Skip to Content

AmaHubo Chapter 36

1 Inkulumo yesiphamb eko komubi , isekujuleni kwenhliziyo yami , ithi: Akukho ukumesaba uNkulunkulu phambi kwamehlo akhe. 2 Ngokuba ukonakala kwakhe kuyamthopha emehlweni akhe , ukuze kungafunyanwa, azondeke ngakho. 3 Amazwi omlomo wakhe angukona nenkohliso ; ukuyekile ukuhlakaniph a nokwenza okulungileyo. 4 Uceba okubi ecansini lakhe , uzimisa endleleni engalungile ; okubi kakwenyanyi. 5 Jehova, ububele bakho bufinyelela ezulwini , nokuthembeka kwakho kuze kube semafwini. 6 Ukulunga kwakho kunjengezintaba ezinkulukazi , ukwahlulela kwak ho kulutwa olukhulu; usindisa abantu nezilwane, Jehova. 7 Ububele bakho , Nkulunkulu, buyigugu elingaka ; abantwana babantu bakhosela ethunzini lamaphiko akho. 8 Bayakusutha ngamanoni endlu yakho , ubaphuzise okomfula wokuthokoza kwakho. 9 Ngokuba ukuwe umtho mbo wokuphila ; ekukhanyeni kwakho siyakubona ukukhanya. 10 Mawume umusa wakho kubo abakwaziyo , nokulunga kwakho kubo abaqotho ngenhliziyo. 11 Unyawo loziqhenyayo malungangifikeli; nesandla somubi masingangixoshi. 12 Bheka, bawile abenza okubi; bawiswe phansi, abasenakuvuka.