Skip to Content

AmaHubo Chapter 39

1 Ngithe: Ngizakulinda izindlela zam i ukuba ngingoni ngolimi lwami ; ngizakugcina umlomo wami ngesifonyo , omubi esekhona pham bi kwamehlo ami. 2 Ngabindela impela, ngathula nakukho okuhle; kwavuswa ubuhlungu bami. 3 Inhliziyo yami yavutha phakathi kwami ; kwaphembeka umlilo ngisazindla; ngakhuluma ngolimi lwami. 4 Jehova, ngazise ukuphela kwami , nesilinganiso sezinsuku zami ukuba siyini; mangazi ukuthi ngingodlulayo. 5 Bheka, izinsuku zami wazenza zaba ngangobubanzi besandla ; imihla yokuphila kwami ayilutho kuwe ; impela yilowo nalowo muntu ungumoya nje, noma eqine kangakanani. Sela 6 Impela umuntu uhamba njengesithunzi nje ; impela uzikhathaza ngokuyize nje; unqwabela imfuyo, kepha akazi ukuthi ngubani ozakuyibutha. 7 Kalokhu-ke, Nkosi, ngilindele ntoni na? Ithemba lami likuwe. 8 Ngisindise kuzo iziphambeko zami, ungangenzi isithuko sesiwula. 9 Ngiyathula, angivuli umlomo wami; ngokuba nguwe okwenzileyo. 10 Susa kimi ukushaya kwakho, ngokuba ngiyaqedwa ngukushaywa yisandla sakho. 11 Nxa ulaya umuntu ngesijeziso ngenxa yeziphambeko, ubuhle bakhe ubenza buphele njengenundu; yilowo nalowo muntu ungumoya nje. Sela 12 Yizwa umkhuleko wami , Jehova, ulalele ukumemeza kwami ; ungathuli ngezinyembezi zami , ngokuba ngingumfokazi kuwe ; ngiyisihambi njengokhokho bami bonke. 13 Yeka ukungibuka , ngize ngincibilike , ngingakamuki lapha , ngingabe ngisabakho.