IzAga Chapter 29
1
Umuntu osolwayo , onentamo elukhuni kodwa , uyakwaphulwa ngokuphazima kweso, engenakuphulukiswa.
2
Abantu bayathokoza ngokwanda kwabalungileyo , kepha ngokubusa kwababi abantu bayabubula.
3
Umuntu othanda ukuhlakanipha uthokozisa uyise, kepha umngane wezifebe uchitha imfuyo yakhe.
4
Inkosi iqinisa izwe ngokwahlulela, kepha umuntu olithelisayo uyalichitha.
5
Umuntu othopha umakhelwane wakhe wenekela izinyawo zakhe inetha.
6
Esiphambekweni somuntu omub i kukhona ugibe , kepha olungileyo uyenanela, athokoze.
7
Olungileyo uyazi indaba yabampofu, kepha omubi akayiqondi.
8
Abantu abayizideleli bavusa umuzi , kepha abahlakaniphileyo babuyisa ulaka.
9
Uma ohlakaniphileyo ephikisene nesiwula , siyadlova sihleke , nokuthula akukho.
10
Abantu begazi bayazonda opheleleyo , kepha abaqotho banaka umphefumulo wakhe.
11
Isiwula sikhipha lonke ulaka lwaso , kepha ohlakaniphileyo uyalugodla ekugcineni.
12
Uma umbusi elalela indaba yamanga, zonke izinceku zakhe zimbi.
13
Ompofu no cindezelayo bandawonye ; uJehova ukhanyisa amehlo abo bobabili.
14
Inkosi eyahlulela abampofu ngeqiniso , isihlalo sayo sobukhosi siyakuma phakade.
15
Uswazi nokusola kuyanika ukuhlakanipha , kepha umntwana oyekwayo uyahlazisa unina.
16
Ngokwanda kwababi kuya nda iziphambeko, kepha abalungileyo bayakubuka ukuwa kwabo.
17
Yilaye indodana yakho , iyakukuphumuza, yebo, iyakuthokozisa umphefumulo wakho.
18
Lapho kungekho mbono khona , abantu bayadlubulunda , kepha ogcina umthetho ubusisiwe.
19
Inceku ayisolwa ngamazwi, ngokuba noma iqonda ayilaleli.
20
Uyabona umuntu oshesha ngamazwi na ? Kukhona ithemba ngesiwula kunangaye.
21
Inceku ekhuliswa kahle kwasebuntwaneni iyakuba yindodana ekugcineni.
22
Umuntu onolaka uvusa ukuxabana , nomuntu ofuthekayo uvama ukuphambeka.
23
Ukuzidla komuntu kuyamthobisa , kepha onomoya othobekileyo uyazuza udumo.
24
Ohlanganyela nesela uzonda umphefumulo wakhe; uyezwa isifungo, kepha akasidaluli.
25
Ukwesaba abantu kubeka ugibe, kepha owethemba uJehova uyalondeka.
26
Abaningi bafuna ubuso bombusi , kepha ukwahlulelwa komuntu kuvela kuJehova.
27
Umuntu owonakeleyo uyisinengiso kwabalungileyo , noqotho endleleni uyisinengiso komubi.