Skip to Content

AmaHubo Chapter 38

1 Jehova, ungangijezisi ngentukuthelo yakho, ungangishayi ngolaka lwakho. 2 Ngokuba imicibisholo yakho ingihlabile ; isandla sakho singicindezele kanzima. 3 Akukho ukuphila enya meni yami ngenxa yentukuthelo yakho ; akukho ukuthula emathanjeni ami ngenxa yesono sami. 4 Ngokuba iziphambeko zami zeqile phezu kwekhanda lami ; njengomthwalo osindayo ziyangisinda. 5 Izilonda zami ziyanuka, zichicha ubovu ngenxa yobuwula bami. 6 Ngikhonkobele, ngithotshisiwe kakhulu; usuku lonke ngihamba ngilila. 7 Ngokuba ukhalo lwami lutshutshumba kakhulu ; akukho ukuphila enyameni yami. 8 Ngibuthakathaka, ngidubekile kabi ; ngiyakhala ngenxa yokugqiha kwenhliziyo yami. 9 Nkosi, ukufisa kwami konke kuphambi kwa kho; ukububula kwami akufihlekile kuwe. 10 Inhliziyo yami iyagquma kakhulu ; amandla ami angishiyile , ngisho nokukhanya kwamehlo ami akusekho kimi. 11 Abathandekayo bami nabahlobo bam i bemi kude nokuhlupheka kwami ; abakwethu bemi kude laphaya. 12 Abafuna umph efumulo wami bayangicupha ; abafuna ukungilimaza bakhuluma okubi, bazindla inkohliso usuku lonke. 13 Mina kodwa nginjengesithulu , angizwa; nginjengesimungulu esingavuli umlomo waso. 14 Yebo, nginjengomuntu ongezwayo; akukho ukuphikisa emlonyeni wakhe. 15 Ngokuba ngithemba wena Jehova ; wena Nkosi Nkulunkulu wami uzakuphendula. 16 Ngokuba ngithe : Funa bajabule ngami , ekusheleleni konyawo lwami bazikhukhumeze ngami. 17 Ngokuba ngiseduze kokuwa , nobuhlungu bami buphambi kwami ngezikhathi zonke. 18 Ngokuba ngiyabika ukona kwami; ngiyadabuka ngesono sami. 19 Kepha izitha zami ziphilile, zinamandla; baningi abangizonda ngeze. 20 Abaphindisela okubi ngokuhle bamelene nami , ngokuba ngilandela okulungileyo. 21 Ungangishiyi, Jehova; Nkulunkulu wami, ungabi kude nami. 22 Phuthuma, ungisize, Nkosi, nsindiso yami.