Skip to Content

AmaHubo Chapter 41

1 Ubusisiwe onakekela ohluphekayo; uJehova uyakumsindisa osukwini olubi. 2 UJehova uyakumlondoloza , amphilise; uyakubusiswa emhlabeni ; awuyikumnikela entandweni yezitha zakhe. 3 UJehova uyakumphasa ecansini egula ; wena uyakuguqula ukhukho lwakhe ekuguleni kwakhe. 4 Mina ngithi: Jehova, ngihawukele, uphulukise umphefumulo wami, ngokuba ngonile kuwe. 5 Izitha zami zikhuluma okubi ngami , zithi: Uzakufa nini , igama lakhe lichitheke, na? 6 Nalapho kuza ozongibona , ukhuluma amanga ; inhliziyo yakhe izibuthela ukonakala, abesephuma akhulume ngakho. 7 Bonke abangizondayo banyenyezelana ngami: bangisongozela okubi, bathi: 8 Into embi inamathele kuye; olele phansi kasayikululama. 9 Yebo, nomhlobo wami ebengimethemba , obedla isinkwa sami , ungiphakamisele isithende sakhe. 10 Kepha wena Jehova, ngihawukele, ungilulamise, ukuze ngibaphindisele. 11 Ngalokho ngiyazi ukuthi uyangithanda, ngokuba isitha sami asihalalisi phezu kwami. 12 Mina uyangimisa ebuqothweni bami ; uyangibeka phambi kobuso bakho kuze kube phakade. 13 Makabongwe uJehova uNkulunkulu ka -Israyeli, kusukela phakade kuze kube phakade. Amen, Amen.