Kwabase-Efesu Chapter 6
1
Bantwana, lalelani abazali benu eNkosini, ngokuba lokho kulungile.
2
Yazisa uyihlo nonyoko, okungumyalelo wokuqala onesithembiso:
3
ukuze kube kuhle kuwe, uhlale kade emhlabeni.
4
Nani boyise , ningabathukuthelisi abantwana benu , kodwa nibondle ngokuyala nangokuqondisa kweNkosi. Iziluleko kuzo izinceku namakhosi
5
Zinceku, abangamakhosi enu ngokwenyama , balaleleni ngokwesaba nokuthuthumela ngobuqotho benhliziyo yenu kungathi kukuKristu,
6
ningathengi amehlo njengabathokozisa abantu , kodwa njengezinceku zikaKristu nenze intando kaNkulunkulu ngenhliziyo,
7
nikhonze ngothando kungathi kuseNkosini kungekubantu,
8
nazi ukuthi konke okuhle yilowo nalowo akwenzayo , uzakukwamukela okunjalo eNkosini, noma eyinceku noma engokhululekileyo.
9
Nani makhosi , yenzani okunjalo kuzo , niyeke ukusongela, nazi ukuthi neyazo neyenu iNkosi isezulwini nokuthi ukukhetha umuntu akukho kuye. Izikhali zamaKristu
10
Elokugcina, qinani eNkosini nasemandleni ayo amakhulu.
11
Hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu , ukuze nibe namandla okumelana namaqhinga kaSathane;
12
ngokuba asibambene negazi nen yama, kodwa sibambene nemibuso , namandla, nababusi bezwe balobu bumnyama , nabawomoya bobubi emkhathini.
13
Ngakho hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu ukuba nibe namandla okuzabalaza ngosuku olubi, nalapho senifeze konke, nime.
14
Ngakho yimani izinkalo z enu ziboshiwe ngeqiniso , nifakile isivikelo sesifuba sokulunga,
15
izinyawo zigqokisiwe ukulungela kukho ukushumayela ivangeli lokuthula;
16
kukho konke nithathe isihlangu sokukholwa eniyakuba namandla okucima ngaso yonke imicibisholo evuthayo yomubi,
17
namukele futhi isigqoko sensindiso , nenkemba kaMoya eyizwi likaNkulunkulu,
18
ngokukhuleka konke nokunxusa , nikhuleka ngezikhathi zonke ngoMoya ; kulokho nilinde ngesineke sonke nangokunxusela abangcwele bonke,
19
ninginxusele nami ukuba ngiphiwe izwi , nxa ngivula umlomo wami, ngize ngiyishumayele ngesibindi imfihlakalo yevangeli;
20
engiyisithunywa ngalo esiboshiwe ngamaketanga , ukuze ngikhulume ngesibindi ngalo, njengokuba kufanele ukuba ngikhulume. Isigcino
21
Kepha ukuba nani nazi okuqondene nami nalokhu e ngikwenzayo, uyakunazisa konke uThikhiku , umzalwane othandekayo nesikhonzi esikholekileyo eNkosini,
22
engamthumela kini ngakho lokho ukuba nazi izindaba zethu , nokuba aduduze izinhliziyo zenu.
23
Ukuthula makube kubazalwane , nothando kanye nokukholwa okuvel a kuNkulunkulu uYise naseNkosini uJesu Kristu.
24
Umusa mawube nabo bonke abathanda iNkosi yethu uJesu Kristu ngokunganqamukiyo.