AmaHubo Chapter 37
1
Ungazikhathazi ngababi, ungabi namhawu ngabenza okungalungile.
2
Ngokuba bayakusikwa masinyane njengotshani , babune njengemithana eluhlaza.
3
Themba kuJehova , wenze okulungileyo ; hlala ezwen i, uzondle ngokukholeka;
4
zithokozise ngoJehova, yikhona ezakukunika okufiswa yinhliziyo yakho.
5
Nikela indlela yakho esandleni sikaJehova, umethembe; yena uzakukwenza.
6
Uzakuhlalukisa ukulunga kwakho njengokukhanya , nokufanele wena njengemini.
7
Thula ph ambi kukaJehova , ulindele yena ; ungakhathazeki ngonenhlanhla endleleni yakhe, ngomuntu osongoza amacebo amabi.
8
Pheza ukuthukuthela; yeka ulaka, ungakhathazeki; kubanga ukona nje.
9
Ngokuba ababi bazakuchithwa , kepha abalindela uJehova bazakudla ifa lomhlaba.
10
Kuse ngumzuzwana , omubi angabe esabakho ; kuyakuthi lapho uhlola indawo yakhe, uyakube engasekho.
11
Kepha abathobekileyo bazakulidla ifa lomhlaba , bathokoze ngokuthula okukhulu.
12
Omubi uyamsongela olungileyo ngokubi, amgedlele amazinyo.
13
INkosi iyakumhleka, ngokuba iyabona ukuthi usuku lwakhe luyeza.
14
Ababi bahosha inkemba , bansale umnsalo wab o ukuba bamwise phansi ohluphekileyo nompofu, babulale abandlela ilungile.
15
Inkemba yabo izakungena kweyabo inhliziyo, iminsalo yabo yaphulwe.
16
Okuncane anakho olungileyo kungcono kunemfuyo yababi abaningi.
17
Ngokuba izingalo zababi ziyakwaphulwa , kepha uJehova uyabaphasa abalungileyo.
18
UJehova uyazazi izinsuku zabaqotho ; ifa labo liyakuma kuze kube phakade.
19
Abayikujabha esikhathini esibi; bayakusutha ezinsukwini zendlala.
20
Ngokuba ababi bayakubhubha; izitha zikaJehova zinjengobuhle bamadlelo: ziyakunyamalala, zinyamalale njengentuthu.
21
Omubi uyatsheleka, angabuyiseli; kepha olungileyo unesihawu, aphane.
22
Ngokuba ababusisiweyo bakhe bazakulidla if a lomhlaba , kepha abaqalekiswa nguye bazakuchithwa.
23
Izinyathelo zomuntu ziqiniswa nguJehova; uyayithanda indlela yakhe.
24
Noma ekhubeka , akayikuwa phansi , ngokuba uJehova uphasa isandla sakhe.
25
Kade ngimusha, manje sengimdala; angizange ngibone olungileyo eshiyiwe nenzalo yakhe iphanza ukudla.
26
Usuku lonke uyahawukela, atsheleke, nenzalo yakhe iyisibusiso.
27
Deda kokubi, wenze okuhle, uyakuhlala kuze kube phakade.
28
Ngokuba uJehova uthanda ukulunga , akabashiyi abangcwele bakhe ; bayalondolozwa kuze kube phakade, kepha inzalo yababi iyachithwa.
29
Abalungileyo bazakudla ifa lomhlaba, bahlale kuwo njalonjalo.
30
Umlomo wolungileyo ushumayela ukuhlakanipha; ulimi lwakhe lukhuluma ukulunga.
31
Umthetho kaNkulunkulu wakhe usenhliziyweni yakhe ; izinyathelo za khe azisheleli.
32
Omubi uqaphela olungileyo, ufuna ukumbulala.
33
UJehova akayikumnikela esandleni sakhe ; akayikumlahla lapho ahlulelwa khona.
34
Lindela uJehova , ulonde indlela yakhe ; uzakukuphakamisa, udle ifa lomhlaba, ubukele lapho ababi bechithwa khona.
35
Ngambona omubi oyisidlova ezenabisile njengomuthi oluhlaza ogxilileyo;
36
kwathi lapho umuntu edlula , bheka, wayengasekho; ngamfuna, kepha akabe esafunyanwa.
37
Mbhekisise ongasolekiyo , umbone oqotho ; ngokuba umuntu wokuthula , ukugcina kwakhe kuhle.
38
Kepha abaphambukayo bayakubhujiswa bonke ; isikhathi sababi siyakunqunywa.
39
Ukusindiswa kwabalungileyo kuvela kuJehova ; uyinqaba yabo esikhathini sokuhlupheka.
40
UJehova uyabasiza, abakhulule; ubakhulula kwababi, abasindise, ngokuba bayamethemba.