AmaHubo Chapter 42
1
Njengendluzele ilangazelela amanzi emifula , kanjalo umphefumulo wami ulangazelela wena Nkulunkulu.
2
Umphefumulo wami womela uNkulunkulu, uNkulunkulu ophilayo ; ngiyakufika nini, ngibonakale phambi kukaNkulunkulu, na?
3
Izinyembezi zami zingukudla kwami imini nobusuku , ngokuba usuku lonke bathi kimi: Uphi uNkulunkulu wakho na?
4
Ngiyakukhumbula lokhu , ngithulule umphefumulo wami phakathi kwami , njengalokho ngangihamba esixukwini ngiya naso endlini kaNkulunkul u ngenhlokomo yokwethaba nokubonga, ibandla ligubha umkhosi.
5
Yini ukuba udangale , mphefumulo wa mi, uyaluze phakathi kwami , na? Methembe uNkulunkulu, ngokuba ngisezakumdumis a ngokusindisa kobuso bakhe.
6
Nkulunkulu wami, umphefumulo wami udangele phakathi kwami ; ngakho- ke ngikhumbula wena ezweni laseJordani , nakwelamaHermoni, nasentabeni yaseMisari.
7
Utwa lubizana notwa ekuhlokomeni kwezimpophoma zakho ; onke amadlambi akho namaza akho eqile phezu kwami.
8
Emini uJehova uyaleza umusa wakhe ; ebusuku isihlabelelo sakhe sikimi , ngikhuleke kuNkulunkulu wokuphila kwami.
9
Ngizakuthi kuNkulunkulu, iDwala lami: Ungikhohlweleni na? Ngihambelani ngilila, ngicindezelwe yisitha, na?
10
Kunjengokuphohlozwa kwamathambo ami, nxa izitha zami zingiklolodela , zithi kimi usuku lonke: Uphi uNkulunkulu wakho na?
11
Yini ukuba udangale , mphefumulo wami , uyaluze phakathi kw ami, na? Methembe uNkulunkulu , ngokuba ngisezakumdumisa yen a oyinsindiso yobuso bami noNkulunkulu wami.