Skip to Content

AmaHubo Chapter 40

1 Bengilindela uJehova; wayesezikhothamisela kimi, wezwa ukukhala kwami. 2 Wangikhipha emgodini wokubhujiswa odakeni lobishi , wamisa izinyawo zami edwaleni, waqinisa izinyathelo zami. 3 Wabeka igama elisha emlonyeni wami , igama lokubonga uNkulunkulu wethu; abaningi bayakukubona, besabe, bamethembe uJehova. 4 Ubusisiwe umuntu obeka ithemba lakhe kuJehova , ongaphendukeli kwabazidlayo nakwabaphambukela emangeni. 5 Jehova Nkulunkulu wami, ziningi izimangaliso zakho ozenzileyo, nezizindlo zakho ngathi ; akukho okungafaniswa nawe ; uma ngiyilanda , ngiyisho, miningi kunokuba ibalwe. 6 Umhlatshelo nomnikelo wokudla awuwuthandi ; izindlebe zami uzibhobozile; umnikelo wokushiswa nomnikelo wesono awuwubizi. 7 Ngase ngithi : Bheka, ngiyeza; encwadini esongwayo kulotshiwe ngami ukuthi: 8 Ngiyathanda ukwenza intando yakho, Nkulunkulu wami, nomthetho wakho usenhliziyweni yami. 9 Ngishumayelile ukulunga ebandleni elikhulu; bheka, angizivalanga izindebe zami; Jehova, wena uyakwazi. 10 Ukulunga kwakho angikuthukusanga enhliziyweni yami ; ngashumayela ukukholeka kwakho nensindiso yakho ; umusa wakho neqiniso lakho angikufihlelanga ibandla elikhulu. 11 Wena Jehova ungangigodleli ububele bakho; umusa wakho neqiniso lakho makungilonde njalo. 12 Ngokuba izinhlupheko ezingenakubalwa zingihaqile , iziphambeko zami zingificile, angaze ngaba nakubona ; ziningi kunezinwele zekhanda lami ; inhliziyo yami ingishiyile. 13 Makuthandeke kuwe Jehova ukuba ungikhulule ; Jehova, mawuphuthume ungisize. 14 Mabajabhe, babe namahloni bonk e abafuna umphefumulo wami ukuba bawuhlwithe; abafisa ukulimala kwami mababuyiselwe emuva, bajabhiswe. 15 Mabashaqeke ngenxa yehlazo labo abathi kimi: Ashila, ashila! 16 Mabethabe, bajabule kuwe bonke abakufunayo; abathanda insindiso yakho mabasho njalo, bathi: Makadunyiswe uJehova. 17 Noma ngihlupheka , ngimpofu, iNkosi iyanginaka ; wena ungumsizi wami noMsindisi wami; Nkulunkulu wami, mawungalibali.