye: Nkosi, ngubani na?
26
Ngakho waphendula uJesu , wathi: Yilowo engiyakumcwilisela ucezu , ngimnike lona. Eselucwilisile-ke ucezu, walunika uJuda Iskariyothe.
27
Emva kocezu uSathane waye sengena kuye . Wayesethi kuye uJesu : Okwenzayo kwenze masinyane.
28
Kepha akabakho kwababehlezi ekudleni owayekwazi lokho ukuthi ukusho ngani kuye.
29
Kepha abanye bacabanga ukuthi , ngokuba uJuda ephethe isikhwama , uJesu uthi kuye : Thenga esikuswele emkhosin i, noma ukuthi kabele abampofu okuthile.
30
Kuthe eseluthathile ucezu waphuma masinyane; kwakuse busuku. Ukukhazimuliswa kukaJesu; umyalo wokuthandana; uJesu uthi uzophikwa nguPetru
31
Ngakho esephumile , uJesu wathi : Kalokhu iNdodana yomuntu ikhazimulisiwe, noNkulunkulu ukhazimulisiwe kuyo.
32
Uma uNkulunkulu ekhazimulisiwe kuyo, noNkulunkulu uyakuyikhazimulisa kuye, uyakuyikhazimulisa masinyane.
33
Bantwanyana, ngise khona nani isikhashana . Niyakungifuna, nanjengalokho ngasho kubaJuda ukuthi lapho ngiya khon a ningeze nina , ngisho nakinina manje.
34
Ngininika umyalo omusha wokuba nithandane; njengalokhu nginithandile, nani nithandane.
35
Ngalokho bonke bayakukwazi ukuthi ningabafundi bami, uma nithandana.
36
USimoni Petru wathi kuye : Nkosi, uya ngaphi na ? UJesu waphendula wathi: Lapho ngiya khona , ungengilandele kalokhu; kepha uyakungilandela kamuva.
37
Wathi kuye uPetru: Nkosi, ngingekulandele kalokhu ngani na? Ngizakudela ukuphila kwami ngenxa yakho.
38
UJesu waphendula wathi : Uzakudela ukuphila kwakho ngenxa y ami na ? Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe : Iqhude alizukukhala, ungakangiphiki kathathu.